ImiBhalo eNgcwele
Alima 5


Amazwi u-Alima, uMphristi oMkhulu ngokohlelo olungcwele lukaNkulunkulu, awakhuluma kubantu emadolobheni kanye nasezigodini zabo kulo lonke izwe.

Aqala esahlukweni 5.

Isahluko 5

Ukuze bathole insindiso, abantu kufanele baphenduke futhi bagcine imiyalelo, bazalwe kabusha, bahlanze izingubo zabo egazini likaKristu, bathobeke futhi bazihlubule ukuzikhukhumeza kanye nomhawu, benze imisebenzi yokulunga—UMalusi oMuhle ubiza abantu Bakhe—Labo abenza imisebenzi yobubi bangabantwana badeveli—U-Alima ufakaza ngeqiniso lemfundiso yakhe futhi uyala abantu ukuthi baphenduke—Amagama abalungile ayobhalwa encwadini yokuphila. Cishe ngonyaka wama 83 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje kwenzeka ukuthi u-Alima waqala ukukhuluma izwi lika Nkulunkulu kubantu, waqala ezweni laseZarahemla, futhi wasuka lapho waya ezweni lonke.

2 Lawa ngamazwi awakhuluma kubantu ebandleni elalimiswe edolobheni laseZarahemla, ngokombhalo wakhe uqobo, ethi:

3 Mina, Alima, ngigcotshwe ngubaba, u-Alima, ukuthi ngibe ngumphristi omkhulu ebandleni likaNkulunkulu, yena enamandla negunya elivela kuNkulunkulu ukwenza lezi zinto, bhekani, ngithi kini waqala wamisa ibandla ezweni elalisemngceleni wakwaNefi; yebo, izwe elalibizwa ngokuthi yizwe likaMormoni; yebo, futhi nempela wababhabhadisa abafowabo emanzini kaMormoni.

4 Futhi bhekani, ngithi kini, bakhululwa ezandleni zabantu benkosi uNowa, ngomusa kanye namandla kaNkulunkulu.

5 Futhi bhekani, emva kwalokho, balethwa ebugqilini ngezandla zamaLamani ehlane; yebo, ngithi kini, babesekuthunjweni, futhi yaphinda iNkosi nempela yabakhipha ebugqilini ngamandla ezwi layo; futhi salethwa lapha kulelizwe, futhi lapha saqala ukwakha ibandla likaNkulunkulu kulo lonke lelizwe futhi.

6 Manje bhekani, ngithi kini, bafowethu, nina eningabalelibandla, ngabe nikukhumbule ngokwanele yini ukuthunjwa koyihlo na? Yebo, futhi ngabe niwukhumbule ngokwanele yini umusa wakhe kanye nokubabekezelela kwakhe na? Futhi phezu kwalokho, ngabe nikukhumbule ngokwanele yini ukuthi uyikhululile imiphefumulo yabo esihogweni na?

7 Bhekani, waziguqula izinhliziyo zabo; yebo, wabavusa ebuthongweni obujulile, futhi bavukela kuNkulunkulu. Bhekani, babephakathi naphakathi kobumnyama; nokho, imiphefumulo yabo yakhanyiswa ngokukhanya kwezwi laphakade; yebo, babezungezwe yizibopho zokufa, kanye namaketango esihogo, futhi ukonakala kwaphakade kwakubalindile.

8 Manje ngibuza kini, bafowethu, ngabe bonakaliswa na? Bhekani, ngithi kini, Cha, abazange.

9 Futhi phezu kwalokho ngiyabuza, ngabe izibopho zokufa zagqashulwa, kanye namaketanga esihogo ayebazungezile, ngabe axegiswa na? Ngithi kini, Yebo, axegiswa, futhi imiphefumulo yabo yakhula, futhi nempela bacula ngothando lokukhululwa. Futhi ngithi kini basindisiwe.

10 Manje ngibuza kini ukuthi yimiphi imibandela abasindiswa ngayo na? Yebo, yiziphi izizathu ababethembele kuzo ukuze basindiswe na? Kungasiphi isizathu sokuthi bakhululwe ezibophweni zokufa, yebo, futhi ngokunjalo nasemaketangeni esihogo na?

