ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 127


Isigaba 127

Incwadi esuka kuJoseph Smith umPhrofethi iya kwabaNgcwele bezinsuku zokuGcina abaseNauvoo, e-Illinois, equkethe imiyalelo ngokubhabhadisela abafileyo, yangomhlaka 1 Septemba 1842, eNauvoo.

1–4, UJoseph Smith uyathokoza ekuhlushweni nasosizini; 5–12, Imibhalo kufanele igcinwe ngokuphathelene nokubhabhadisela abafileyo.

1 Ngenxa yokuba iNkosi yambulile kimi ukuthi izitha zami, eMissouri nakulesi siFundazwe, bezingizingela futhi; futhi kangangoba zingizingela ngaphandle kwe asizathu, futhi bengenakho nokuncane okumele ukulunga kubo ekuqhubekiseni ukushushiswa kwami futhi kangangoba konke abakushoyo kwakhelwe emangeni obubi obukhulu, ngikubone kufanelekile futhi kuwukuhlakanipha ukuba ngiyishiye lendawo okwesikhashana, ukwenzela ukuphepha kwami nokuphepha kwalaba bantu. Ngizothi kubo bonke labo engihweba nabo, ngishiye amabhizinisi ami kubaphatheli nomabhalane abazoqhuba wonke umsebenzi ngokushesha futhi nangendlela efanele, futhi bazoqiniseka ukuthi zonke izikweletu zami ziyakhokhelwa ziqedwe ngesikhathi esifanele, ngokudayisa impahla, noma ngandlela thize, njengoba kungadingeka, noma njengoba kungavuma isimo. Uma sengizwa ukuthi isiphepho sesivunguze sadlula, emva kwalokho ngizobe sengibuyela kini futhi.

2 Futhi ngokuphathelene no abungozi engibizelwe ukuba ngidlule kubo, kubukeka kodwa kuyinto encane kimi, ngokuba bumona nolaka lwabantu bekuyinto ejwayelekile kuzo zonke izinsuku zempilo yami; futhi isizathu salokhu asiqondakali, ngaphandle uma cngagcotshelwa isiphetho esihle noma esibi, ngaphambi kokusekelwa komhlaba, ngaleyondlela eningakhetha ukucabanga ngayo. Zicabangeleni nina. UNkulunkulu uyazazi zonke lezi zinto, noma kuhle noma kubi. Kodwa nokho, amanzi ajulile ngijwayele ukubhukuda kuwo. Konke sekuze kwaba yimvelo kimi; futhi ngifisa, njengoPawulu, ukuthokoza dosizini; ngokuba kuze kube yilolusuku uNkulunkulu wokhokho bami usangikhululile kulo lonke, futhi usazongikhulula kusukela manje; ngokuba bhekani, futhi bheka, ngizonqoba kuzo zonke izitha zami, ngokuba iNkosi uNkulunkulu ikushilo lokho.

3 Ngakho-ke abangcwele bonke mabajabule futhi bathokoze kakhulu; ngokuba auNkulunkulu ka-Israyeli unguNkulunkulu wabo, futhi uzolinganisa ngokubuyiselwa okufaneleyo phezu kwamakhanda abo bonke abacindezeli babo.

4 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile isho kanje iNkosi: Umsebenzi we athempeli lami, nayo yonke imisebenzi enginimisele yona, mayiqhutshwe futhi ingami; futhi bukukhuthala kwenu, nokuphikelela kwenu, nokubekezela, nemisebenzi yenu mayiphindwe, futhi anisoze nalahlekelwa umvuzo wenu, kusho iNkosi yamaBandla. Futhi uma beni chlupha, babahlupha kanjalo abaphrofethi namadoda alungileyo anandulela. Ngakho konke lokhu kukhona umvuzo ezulwini.

5 Futhi phezu kwalokho, ngininika umlayezo ngokuphathelene anokubhabhadiselwa bkwabafileyo benu.

6 Ngiqinisile, isho kanje iNkosi kini ngokuphathelene nabafileyo benu: Uma kukhona kini aobhabhadiselwa abafileyo benu, makubekhona bozobhala, futhi makabe ngufakazi oyibone ngamehlo imibhabhadiso yenu; makezwe ngezindlebe zakhe, ukuze afakaze ngeqiniso, kusho iNkosi;

7 Ukuze kuyo yonke imibhalo yenu akubhalwe nasezulwini; noma yikuphi eniku bbophayo emhlabeni, kuboshwe nasezulwini; noma yikuphi enikukhululayo emhlabeni, kukhululwe nasezulwini;

8 Ngokuba sengizo abuyisela izinto eziningi emhlabeni, eziphathelene no bbuphristi, kusho iNkosi yamaBandla.

9 Futhi phezu kwalokho, mayigcinwe ngohlelo yonke aimibhalo, ukuze ibekwe endlini yokukhweza imibhalo nemilando yethempeli lami elingcwele, igcinwe ukuze ikhunjulwe izizukuwane ngezizukulwane, kusho iNkosi yamaBandla.

10 Ngizokuthi kubo bonke abangcwele, bengifisa, ngokufisa okukhulu kakhulu, ukuba ngikhulume nabo ngisepulupiti ngodaba lokubhabhadiselwa kwabafileyo, ngeSabatha elilandelayo. Kodwa kangangoba ngingeke ngikwazi ukukwenza lokho, ngizobhala izwi leNkosi izikhathi ngezikhathi, ngalolodaba, bese ngilithumela kini ngeposi, kanye nezinye izinto eziningi.

11 Sengiyayivala incwadi yami okwamanje, ngenxa yokweswela esinye isikhathi; ngokuba isitha siqaphele, futhi njengoba umSindisi asho, aumbusi walelizwe uyeza, kepha akanalutho kimi,

12 Bhekani, umkhuleko wami kuNkulunkulu wukuba nonke nisindiswe. Futhi ngibhala njengenceku yenu eNkosini, umphrofethi futhi no amboni weBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina.

Joseph Smith