ImiBhalo eNgcwele
2 Nefi 9


Isahluko 9

UJakobe uyachaza ukuthi amaJuda ayoqoqwa kuwo wonke amazwe awo esethembiso—INhlawulo ihlenga umuntu ekuWeni—Imizimba yabafileyo iyophuma emathuneni, nemimoya yabo iphume esihogweni naseparadesi—Bayokwahlulelwa—INhlawulo isindisa ekufeni, esihogweni, kudeveli, nasenhluphekweni engapheliyo—Abalungile bayosindiswa embusweni kaNkulunkulu—Izijeziso zezono zibekwa obala—ONgcwele ka-Israyeli ungumgcini wesango. Cishe ngonyaka wama 559 kuya kowama 545 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje, bafowethu abathandekayo, nginifundele lezi zinto ukuze nazi ngokuphathelene nezivumelwano zeNkosi eyavumelana ngazo nayo yonke indlu ka-Israyeli—

2 Ezikhulumileyo kumaJuda, ngomlomo wabaphrofethi bayo abangcwele, ngisho kusukela ekuqaleni kuya ezansi, isizukulwane ngesizukulwane, kuze kufike isikhathi lapho beyobuyiselwa ebandleni leqiniso kanye nakuso isibaya sikaNkulunkulu; lapho beyoqoqelwa ekhaya emazweni ayifa abo, futhi bamiswe kuwo wonke amazwe abo esethembiso.

3 Bhekani, bafowethu abathandekayo, ngikhuluma kini lezi zinto ukuze nithokoze, futhi niphakamise amakhanda enu ingunaphakade, ngenxa yezibusiso iNkosi uNkulunkulu eyozinika abantwana benu.

4 Ngokuba ngiyazi ukuthi nifune kakhulu, iningi lenu, ukwazi ngezinto ezisazokwenzeka; ngalokho-ke ngiyazi ukuthi niyazi ukuthi inyama yethu kufanele iguge futhi ife; nokho, emizimbeni yethu siyombona uNkulunkulu.

5 Yebo, ngiyazi ukuthi niyazi ukuthi uyoziveza kubo labo abaseJerusalema, lapho saphuma khona; ngokuba kudingekile ukuthi kube phakathi kwabo; ngokuba kudingekile ukuthi uMdali omkhulu avume ukuba ngaphansi komuntu esenyameni, futhi afele bonke abantu, ukuze bonke abantu babe ngaphansi kwakhe.

6 Njengokuba ukufa kufikile kubo bonke abantu, ukuze kugcwaliseke isu lomusa loMdali omkhulu, kufanele kube khona amandla okuvuka, futhi ukuvuka kufanele ukuthi kufike kumuntu ngesizathu sokuwa; futhi ukuwa kwafika ngesizathu sesiphambeko; futhi ngenxa yokuthi umuntu wawa babe sebehlukaniswa neNkosi.

7 Ngalokho-ke, kufanele kube khona inhlawulo engapheliyo—ngaphandle kokuthi kube khona inhlawulo engapheliyo lokhu okubolayo kungeke kwembathe ukungaboli. Ngalokho-ke, isahlulelo sokuqala esafika kumuntu kwakufanele ukuthi sihlale isikhathi esingapheliyo. Futhi uma kunjalo, lomzimba kufanele ulale phansi ukuze ubole futhi ubuthukele kunina womhlaba, ungabe usavuka nanini.

8 O ukuhlakanipha kukaNkulunkulu, umusa kanye nesihawu sakhe! Ngokuba bheka, uma inyama ingasenakuvuka nanini imimoya yethu kufanele ibe ngaphansi kwaleyo ngelosi eyawa phambi kukaNkulunkulu ongunaPhakade, futhi yaba ngudeveli, ukuthi ingabe isavuka nanini.