11 Bhekani, nginganazisa—ngabe ubaba u-Alima akakholelwanga yini emazwini ayekhulunywe ngomlomo ka-Abinadi na? Futhi wayengeyena yini umphrofethi ongcwele na? Ngabe akakhulumanga yini amazwi kaNkulunkulu, futhi ubaba u-Alima wawakholwa na?

12 Futhi ngokholo lwakhe kwaba khona uguquko olukhulu olwenzeka enhliziyweni yakhe. Bhekani ngithi kini konke lokhu kuyiqiniso.

13 Futhi bhekani, washumayela izwi koyihlo, futhi nakubo uguquko olukhulu lwenzeka ezinhliziyweni zabo, futhi bazithoba futhi babeka ithemba labo ku Nkulunkulu weqiniso nophilayo. Futhi bhekani, bathembeka kwaze kwaba sekugcineni; ngalokho-ke basindiswa.

14 Manje bhekani, ngibuza kini, bafowethu bebandla, ngabe senizelwe yini ngokukamoya kaNkulunkulu na? Ngabe seniwemukele yini umfanekiso wakhe ebusweni benu na? Ngabe seniluzwile yini loluguquko olukhulu ezinhliziyweni zenu na?

15 Ngabe niyakholwa yini ekukhululweni kwakhe lowo owanidalayo na? Ngabe nibheka phambili yini ngeso lokholo, futhi niwubone lomzimba ofayo sewuvuselwa ekungafini, futhi nalokhu okubolayo sekuvuselwa ekungabolini, ukuthi kume phambi kukaNkulunkulu ukuze kwahlulelwe ngokwezenzo ezenziwa emzimbeni ofayo na?

16 Ngithi kini, ningake nicabange ukuthi nizwa izwi leNkosi, lithi kini, ngalolo suku: Wozani kimi nina enibusisiweyo, ngokuba bhekani, imisebenzi yenu ibiyimisebenzi yokulunga phezu kobuso bomhlaba?

17 Noma nicabanga ukuthi ningaqamba amanga eNkosini ngalolo suku, nithi—Nkosi, imisebenzi yethu ibiyimisebenzi elungile phezu kobuso bomhlaba—nokuthi yena uyonisindisa na?

18 Noma-ke ngenye indlela, ningazicabanga yini nilethwa phambi kwesihlalo sokuthetha amacala sikaNkulunkulu nemiphefumulo yenu igcwele ukuzinyeza kanye nokuzisola, ninayo yonke inkumbulo yamacala enu, yebo, inkumbulo epheleleyo yakho konke ukukhohlakala kwenu, yebo, inkumbulo yokuthi niyenze ize imiyalelo kaNkulunkulu na?

19 Ngithi kini, ningabheka yini phezulu kuNkulunkulu ngalolo suku ngenhliziyo emsulwa nezandla ezihlanzekile na? Ngithi kini, ningabheka yini phezulu, ninomfanekiso kaNkulunkulu uqoshwe ebusweni benu na?

20 Ngithi kini, ningacabanga yini ngokusindiswa nibe nizivumele ukuthi nibe ngaphansi kukadeveli na?

21 Ngithi kini, niyokwazi ngalolo suku ukuthi aninaku sindiswa; ngokuba akukho muntu ongasindiswa ngaphandle kokuthi izingubo zakhe zihlanzwe zaba mhlophe; yebo, izingubo zakhe kufanele zihlanjululwe zize zihlanzeke kuwo wonke amabala, egazini lalowo okwakhulunywa ngaye ngobaba bethu, okufanele eze ukuzokhulula abantu bakhe ezonweni zabo.

22 Manje ngiyabuza kini, bafowethu, ningazizwa kanjani, uma senimi phambi kwesihlalo sikaNkulunkulu, ninezingubo zenu ezinamabala egazi kanye nayo yonke inhlobo yokungcola na? Bhekani, ngabe lezi zinto ziyofakazani ngani na?

23 Bhekani ngabe aziyikufakaza yini ukuthi ningababulali, yebo, futhi nokuthi ninecala layo yonke inhlobo yenkohlakalo na?

24 Bhekani, bafowethu, ngabe nicabanga ukuthi onjena angaba yini nendawo yokuhlala embusweni kaNkulunkulu, kanye no-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, futhi ngokunjalo nabo bonke abaphrofethi abangcwele, abanezingubo ezihlanziwe futhi ezingenabala, ezimsulwa futhi ezimhlophe na?

