ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 81


Isigaba 81

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eHiram, e-Ohio, ngomhlaka 15 Mashi, 1832. UFrederick G. Williams ubizwa ukuba abe ngumphristi omkhulu nomeluleki kubuMongameli bobuPhristi obuKhulu. Imibhalo yomlando itshengisa ukuthi ngesikhathi lesi sambulo sitholakala ngoMashi 1832, sabiza uJesse Gause esikhundleni sokuba ngumeluleki kuJoseph Smith kubuMongameli. Kodwa, kwathi uma ehluleka ukuqhuba ngendlela ehambisana nalokhu kubekwa, ubizo kamuva lwadluliselwa kuFrederick G. Williams. Lesi sambulo (sango Mashi 1832) kufanele sithathwe njengesinyathelo sokuhlelwa ngokusemthethweni kobuMongameli bokuQala, ngenxa yokuthi sibiza isikhundla sikameluleki kulowo mgwamanda futhi sicacisa isithunzi salesi sikhundla. Umzalwane uGause wasebenza okwesikhashana kodwa waxoshwa eBandleni ngoDisemba 1832. Umzalwane uWilliams wagcotshwa kulesi sikhundla ngomhlaka 18 Mashi 1833.

1–2, Izikhiye zombuso njalo zihlale ziphethwe ngubuMongameli bokuQala; 3–7, Uma uFrederick G. Williams ethembekile ebufundisini bakhe, uzofumana ukuphila okuphakade.

1 Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kuwe nceku yami uFrederick G. Williams: Yizwa izwi lalowo okhulumayo, izwi leNkosi uNkulunkulu wakho, futhi ulalele ubizo obizwe ngalo, ngisho ukuba angumphristi omkhulu ebandleni lami, nomeluleki encekwini yami uJoseph Smith, omNcane;

2 Kuye engimnike aizikhiye zombuso, ezingezobu bMongameli bobuPhristi obuKhulu njalo:

3 Ngakho-ke, ngiqinisile ngiyamvuma futhi ngizombusisa, futhi nawe, kangangoba uthembekile emsebenzini wokuba ngumeluleki, esikhundleni engikubeke kuso, ekukhulekeni njalo, ngokuzwakala nangenhliziyo, emphakathini nangasese, futhi nasebufundisini bakho ekushumayeleni ivangeli ezweni labaphilayo, naphakathi kwalabo owakhe nabo.

4 Futhi ngokwenza lezi zinto uyokwenza obukhulu kakhulu ubuhle kubantu bakini, futhi uzoqhubekisa anenkazimulo yakhe oyiNkosi yakho.

5 Ngalokho-ke, thembeka; yima esikhundleni engikubeke kuso; asiza ababuthakathaka, phakamisa izandla ezibuthakathaka, futhi buqinise camadolo axegayo.

6 Futhi uma uthembeka kuze kube sekupheleni uyothweswa umqhele awokungafi, bnokuphila okuphakade cezindlini engizilungisile ekhaya likaBaba.

7 Bheka, futhi bheka, lawa ngamazwi ka-Alfa no-Omega, ngisho uJesu Kristu. Amen.