ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 23


Isigaba 23

Ukulandelana kwezambulo ezinhlanu ezanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eManchester, eNew York, ngo-Epreli 1830, ku-Oliver Cowdery, nakuHyrum Smith, nakuSamuel H. Smith, nakuJoseph Smith oMdala, kanye nakuJoseph Knight oMdala. Njengokufisa ngempela kwalaba bantu abayisihlanu asebeshiwo ukuze bazi ngokwakufanele bakwenze ngabanye, umPhrofethi wabuza eNkosini wase ethola lesi sambulo somuntu ngamunye.

1–7, Laba bafundi bokuqala babizelwa ukuba bashumayele, bayale, futhi baqinise iBandla.

1 Bheka, ngikhuluma kuwe, Oliver, amazwi ambalwa. Bheka, ubusisiwe, futhi awubekwe cala. Kodwa qaphela aukuzikhukhumeza, kungenjalo uzongena bekulingweni.

2 Yazisa ubizo lwakho ebandleni, kanye naphambi komhlaba, futhi inhliziyo yakho izovuleka ukushumayela iqiniso kusuka manje naphakade. Amen.

3 Bheka, ngikhuluma kuwe, Hyrum, amazwi ambalwa; ngoba nawe futhi awubekwe cala, futhi inhliziyo yakho ivulekile, nolimi lwakho luqaqiwe; ubizo lwakho ukuyala, anokuqinisa ibandla njalonjalo. Ngalokho-ke umsebenzi wakho usebandleni ingunaphakade, futhi lokhu kungenxa yomndeni wakho. Amen.

4 Bheka, ngikhuluma amazwi ambalwa kuwe, aSamuel; ngokuba nawe futhi awubekwe cala, futhi olwakho ubizo ukuyala, nokuqinisa ibandla; futhi wena awukabizelwa ukushumayela okwamanje phambi komhlaba. Amen.

5 Bheka, ngikhuluma amazwi ambalwa kuwe, Joseph; ngokuba nawe futhi awubekwe cala, futhi olwakho ubizo ukuyala, nokuqinisa ibandla; futhi lona umsebenzi wakho kusuka manje naphakade. Amen.

6 Bheka, ngambula kuwe, Joseph Knight, ngalamazwi, ukuthi kumele uthathe aisiphambano sakho, ngoku bkhuleka cngokuzwakala phambi komhlaba nangasese, emndenini wakho, naphakathi kwabangani bakho, nakuzo zonke izindawo.

7 Futhi, bheka, kuwumsebenzi wakho aukuhlangana nebandla leqiniso, futhi ukhulume ngokuyala njalonjalo, ukuze uyithole inkokhelo yesisebenzi. Amen.