Isigaba 99
Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi kuJohn Murdock, ngomhlaka 29 Agasti, 1832, eHiram, e-Ohio. UJohn Murdock wayekade eshumayela ivangeli unyaka wonke nangaphezulu ngesikhathi abantwana bakhe—ababengase naye unina emva kokufa komkakhe, uJulia Clapp, ngo-Epreli 1831—behlala kweminye imindeni e-Ohio.
1–8, UJohn Murdock ubizelwa ukumemezela ivangeli, futhi labo abamemukelayo bemukela iNkosi futhi bazofumana umusa.
1 Bheka, isho kanje iNkosi encekwini yami uJohn Murdock—ubiziwe ukuba uye emazweni angasempumalanga uhambele indlu nendlu, isigodi nesigodi, futhi idolobha nedolobha, ukuze umemezele elami ivangeli laphakade kubantu bakhona, phakathi anokuhlushwa nobubi.
2 Futhi labo aabakwemukelayo bemukela mina; futhi uyokuba namandla okushumayela izwi lami bngesibonakaliso sikaMoya oNgcwele wami.
3 Futhi labo abakwemukelayo anjengontwana, bemukela bumbuso wami; futhi babusisiwe labo, ngokuba bayofumana cumusa.
4 Futhi lowo okwenqabayo uyokwe anqatshwa nguBaba nendlu yakhe; futhi uyohlanza bizinyawo zakho ezindaweni ezicashile endleleni njengobufakazi obumelene nabo.
5 Futhi bhekani, futhi bheka, angiza masinyane ukuzo bkwahlulela, ukuzojezisa bonke ngezenzo zabo ezimbi abazenzile ngokuphambene nami, njengoba kulotshiwe ngami emqulwini wencwadi.
6 Manje, ngiqinisile ngithi kuwe, akufanele ukuba uhambe ngaphambi kokuba abantwana bakho behlinzekelwe, futhi bethunyelwe ngokunakekelwa kumbhishobhi waseSiyoni.
7 Futhi emva kweminyaka embalwa, uma ukufisa kimi, ungahamba nawe uye ezweni elihle, ukuze ube nefa lakho;
8 Kungenjalo uyoqhubeka nokumemezela ivangeli lami auze uthathwe. Amen.