9 Futhi imimoya yethu bekufanele ifane naye, futhi sibe ngodeveli, izingelosi kudeveli, sivalelwe ngaphandle lapho kukhona khona uNkulunkulu wethu, futhi sihlale noyise wamanga, osizini, njengaye uqobo; yebo, kuye lowo muntu owakhohlisa abazali bethu bokuqala, oziguqula acishe afane nengelosi yokukhanya, futhi ophehlela abantwana babantu emaqenjini ayimfihlo okubulala kanye nazo zonke izindlela eziyimfihlo zemisebenzi yobumnyama.

10 O bukhulu kangakanani ubuhle bukaNkulunkulu wethu, osilungiselela indlela yethu yokuphunyuka ekubanjweni yilesi silwane esikhulu esesabekayo; yebo, leso silwane esikhulu, ukufa nesihogo, engisibiza ngokufa komzimba, futhi ngokunjalo nokufa kukamoya.

11 Futhi ngenxa yendlela yokukhululwa nguNkulunkulu wethu, oNgcwele ka-Israyeli, lokufa, lokhu esengikhulume ngakho, okungokwesikhashana, kuyokhulula abafileyo bakho, lokho kufa okuyithuna.

12 Futhi lokufa esengikhulume ngakho, okungukufa kukamoya, kuyokhulula abafileyo bakho; lokho kufa komoya okuyisihogo; ngalokho-ke, ukufa kanye nesihogo kufanele kukhulule abafileyo bakho, isihogo kufanele sikhulule imimoya yaso esekuthunjweni, ithuna kufanele likhulule imizimba yalo esekuthunjweni, futhi imizimba kanye nemimoya yabantu iyobuyiselwa omunye komunye; futhi kungamandla okuvuka koNgcwele ka-Israyeli.

13 O likhulu kangakanani isu likaNkulunkulu wethu! Ngokuba ngakolunye uhlangothi, iparadesi likaNkulunkulu kufanele likhulule imimoya yabalungileyo, ithuna likhulule umzimba wolungileyo; futhi umoya kanye nomzimba kubuyiselwe kukho uqobo lwakho futhi, futhi bonke abantu babe nokungaboli futhi bangafi, futhi babe ngabantu abaphilayo, babe nolwazi olupheleleyo njengathi esisenyameni, ngaphandle nje kokuthi ulwazi lwethu luyopheleliswa.

14 Ngalokho-ke, siyoba nolwazi olupheleleyo ngakho konke ukuba necala kwethu, kanye nokungahlanzeki kwethu, kanye nobuze bethu; futhi abalungileyo bayoba nolwazi olupheleleyo lwentokozo yabo, kanye nokulunga kwabo, futhi bembeswe ngokucweba, yebo, ngisho nangengubo yokulunga.

15 Futhi kuyokwenzeka ukuthi ngesikhathi bonke abantu sebedlulile kulokhu kufa kokuqala baya ekuphileni, kangangokuthi sebengasenakufa, kufanele bavele phambi kwesihlalo sokwahlulela soNgcwele ka-Israyeli; emva kwalokho kuza ukwahlulela, futhi emva kwalokho kufanele bahlulelwe ngokwahlulelwa okungcwele kukaNkulunkulu.

16 Futhi ngeqiniso, njengoba iNkosi iphila, ngokuba iNkosi uNkulunkulu ikukhulumile lokhu, futhi kuyizwi layo laphakade, elingasoze ladlula, lokuthi labo abalungileyo bayolunga njalo, futhi labo abangcolileyo bayongcola njalo; ngalokho-ke, labo abangcolileyo bangudeveli kanye nezingelosi zakhe; futhi bayokuya emlilweni waphakade, olungiselwe bona; futhi ukuhlupheka kwabo kunjengechibi lomlilo kanye nesibabuli, ilangabi laso elikhuphukela phezulu phakade naphakade futhi lingenamkhawulo.