25 Ngithi kini, Cha; ngaphandle uma nenza uMdali wethu umkhohlisi kusukela ekuqaleni, noma nicabanga ukuthi ungumkhohlisi kusukela ekuqaleni, aninakukholwa wukuthi abanjena bangaba nendawo embusweni wasezulwini; kodwa bayokhishelwa ngaphandle ngokuba bengabantwana bombuso kadeveli.

26 Manje bhekani, ngithi kini, bafowethu, uma niluzwile uguquko lwenhliziyo, futhi uma nizwe kuthi manicule iculo lothando lokukhululwa, ngizobuza, ngabe nisezwa kanjalo yini namanje na?

27 Ngabe nihambe nizigcina ningasoleki phambi kukaNkulunkulu na? Ngabe ningasho yini ukuthi, uma beningabizelwa ekufeni ngalesi sikhathi, ngaphakathi kini, ukuthi benizithobe ngokwanele na? Ukuthi izingubo zenu zihlanziwe futhi zenziwa zabamhlophe ngegazi likaKristu, oyoza azokhulula abantu bakhe ezonweni zabo na?

28 Bhekani, ngabe nihlutshuliwe yini ukuzikhukhumeza na? Ngithi kini, uma kungenjalo anikulungele ukuhlangana noNkulunkulu. Bhekani kufanele nizilungiselele ngokushesha; ngokuba umbuso wezulu masinyane ususeduze, futhi onjalo akanakho ukuphila okuphakade.

29 Bhekani, ngithi, ngabe ukhona yini phakathi kwenu ongahlutshuliwe umona na? Ngithi kini onjalo akalungile; futhi ngifisa ukuthi azilungiselele masinyane, ngokuba ihora seliseduze, futhi akazi ukuthi isikhathi sizofika nini; ngokuba onjalo angeke atholwe engenacala.

30 Futhi phezu kwalokho ngithi kini, ngabe ukhona yini phakathi kwenu ohlekisa ngomfowabo, noma obeka inqwaba yezinhlupheko phezu kwakhe na?

31 Maye kulowo onjalo, ngokuba akalungile, futhi isikhathi sesiseduze sokuthi kufanele aphenduke kungenjalo angeke asindiswe!

32 Yebo, maye ngisho nakini nonke basebenzi bobubi; phendukani, phendukani, ngokuba iNkosi uNkulunkulu ikukhulumile lokhu!

33 Bhekani, uthumela isimemo kubo bonke abantu, ngokuba izingalo zomusa zelulelwe ngakubo, uthi: Phendukani, futhi ngiyonemukela.

34 Yebo, uthi: Wozani kimi niyokudla isithelo somuthi wokuphila; yebo, niyokudla futhi niphuze kuso isinkwa kanye nakuwo amanzi okuphila ngokukhululeka;

35 Yebo, wozani kimi futhi niveze imisebenzi yokulunga, aniyikucekelwa phansi futhi niphonswe emlilweni—

36 Ngokuba bhekani, isikhathi sesiseduze sokuthi lowo ongavezi izithelo ezinhle, lowo ongayenzi imisebenzi yokulunga, labo banesizathu sokumpongoloza nokulila.

37 O nina basebenzi bobubi; enikhukhumele ezintweni eziyize zezwe, enimemezele ngokuzazi izindlela zokulunga kodwa nedukile, njengezimvu ezingenamelusi, naphezu kokuba umalusi enibizile futhi usanibiza namanje, kepha anililaleli izwi lakhe!

38 Bhekani, ngithi kini, umalusi omuhle uyanibiza; yebo, futhi ngegama lakhe uqobo uyanibiza, okuyigama likaKristu; futhi uma ningenakulilalela izwi lomalusi omuhle, igama enibizwa ngalo, bhekani, anizona izimvu zomalusi omuhle.

39 Manje uma ningezona izimvu zomalusi omuhle, ngabe ningowamuphi umhlambi na? Bhekani, ngithi kini, udeveli ungumelusi wenu, futhi ningabomhlambi wakhe; manje, ngubani ongakuphika lokhu na? Bhekani, ngithi kini, lowo okuphikayo lokhu ungumkhohlisi futhi ungumntwana kadeveli.

