ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 30


Isigaba 30

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi kuDavid Whitmer, nakuPeter Whitmer omNcane, kanye nakuJohn Whitmer, eFayette, eNew York, ngoSeptemba 1830, emva komhlangano wezinsuku ezintathu eFayette, kodwa ngaphambi kokuba amagosa eBandla ahlukane. Ekuqaleni lombhalo waziswa umphakathi njengezambulo ezintathu; wase uhlanganiswa waba yisigaba esisodwa ngumPhrofethi ngoshicilelo luka 1835 lweMfundiso neZivumelwano.

1–4, UDavid Whitmer uyasolwa ngokuhluleka ukusebenza ngokukhuthala; 5–8, UPeter Whitmer omNcane uzophelezela u-Oliver Cowdery emsebenzini wokufundisa ivangeli kumaLamani; 9–11, UJohn Whitmer ubizelwa ukushumayela ivangeli.

1 Bheka, ngithi kuwe, David, usabe abantu futhi awuthembelanga kimi ukuze uthole amandla njengoba bekufanele.

2 Kodwa umqondo wakho ubusezintweni zomhlaba kakhulu ngaphezulu kokuba sezintweni zami, uMenzi wakho, futhi nobufundisi obizelwe kubo; futhi awunakanga uMoya wami, nalabo ababekwe ngaphezu kwakho, kodwa uvunyiswe yilabo engingazange ngibayale.

3 Ngalokho-ke, uyekelwe ukuzibuzela wena esandleni sami, futhi udlinze ngezinto ozitholile.

4 Futhi ikhaya lakho liyoba semzini kayihlo, ngize ngikunike eminye imiyalelo. Futhi uyozinikela ebufundisini ebandleni, naphambi komhlaba, nasezifundeni eziseduze. Amen.

5 Bheka, ngithi kuwe, Peter, uyothatha uhambo lwakho nomfowenu u-Oliver; ngokuba isikhathi sesifikile ukuthi kufanele kimi ukuthi uvule umlomo wakho ushumayele ngevangeli lami; ngakho-ke, ungesabi, kodwa naka amazwi neziyalo zomfowenu, azokunika zona.

6 Futhi hlupheka naye kuzo zonke izinhlupho zakhe, ngazo zonke izikhathi uphakamise inhliziyo yakho kimi ngomkhuleko nangokukholwa, ukuze ufeze okwakhe nokwakho ukukhululwa; ngokuba ngimnikeze amandla okwakha ibandla lami phakathi kwamaLamani;

7 Futhi angiqokanga muntu ukuba abe ngumeluleki wakhe ebandleni, mayelana nezindaba zebandla, ngaphandle komfowabo, uJoseph Smith, omNcane.

8 Ngalokho-ke, naka lezi zinto futhi ukhuthale ekugcineni imiyalelo yami, futhi uyobusiswa ngokwanele ukuzuza ukuphila okuphakade. Amen.

9 Bheka, ngithi kuwe, nceku yami uJohn, ukuthi uyoqala kusuka kulesi sikhathi kuya phambili ukushumayela ngevangeli lami, njengezwi lecilongo.

10 Nomsebenzi wakho uyokuba semzini womfowenu uPhilip Burroughs’, nakuleso sifunda esiseduze, yebo, noma kuphi lapho ungezwakala khona, ngize ngikuyale ukuthi usuke lapho.

11 Futhi wonke umsebenzi wakho uyokuba seSiyoni, ngawo wonke umphefumulo wakho, kusuka manje; yebo, uyohlala njalo uvula umlomo kokuthandwa yimi, ungesabi okungenziwa ngabantu, ngokuba nginawe. Amen.