17 O ubukhulu kanye nokulunga kukaNkulunkulu wethu! Ngokuba uyawenza wonke amazwi akhe, futhi aphume emlonyeni wakhe, futhi umthetho wakhe kufanele ugcwaliseke.

18 Kepha, bheka, abalungileyo, abangcwele boNgcwele ka-Israyeli, labo abakholwayo kuye oNgcwele ka-Israyeli, labo abazibekezelele izinhlupheko zomhlaba, futhi bangazinaka izethuko zawo, bayodla ifa lombuso kaNkulunkulu, elalungiselwa bona kusukela ekusekelweni somhlaba, futhi ukuthokoza kwabo kuyogcwala ingunaphakade.

19 O ubukhulu bomusa kaNkulunkulu wethu, oNgcwele ka-Israyeli! Ngokuba ukhulula abangcwele bakhe kuso leso silwane esesabekayo udeveli, kanye nokufa, kanye nesihogo, kanye nakulelo chibi lomlilo kanye nesibabuli, elingukuhlupheka okungapheliyo.

20 O bukhulu kangakanani ubungcwele bukaNkulunkulu wethu! Ngokuba yena wazi zonke izinto, futhi akukho nto ngaphandle kokuba yena eyazi.

21 Futhi uza emhlabeni ukuze asindise bonke abantu uma beyolilalela izwi lakhe; ngokuba bheka, uzwa ubuhlungu babantu bonke, yebo, ubuhlungu bazo zonke izidalwa eziphilayo, abesilisa, abesifazane, kanye nabantwana, abangabomndeni ka-Adamu.

22 Futhi uzwa lokhu ukuze ukuvuka kuze kubo bonke abantu, ukuze bonke bame phambi kwakhe osukwini olukhulu nolokwahlulelwa.

23 Futhi uyala bonke abantu ukuthi kufanele baphenduke, futhi babhabhadiswe egameni lakhe, babe nokukholwa okupheleleyo kuye oNgcwele ka-Israyeli, noma ngeke basindiswe embusweni kaNkulunkulu.

24 Futhi uma bengezukuphenduka bakholwe egameni lakhe, futhi babhabhadiswe egameni lakhe, futhi babekezele kuze kube sekupheleni, kufanele bavinjelwe; ngokuba iNkosi uNkulunkulu, oNgcwele ka-Israyeli, ukukhulumile lokhu.

25 Ngalokho-ke, unikeze umthetho; futhi lapho kungekho mthetho onikiwe asikho isijeziso; futhi lapho kungekho sijeziso akukho ukubekwa icala; futhi lapho kungekho ukubekwa icala umusa woNgcwele ka-Israyeli ubabizela kuye, ngenxa yenhlawulo; ngokuba bakhululwa ngamandla akhe.

26 Ngokuba inhlawulo yanelisa izimfuno bokulunga kwakhe kubo bonke labo abangenawo umthetho onikeziwe kubo, ukuze bakhululwe kuleso silwane esesabekayo, ukufa kanye nesihogo, nodeveli, nechibi lomlilo nesibabuli, elingukuhlupheka okungapheliyo; futhi babuyiselwa kulowo Nkulunkulu owabanika umphefumulo, ongoNgcwele ka-Israyeli.

27 Kepha maye kuye lowo onikiwe umthetho, yebo, lowo onayo yonke imiyalelo kaNkulunkulu, njengathi, futhi lowo oyephulayo, futhi lowo ochitha izinsuku zokuvivinywa kwakhe, ngokuba isimo sakhe siyesabeka!

28 O lelosu lobuqili lomubi! O ubuze, kanye nobuntengentenge, nobuwula babantu! Uma sebefundile bacabanga ukuthi bahlakaniphile, futhi abasilaleli iseluleko sikaNkulunkulu, ngokuba basibeka eceleni, becabanga ukuthi bayazi, ngalokho-ke, ukuhlakanipha kwabo kuwubuwula futhi akunanzuzo kubo. Futhi bayobhubha.

