ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 4


Isigaba 4

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi kuyise, uJoseph Smith oMdala, eHarmony, ePennsylvania, ngoFebruwari 1829.

1–4, Ukusebenza ngesibindi kusindisa abafundisi beNkosi; 5–6, Isimilo sobunkulunkulu sibanika ikhono lobufundisi; 7, Izinto zikaNkulunkulu kufanele ziphokophelelwe.

1 Manje bhekani, umsebenzi omangalisayo usuzoqala kubantwana babantu.

2 Ngakho-ke, O nina enenza umsebenzi kaNkulunkulu, bonani ukuthi nimsebenzela ngayo yonke inhliziyo yenu, nangamandla, nangomqondo, nangomfutho, ukuze nime ningenacala phambi kukaNkulunkulu ngosuku lokugcina.

3 Ngakho-ke, uma ninentshisekelo yokusebenzela uNkulunkulu nibizelwe emsebenzini;

4 Ngokuba bhekani insimu imhlophe isilungele ukuvunwa; futhi bheka, lowo oshwiba isikela lakhe ngamandla akhe, yena lowo uzilondolozela ukuthi angashatshalaliswa, kodwa uzilethela insindiso emoyeni wakhe;

5 Futhi ukholo, ithemba, isihe, nothando, ngeso eliqonde inkazimulo kaNkulunkulu, kumnika ikhono lalomsebenzi.

6 Khumbula ukholo, ubumsulwa, ulwazi, ukuzithiba, isineke, umusa wobuzalwane, ubunkulunkulu, isihe, ukuzithoba, nokuzikhandla.

7 Cela, futhi uzophiwa; ngqongqotha, futhi uzovulelwa. Amen.