ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 117


Isigaba 117

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eFar West, eMissouri, ngomhlaka 8 Julayi, 1838, ngokuphathelene nemisebenzi kaWilliam Marks, uNewel K. Whitney, no-Oliver Granger okwakufanele bayenze ngokushesha.

1–9, Izinceku zeNkosi akufanele zifise izinto zomhlaba, ngokuba “iyini impahla eNkosini na?”; 10–16, Kufanele bayeke ukuba nezingqondo ezimfishane, futhi iminikelo yabo iyoba ngcwele eNkosini.

1 Niqinisile isho kanje iNkosi encekwini yami uWilliam Marks, ngokunjalo nasencekwini yami uNewel K. Whitney, mabaqedele umsebenzi wabo ngokushesha futhi bahambe ezweni laseKirtland, ngaphambi kokuba mina, iNkosi, ngithumele futhi ungqoqwane emhlabeni.

2 Mabavuke, futhi basukume, futhi baphume, futhi bangahlali, ngokuba mina, iNkosi, ngiyakuyaleza lokhu.

3 Ngakho-ke, uma behlala ngeke kube kuhle kubo.

4 Mabaphenduke ezonweni zabo zonke, nakuzo zonke izifiso zabo zomhobholo, phambi kwami, kusho iNkosi; ngokuba iyini aimpahla kimi na? kusho iNkosi.

5 Impahla yaseKirtland mayidayiswe ukuze kukhokhelwe aizikweletu, kusho iNkosi. Mabahambe, kusho iNkosi, futhi noma yini esalayo, mayisale ezandleni zenu, kusho iNkosi.

6 Ngokuba anginazo yini izinyoni zezulu, nezinhlanzi zolwandle, nezilwane zasezintabeni na? Angiwenzanga yini umhlaba na? Angiphethe yini aizimiselo zawo wonke amabutho ezizwe zomhlaba na?

7 Ngakho-ke, ngeke yini ngenze aizindawo zasehlane ziqhumise futhi ziqhakaze, futhi zikhiqize ngobuningi na? kusho iNkosi.

8 Ayikho yini indawo eyanele ezintabeni zika-aAdamu-ondi-Ahman, futhi nasemathafeni ase-Olaha bShineha, noma cizwe lapho u-Adamu ayehlala khona, ukuba ningaze nifise lokho okuyiconsi, futhi niyeke lezo zinto ezibaluleke kakhulu na?

9 Ngakho-ke, zanini lapha ezweni labantu bami, ngisho iSiyoni.

10 Inceku yami uWilliam Marks amayithembeke ezintweni ezincane, futhi iyoba ngumbusi phezu kokuningi. Makengamele phakathi kwabantu bami edolobheni laseFar West, futhi makabusiswe ngezibusiso zabantu bami.

11 Inceku yami uNewel K. Whitney makabe namahloni ngebutho alamaNikolawu nazo zonke bizinengiso zabo ezicashileyo, nakho konke ukuba negqondo emfishane kwakhe phambi kwami, kusho iNkosi, futhi eze ezweni lase Adamu-ondi-Ahman, futhi abe cngumbhishobhi kubantu bami, kusho iNkosi, hhayi ngegama kodwa ngezenzo, kusho iNkosi.

12 Futhi phezu kwalokho, ngithi kini, ngiyayikhumbula inceku yami au-Oliver Granger; bheka, ngiqinisile ngithi kuye igama lakhe liyokhunjulwa njengelingcwele izizukulwane ngezizukulwane, phakade naphakade, kusho iNkosi.

13 Ngakho-ke, makalekelele ngokukhuthazela ukuze kukhululwe ubuMongameli bokuQala beBandla lami, kusho iNkosi; futhi uma ewa uyovuka futhi, ngokuba aumnikelo wakhe uyobangcwele kakhulu kimi kunenzuzo yakhe, kusho iNkosi.

14 Ngakho-ke, makeze lapha ngokushesha, ezweni laseSiyoni; futhi ngesikhathi esifanele uyokwenziwa umhwebi egameni lami, kusho iNkosi, ukuze kuzuze abantu bami.

15 Ngakho-ke makungabi bikho muntu odelela inceku yami u-Oliver Granger, kodwa izibusiso zabantu bami mazibe phezu kwakhe phakade naphakade.

16 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kini, izinceku zami zonke ezisezweni laseKirtland maziyikhumbule iNkosi uNkulunkulu wazo, ngokunjalo nendlu yami futhi, ukuba ziyigcine ingcwele, futhi bachithe abashintshelana imali ngesikhathi sami esifanele, kusho iNkosi. Ngisho kanjalo. Amen.