29 Kepha ukufunda kuhle uma belalela izeluleko zikaNkulunkulu.

30 Kepha maye kuzo izicebi, ezicebile ngokwezinto zomhlaba. Ngokuba ngenxa yokuthi zicebile zidelela abampofu, futhi zihluphe abamnene, futhi izinhliziyo zazo zisengcebweni yazo; ngalokho-ke, ingcebo yazo ingunkulunkulu wazo. Futhi bheka, ingcebo yazo iyobhubha kanye nazo futhi.

31 Futhi maye kuzo izithuli ezingenakuzwa; ngokuba ziyobhubha.

32 Maye kuzo izimpumputhe ezingenakubona; ngokuba nazo ziyobhubha futhi.

33 Maye kubo abangasokile enhliziyweni, ngokuba ulwazi lobubi babo luyobashaya ngosuku lokugcina.

34 Maye kuye umqambimanga, ngokuba uyophonswa phansi esihogweni.

35 Maye kuye umbulali obulala ngabomu, ngokuba uyokufa.

36 Maye kubo labo abenza ubufebe, ngokuba bayophonswa phansi esihogweni.

37 Yebo, maye kubo labo abakhonza izithixo, ngokuba udeveli wabo bonke odeveli uyathokoza ngabo.

38 Futhi, ukuphetha, maye kubo bonke labo abafela ezonweni zabo; ngokuba bayobuyela kuNkulunkulu, futhi babone ubuso bakhe, futhi bahlale ezonweni zabo.

39 O, bafowethu abathandekayo, khumbulani ukwesabeka kokona lowo Nkulunkulu oyiNgcwele, futhi ngokunjalo nokwesabeka kokuvumela iziyengo zalowo oyiqili. Khumbulani, ukunaka okwasemhlabeni wukufa, futhi ukunaka okukamoya ngukuphila okuphakade.

40 O, bafowethu abathandekayo, nikani indlebe emazwini ami. Khumbulani ubukhulu boNgcwele ka-Israyeli. Ningasho ukuthi ngikhulume izinto ezilukhuni ngokumelene nani; ngokuba uma nisho kanjalo, niyolithuka iqiniso; ngokuba ngikhulume amazwi oMenzi wenu. Ngiyazi ukuthi amazwi ayiqiniso anzima kukho konke ukungcola; kepha abalungileyo abawesabi, ngokuba bayalithanda iqiniso futhi abanyakaziseki.

41 O uma kunjalo, bafowethu abathandekayo, wozani eNkosini, koNgcwele. Khumbulani ukuthi izindlela zakhe zilungile. Bhekani, indlela yomuntu incane, kepha isemzileni oqondile phambi kwakhe, futhi umgcini sango nguye oNgcwele ka-Israyeli, futhi akaqashe sisebenzi lapho; futhi ayikho enye indlela ngaphandle kwaleyo esesangweni; ngokuba yena akanakukhohliswa, ngokuba iNkosi uNkulunkulu yigama lakhe.

42 Futhi lowo ongqongqothayo, uyomvulela; futhi abahlakaniphile, kanye nabafundileyo, kanye nalabo abacebileyo, labo abakhukhumele ngenxa yokufunda kwabo, kanye nokuhlakanipha kwabo, kanye nengcebo yabo—yebo, yibo labo angabanaki; futhi ngaphandle kokuthi balahle lezi zinto kude, futhi bazibone njengeziwula phambi kukaNkulunkulu, futhi behlele phansi ezinzulwini zokuthobeka, akanakubavulela.

43 Kepha izinto zabahlakaniphile kanye nabanokuqonda ziyofihlwa kubo ingunaphakade—yebo, lokho kuthokoza okulungiselwe abangcwele.

