ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 65


Isigaba 65

Isambulo esimayelana nomkhuleko esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eHiram, e-Ohio, ngomhlaka 30 Oktoba, 1831.

1–2, Izikhiye zombuso kaNkulunkulu zibekwa kubantu emhlabeni, futhi nokuhamba kwevangeli kuzophumelela; 3–6, Umbuso wasezulwini weminyaka eyinkulungwane uzofika uhlangane nombuso kaNkulunkulu osemhlabeni.

1 Lalelani, futhi bheka, izwi okungelalowo othunywe esuka phezulu, omkhulu nonamandla, ohamba ukuya emkhawulweni womhlaba, yebo, ozwi lakhe liya kubantu—Lungisani indlela yeNkosi, nenze imikhondo yayo iqonde.

2 Izikhiye zombuso kaNkulunkulu zibekwa kubantu abasemhlabeni, futhi ukusula lapho ivangeli lizoginqika njalo kuze kube sekupheleni komhlaba, njengetshe elaqheshulwa entabeni kungengazandla liyoginqika njalo, lize ligcwalise umhlaba wonke.

3 Yebo, izwi elikhalayo—Lungisani indlela yeNkosi, lungisani isidlo seMvana, lindelani uMyeni.

4 Khulekani eNkosini, memezani igama lakhe elingcwele, yazisani imisebenzi yakhe ebabazekayo phakhathi kwabantu.

5 Bizani iNkosi, ukuze umbuso wayo uqhubekele phambili emhlabeni, ukuze abantu abakuwo bawemukele, futhi balungiselele izinsuku ezizofika, lapho iNdodana yoMuntu iyoza phansi isuka ezulwini, yembethe ukukhanya kwenkazimulo yayo, ukuzohlangana nombuso kaNkulunkulu omiswe emhlabeni.

6 Ngalokho-ke, sengathi umbuso kaNkulunkulu ungaqhubeka, ukuze umbuso wasezulwini ufike, ukuze wena, O Nkulunkulu, ukhazimuliswe ezulwini nasemhlabeni, ukuze izitha zakho zinqotshwe; ngokuba olwakho udumo, namandla nenkazimulo, phakade naphakade. Amen.