ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 71


Isigaba 71

Isambulo esanikwa uJoseph Smith umPhrofethi noSidney Rigdon, eHiram, e-Ohio, ngomhlaka 1 Disemba, 1831. UmPhrofethi wayeqhubekile nokuhumusha iBhayibheli uSidney Rigdon esengu mbhali wakhe kwaze kwatholakala lesi sambulo, okwathi ngaleso sikhathi lomsebenzi wabekwa eceleni okwesikhashana ukuze bakwazi ukugcina umyalelo abanikwa wona lapha. Laba bazalwane kwakufanele bahambe baye ukuyoshumayela ukuze badambise imizwa engemihle eyayisiqalile eyayiphikisana neBandla ngenxa yokukhishwa kwezincwadi ezazibhalwe ngu-Ezra Booth owayesehlubukile.

1–4, UJoseph Smith noSidney Rigdon bayathunyelwa ukuyoshumayela ivangeli; 5–11, Izitha zabaNgcwele zizohlulwa.

1 Bhekani, isho kanje iNkosi kini zinceku zami uJoseph Smith, omNcane, no Sidney Rigdon, isikhathi ngiqinisile sesifikile sokuba kudingekile futhi kufanele kimi ukuthi nivule imilomo yenu ukushumayela ivangeli lami, izinto zombuso, nichaze ngezimfihlakalo zawo ngemibhalo engcwele, ngokwaleyongxenye yoMoya namandla okuyonikwa kini, ngisho ngokwentando yami.

2 Ngiqinisile ngithi kini, shumayelani emhlabeni ezifundeni eziseduze, nasebandleni futhi, isikhathi esithile, ngisho kuze kwaziswe yiNkosi kini.

3 Ngiqinisile lona wumsebenzi wokufundisa ivangeli wesikhathi esithile, engininika wona.

4 Ngalokho-ke, sebenzani esivinini sami. Nxusani abantu basemhlabeni, futhi nifakaze, futhi nilungiselele imiyalelo nezambulo ezizofika.

5 Manje, bhekani lokhu ukuhlakanipha; lowo ofundayo, makaqonde futhi emukele;

6 Ngokuba kulowo owemukelayo uyonikwa ngobuningi, ngisho namandla.

7 Ngalokho-ke, zehluleni izitha zenu; zibizeni ukuba nihlangane emphakathini nangasese; futhi kangangoba nithembekile ihlazo labo lizobonakaliswa.

8 Ngalokho-ke, mabalethe izizathu zabo eziqinile ngukumelene neNkosi.

9 Ngiqinisile, isho kanje iNkosi kini—asikho isikhali esakhelwe nina esiyochuma;

10 Futhi uma kukhona ophakamisa izwi lakhe ngokumelene nani uyohlulwa ngesikhathi sami esifanele.

11 Ngalokho-ke, gcinani imiyalelo yami; iyiqiniso futhi ithembekile. Ngisho kanjalo. Amen.