44 O, bafowethu abathandekayo, khumbulani amazwi ami. Bhekani, ngikhumula izembatho zami, futhi ngiyazithintitha phambi kwenu; ngithandaza uNkulunkulu wensindiso yami ukuthi angibheke ngeso lakhe elifuna konke; ngalokho-ke, niyokwazi ngosuku lokugcina, lapho bonke abantu beyokwahlulelwa ngemisebenzi yabo, ukuthi uNkulunkulu ka-Israyeli nempela wabona ukuthi ngabuthintitha ububi benu emphefumulweni wami, futhi nokuthi ngimi ngimsulwa phambi kwakhe, futhi ngilisusile igazi lenu.

45 O, bafowethu abathandekayo, shiyani izono zenu; thintithani amaketanga akhe lowo ofuna ukunibopha aniqinise; wozani kulowo Nkulunkulu oyidwala lensindiso yenu.

46 Lungiselelani imiphefumulo yenu lolo suku lwenkazimulo lapho ukulunga kuyonikwa abalungileyo, ngisho usuku lokwahlulela, ukuze ningashwabaniswa wuvalo olwesabekayo; ukuze ningakhumbuli ukuba necala kwenu okwesabekayo ngokupheleleyo, futhi niphoqeleke ukuthi nimemeze nithi: Zingcwele, zingcwele izahlulelo zakho, O Nkosi Nkulunkulu Somandla—kodwa ngiyakwazi ukona kwami; ngiwuphulile umthetho wakho, futhi ukona kwami kungokwami; futhi udeveli ungitholile, ukuze ngibe yinyama osizini lwakhe olukhulu.

47 Kepha bhekani, bafowethu, kudingekile yini ukuthi nginivuse ngalamaqiniso asabekayo alezi zinto na? Bengingayivukuza yini imiphefumulo yenu ukuba imiqondo yenu beyimsulwa na? Bengingaba yini sobala kini njengokuba sobala kweqiniso ukuba benikhululiwe esonweni na?

48 Bhekani, ukuba beningcwele bengiyokhuluma kini ngobungcwele; kodwa njengoba ningekho ngcwele, futhi ningibuka njengomfundisi, kudingekile ukuthi nginifundise imiphumela yesono.

49 Bhekani, umphefumulo wami uyasenyanya isono, futhi inhliziyo yami iyathokoza ngokulunga; futhi ngiyolidumisa igama elingcwele likaNkulunkulu wami.

50 Wozani, bafowethu, nonke nina enomileyo, wozani emanzini; futhi ongenamali, makeze azothenga futhi adle; yebo, woza uthenge iwayini kanye nobisi ngaphandle kwemali futhi nangaphandle kwentengo.

51 Ngalokho-ke, musani ukuchitha imali ngalokho okungenamsebenzi, noma nisebenzele lokho okungenakunanelisa. Ngilaleleni ngokukhuthala, futhi niwakhumbule amazwi engiwakhulumile; futhi nize koNgcwele ka-Israyeli, futhi nizitike ngalokho okungayikubhubha, noma okungayikonakala, futhi nivumele imiphefumulo yenu ithokoze ngamanoni.

52 Bhekani, bafowethu abathandekayo, khumbulani amazwi kaNkulunkulu wenu; thandazani kuye njalonjalo emini, futhi nibonge igama lakhe elingcwele ngobusuku. Izinhliziyo zenu mazithokoze.

53 Futhi bhekani zinkulu kangakanani izivumelwano zeNkosi, futhi kukhulu kangakanani ukuzehlisa kwayo kubantwana babantu; futhi ngenxa yobukhulu bayo, kanye nesihawu kanye nomusa wayo, isethembisile ukuthi inzalo yethu ngeke ibhujiswe nya, ngokwasenyameni, kodwa ukuthi iyoyigcina, futhi ezizukulwaneni ezizayo iyokuba yigatsha elilungileyo endlini ka-Israyeli.

54 Manje, bafowethu, ngifuna ukukhuluma nani kabanzi; kepha kusasa ngizonazisa insalela yamazwi ami. Amen.