ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 62


Isigaba 62

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, osebeni loMfula iMissouri eChariton, eMissouri, ngomhlaka 13 Agasti 1831. Ngalolusuku umPhrofethi neqembu lakhe, ababesendleleni yabo bephuma e-Independence beya eKirtland, bahlangana namagosa ahlukeneyo ayesendleleni eya ezweni laseSiyoni, futhi, emva kokubingelelana ngokujabula, wanikwa lesi sambulo.

1–3, Ubufakazi buyalotshwa ezulwini; 4–9, Amagosa kufanele ahambe futhi ashumayele ngokwahlulela nanjengoba eqondiswe nguMoya.

1 Bhekani, futhi nilalele, O nina magosa ebandla lami, kusho iNkosi uNkulunkulu wenu, ngisho uJesu Kristu, aummeli wenu, owazi ubuthakathaka babantu nowazi ukuthi bbasizwa kanjani cabalingwayo.

2 Futhi ngiqinisile amehlo ami aphezu kwalabo abangakayi namanje ezweni laseSiyoni; ngalokho-ke umsebenzi wenu wokufundisa ivangeli awukafezeki ngokugcwele.

3 Kodwa, nibisisiwe, ngokuba aubufakazi enibufakazile bbulotshiwe ezulwini ukuze izingelosi zibubheke; futhi ziyanijabulela, cnezono zenu zithethelelwe.

4 Manje qhubekani nohambo lwenu. Buthanani ezweni lase aSiyoni; futhi nibambe umhlangano futhi nijabule ndawonye, futhi nilethe isidlo esingcwele koPhakeme kaKhulu.

5 Futhi emva kwalokho ningabuya ukuzofakaza, yebo, ngisho nonke ndawonye, noma ngabalili, njengoba kubonakala kukuhle kini, akusho lutho kimi; kuphela thembekani, futhi animemezele izindaba ezinhle kubantu basemhlabeni, noma phakathi kwamabandla ababi.

6 Bhekani, mina, iNkosi, nginilethe ndawonye ukuze isethembiso sigcwaliseke, ukuze abathembekileyo phakathi kwenu bagcinwe futhi bajabule ndawonye ezweni laseMissouri. Mina, iNkosi, ngiyabethembisa abathembekileyo futhi angeke ngiqambe amanga.

7 Mina, iNkosi, ngizimisele, uma kukhona phakathi kwenu ofisa ukugibela amahhashi, noma imnyuzi, noma izinqola, uyosithola lesi sibusiso, uma esithola ngesandla seNkosi, ngenhliziyo aebongayo ezintweni zonke.

8 Lezi zinto zikini ukuba nizenze ngokwahlulela nangokuyalelwa nguMoya.

9 Bhekani, aumbuso ungowenu. Futhi bhekani, futhi bheka, bnginabathembekileyo njalo. Ngisho kanjalo. Amen.