40 Ngokuba ngithi kini noma ngabe yini enhle iphuma kuNkulunkulu, futhi noma ngabe yini embi iphuma kudeveli.

41 Ngakho-ke, uma umuntu eveza imisebenzi emihle ulalela izwi lomalusi omuhle, futhi uyamlandela; kodwa lowo oveza imisebenzi emibi, ngokufanayo lowo uba ngumntwana kadeveli, ngokuba ulalela izwi lakhe, futhi uyamlandela.

42 Futhi lowo owenza lokhu kufanele athole inkokhelo yakhe kuye; ngakho-ke, ngokwe nkokhelo yakhe uthola ukufa, ngokwezinto eziphathelene nokulunga, abe ngofileyo kuyo yonke imisebenzi emihle.

43 Manje, bafowethu, ngifuna ukuthi ningizwe, ngokuba ngikhuluma ngamandla omphefumulo wami; ngokuba bhekani, ngikhulume nani ngokusobala kangangokuthi angeke niphambuke, noma ngikhulume ngokwemiyalelo kaNkulunkulu.

44 Ngokuba ngibizelwe ukuthi ngikhulume ngalendlela, ngokohlelo olungcwele lukaNkulunkulu, olukuKristu uJesu; yebo, ngiyalwe ukuthi ngime futhi ngifakaze kulaba bantu izinto ezikhulunywe ngobaba bethu mayelana nezinto ezisazokwenzeka.

45 Futhi lokhu akusikho konke. Ngabe nicabanga ukuthi ngizazela mina lezi zinto na? Bhekani, ngiyafakaza kini ukuthi ngiyazi ukuthi lezi zinto engikhulume ngazo ziyiqiniso. Futhi nicabanga ukuthi ngabe ngazi kanjani ngobuqiniso bazo na?

46 Bhekani, ngithi kini zaziswe kimi ngoMoya oNgcwele kaNkulunkulu. Bhekani, ngizile ukudla futhi ngathandaza eziningi izinsuku ukuze ngizazi lezi zinto ngokwami. Manje sengiyazi ngokwami ukuthi ziyiqiniso; ngokuba iNkosi uNkulunkulu izibonakalisile kimi ngoMoya wayo oNgcwele; futhi lona ngumoya wokwambulelwa okimi.

47 Futhi phezu kwalokho, ngithi kini ngalendlela kwambuliwe kimi, ukuthi amazwi akhulunywe ngobaba bethu ayiqiniso, ngisho kanjalo ngokomoya wokuphrofetha okimi, nakho futhi okubonakaliswa ngoMoya kaNkulunkulu.

48 Ngithi kini, ngiyazi ngokwami ukuthi noma ngabe yini engizoyisho kini, mayelana nalokho okusazokwenzeka, kuyiqiniso; futhi ngithi kini, ngiyazi ukuthi uJesu Kristu uyoza, yebo, iNdodana, eZelwe Yodwa kaBaba, egcwele umusa, nobubele, kanye neqiniso. Futhi bhekani, nguye lowo ozayo ozothatha izono zomhlaba, yebo, izono zawo wonke umuntu okholwa ngokungangabazi egameni lakhe.

49 Manje ngithi kini yilo loluhlelo engibizwe ngalo, yebo, ukuthi ngishumayele kubafowethu abathandekayo, yebo, kanye nakubo bonke abahlala kulelizwe; yebo, ukuthi ngishumayele kubo bonke, abadala nabancane, ababoshiwe nabakhululekile; yebo, ngithi kini abadala, futhi ngokunjalo nabaphakathi nobudala, kanye nakuso isizukulwane esikhulayo; yebo, ukuthi ngikhale kubo ukuthi kufanele baphenduke futhi bazalwe ngokusha.

50 Yebo, usho kanje uMoya: Phendukani, nonke nina mikhawulo yomhlaba, ngokuba umbuso wezulu masinyane ususeduze; yebo, iNdodana kaNkulunkulu iyeza ngenkazimulo yayo, nangobukhulu bamandla ayo, nobukhosi, namandla, kanye nobukhulu bayo. Yebo, bafowethu abathandekayo, ngithi kini, uMoya uthi: Bhekani udumo lwe Nkosi yomhlaba wonke; futhi phezu kwalokho iNkosi yasezulwini masinyane nje izokhanya phakathi kwabo bonke abantwana babantu.

