ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 51


Isigaba 51

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eThompson, e-Ohio, ngomhlaka 20 Meyi, 1831. Ngalesi sikhathi abaNgcwele ababethutha besuka ezifundazweni ezingasempumalanga baqala ukufika e-Ohio, futhi kwaba nesidingo sokwenza izinhlelo zokubatholela izindawo zokuhlala. Ngoba lomsebenzi ikakhulu wawuqondene nesikhundla sikambhishobhi, umBhishobhi u-Edward Partridge wafuna umyalelo ngaloludaba, futhi umPhrofethi wabuza eNkosini.

1–8, U-Edward Partridge ubekwa ukuba alawule ubuphathi nezimpahla; 9–12, AbaNgcwele kufanele bathembeke omunye komunye futhi bafumane ngokulinganayo; 13–15, Kufanele babe nendlu yengcebo kambhishobhi futhi bahlele izimpahla ngokomthetho weNkosi; 16–20, I-Ohio kufanele kube yindawo yokuhlanganela yesikhashana.

1 Ngilaleleni, kusho iNkosi uNkulunkulu wenu, futhi ngizokhuluma encekwini yami u-Edward Partridge, futhi ngizomnika izindlela; ngokuba kunesidingo sokuthi anikwe izindlela zokuthi bazohlelwa kanjani laba bantu.

2 Ngokuba kunesidingo sokuthi bahlelwe ngokwe mithetho yami; uma kungenjalo, bazosuswa.

3 Ngalokho-ke, inceku yami u-Edward Partridge, nalabo abakhethile, engithokozile kakhulu ngabo, makahlukanisele laba bantu izingxenye zabo, wonke umuntu ngokulinganayo ngokomndeni wakhe, ngokwezimo zakhe nangezimfuno nezidingo zakhe.

4 Futhi inceku yami u-Edward Partridge, uma eyohlukanisela umuntu ingxenye yakhe, makamunike okubhaliwe okokuqinisekisa kuye ingxenye yakhe, ukuthi uyobanayo, ngisho lelilungelo nalelifa ebandleni, aze one futhi engabe esabalwa njengofanele ngezwi lebandla, njengokwemithetho nezivumelwano zebandla, ukuba abe ngowebandla.

5 Futhi uma ona futhi engabalwa njengofanele ukuba ngowebandla, ngeke abe namandla okulanda leyongxenye ayinikele kumbhishobhi ukuze kuzuze abampofu nabadingayo bebandla lami; ngakho-ke, ngeke asigcine isipho, kodwa uyoba nelungelo lokuthola kuphela leyongxenye atayitelwe ngayo.

6 Futhi ngaleyo ndlela zonke izinto ziyoqinisekiswa, ngokuhambisana nemithetho yezwe.

7 Futhi lokho okungokwalaba bantu makwahlukaniselwe laba bantu.

8 Futhi imali esale kulaba bantu—makubekhona umphatheli wabo omiselwe laba bantu, ozothatha imali abafunele ukudla nokokwembatha, ngokwezimfuno zalaba bantu.

9 Futhi wonke umuntu makathembeke omunye komunye, futhi afane nomunye phakathi kwalaba bantu, futhi afumane ngokufanayo, ukuze nibe munye, njengoba nginiyalile.

10 Futhi lokho okungokwalaba bantu makungathathwa futhi kunikwe abazalwane belinye igatsha lebandla.

11 Ngalokho-ke, uma elinye igatsha lebandla lifuna ukuthola imali kuleligatsha lebandla, malikhokhe kuleligatsha lebandla futhi njengoba beyovumelana.

12 Futhi lokhu kuyokwenziwa ngombhishobhi noma ngomphatheli, ozobekwa ngezwi lebandla.

13 Futhi phezu kwalokho, umbhishobhi makamise indlu yengcebo yaleli gatsha lebandla; futhi makuthi konke okuyimali nokudlekayo, okungaphezulu kokudingekile kwezimfuno zalaba bantu, kugcinwe ezandleni zikambhishobhi.

14 Futhi naye makazigcinele futhi ngokwezimfuno zakhe, nangokwezimfuno zomndeni wakhe, njengoba eyobe eqashelwe ukwenza lomsebenzi.

15 Futhi ngaleyo ndlela nginika kulaba bantu ilungelo lokuzihlela ngokwe mithetho yami.

16 Futhi nginikela kubo lendawo okwesikhashana, ngize mina, iNkosi, ngibalungiselele ngenye indlela, futhi ngize ngibayale ukuba bahambe kulendawo;

17 Futhi ihora nosuku akunikiwe kubo, ngalokho-ke mabasebenze kulendawo njengabazohlala iminyaka, futhi lokhu kuyoba nomphumela omuhle kubo.

18 Bhekani, lokhu kuyoba yisibonelo encekwini yami u-Edward Partridge, nakwezinye izindawo, kuwo wonke amabandla.

19 Futhi lowo otholakale engothembekile, olungile, futhi nohlakaniphile umphathi uyongena ekujabuleni kweNkosi yakhe, futhi uyodla ifa lempilo yaphakade.

20 Ngiqinisile, ngithi kini, nginguJesu Kristu, oza masinyane, ngehora eningalicabangiyo. Ngisho kanjalo. Amen.