51 Futhi phezu kwalokho uMoya uthi kimi, yebo, ukhala kimi ngezwi elikhulu, uthi: Hamba uthi kulaba bantu—Phendukani, ngokuba ngaphandle kokuthi niphenduke aninakukwazi nanini ukuthi nidle ifa lombuso wezulu.

52 Futhi phezu kwalokho ngithi kini, uMoya uthi: Bhekani, izembe libekiwe empandeni yesihlahla; ngakho-ke zonke izihlahla ezingatheli zithelo ezinhle ziyocekelwa phansi ziphonswe emlilweni, yebo, umlilo ongenakucishwa, ngisho umlilo ongacimekiyo. Bhekani, futhi nikhumbule, oNgcwele nguyena okukhulumile lokhu.

53 Manje bafowethu abathandekayo, ngithi kini, ningaphikisana yini nalokhu okushiwo; yebo, ningazibeka yini eceleni lezi zinto, futhi ninyathele oNgcwele ngaphansi kwezinyawo zenu; yebo, nisengaphakama yini ngenxa yokuzibona kwenu; yebo, nisengaphikelela yini ekugqokeni izingubo ezibizayo futhi nibeke izinhliziyo zenu ezintweni eziyize zezwe, nasemcebweni wenu na?

54 Yebo, nisengaphikelela yini nokucabanga ukuthi ningcono kunabanye; yebo, nisengaphikelela yini nokuhlupha abafowenu, abazithobayo futhi behamba ngokohlelo olungcwele lukaNkulunkulu, abalethwa ngalo kulelibandla, bengcweliswe nguMoya oyiNgcwele, futhi nempela baveza imisebenzi efaneleyo yokuphenduka—

55 Yebo, futhi nisengaphikelela yini nokufulathela abampofu, nabadingayo, kanye nokugodla eninakho kubo na?

56 Futhi okokugcina, nonke nina enizophikelela ebubini benu, ngithi kini yibo labo abayocekelwa phansi futhi baphonswe emlilweni ngaphandle kokuthi baphenduke ngokushesha okukhulu.

57 Manje ngithi kini, nonke nina enifisa ukulandela izwi lomalusi omuhle, phumani phakathi kwababi, nizihlukanise, ningazithinti izinto zabo ezingcolile; bhekani, amagama abo ayosulwa, ukuze amagama ababi angabalwa phakathi kwamagama abalungileyo, ukuze izwi likaNkulunkulu ligcwaliseke, elithi: Amagama ababi awayikuhlanganiswa namagama abantu bami;

58 Ngokuba amagama abalungileyo ayobhalwa encwadini yokuphila, futhi ngiyobanika ifa esandleni sami sokunene. Manje, bafowethu, yini eningayisho ukuphikisana nalokhu na? Ngithi kini, uma nikhuluma ngokumelene nalokhu, akusho lutho, ngokuba izwi likaNkulunkulu kufanele ligcwaliseke.

59 Ngokuba ngumuphi umalusi lapho phakathi kwenu ongathi enezimvu eziningi angazibheki, ukuze izimpisi zingangeni zishwabadele umhlambi wakhe na? Futhi bhekani, uma impisi ingenela umhlambi wakhe angeze yini ayikhiphela ngaphandle na? Yebo, futhi ekugcineni, uma engakwazi uyoyibulala.

60 Manje ngithi kini umalusi omuhle uyanibiza; futhi uma ningalilalela izwi lakhe uyoniletha esibayeni sakhe, futhi niyizimvu zakhe; futhi uyaniyala ukuthi ningayivumeli impisi ehahayo ukuthi ingene phakathi kwenu, ukuze ningashabalali.

61 Manje mina, Alima, ngiyaniyala ngolimi lwakhe lowo ongiyalile, ukuthi niqaphele ukuthi niwenze lamazwi engiwakhulume kini.

62 Ngikhuluma ngendlela yokuniyala nina eningabebandla; futhi kubo labo okungebona abebandla ngikhuluma ngendlela yokubamema, ngithi: Wozani nibhabhadiselwe ekuphendukeni, ukuze nani nibe ngabadla esithelweni somuthi wokuphila.