ImiBhalo eNgcwele
Alima 12


Isahluko 12

U-Alima ukhuluma noZeziromu—Izimfihlakalo zikaNkulunkulu zinganikwa kuphela abathembekileyo—Abantu behlulelwa ngemicabango, ngezinkolelo, ngamazwi, kanye nangemisebenzi yabo—Ababi bazokuzwa ukufa ngokomoya—Lempilo yasemhlabeni iyisikhathi sokulingwa—Isu lokukhululwa liletha uVuko futhi, ngokholo, nokuthethelelwa kwezono—Abaphendukayo bangawuthola umusa ngeNdodana eZelwe Yodwa. Cishe ngonyaka wama 82 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje u-Alima, ebona ukuthi amazwi ka-Amuleki ayesemthulisile uZeziromu, ngokuba wabona ukuthi u-Amuleki wayesembambile aemangeni kanye nasekukhohliseni kwakhe ukuze ambulale, futhi ebona ukuthi wayeseqala ukuqhaqhazela bngesazela sakhe sokuba necala, wavula umlomo wakhe futhi waqala ukukhuluma kuye, kanye nokugcizelela amazwi ka-Amuleki, kanye nokuchaza izinto ngaphezulu, noma ukwambula imibhalo engcwele ngaphezulu kwalokho u-Amuleki ayekwenzile.

2 Manje amazwi u-Alima awakhuluma kuZeziromu azwiwa ngabantu ndawo zonke; ngokuba isixuku sasisikhulu, futhi wakhuluma ngalendlela:

3 Manje Zeziromu, ngokuba usubonile ukuthi usubanjiwe emangeni kanye nasebuqilini bakho, ngokuba awuqambanga amanga kubantu kuphela kodwa uwaqambe nakuNkulunkulu; ngokuba bheka, uyayazi yonke aimicabango yakho, futhi nawe uyabona ukuthi imicabango yakho yazisiwe kithi ngoMoya wakhe;

4 Futhi uyabona ukuthi siyazi ukuthi isu lakho bekuyisu lobuqili obukhulu, njengobuqili bukadeveli, ukuqamba amanga kanye nokukhohlisa laba bantu ukuze ubenze balwe nathi, ukuthi basithuke futhi basikhiphele ngaphandle—

5 Manje leli bekuyisu alesitha sakho, futhi sisebenzise amandla aso kuwe. Manje ngifuna ukuthi ukhumbule ukuthi engikusho kuwe ngikusho kubo bonke.

6 Futhi bhekani ngithi kini nonke lesi bekuyisithiyo sesitha, esisibeke ukuthi sibambe laba bantu, ukuze sinilethe ngaphansi kwaso, ukuze sinizungeze angamaketanga aso, ukuze sinibophele phansi ekubhujisweni kwaphakade, ngokwamandla okuthumba kwaso.

7 Manje ngesikhathi u-Alima esewakhulumile lamazwi, uZeziromu waqala ukuqhaqhazela kakhulu, ngokuba wakholwa kakhulu ngamandla kaNkulunkulu; futhi phezu kwalokho wakholwa ukuthi u-Alima no-Amuleki babenolwazi ngaye, ngokuba wakholwa wukuthi babeyazi imicabango kanye nezinjongo zenhliziyo yakhe; ngokuba babenikiwe amandla ukuthi bazazi lezi zinto ngokomoya wesiphrofetho.

8 Futhi uZeziromu waqala ukubuza kubo ephindelela, ukuze azi kabanzi mayelana nombuso kaNkulunkulu. Futhi wathi ku-Alima: Kuchaza ukuthini lokhu u-Amuleki akukhulumile mayelana nokuvuka kwabafileyo, ukuthi bonke bayovuka ekufeni, abalungile kanye nabangalungile, futhi balethwe ukuthi bame phambi kukaNkulunkulu ukuthi behlulelwe ngokwemisebenzi yabo na?

9 Manje u-Alima waqala ukumcacisela lezi zinto, ethi: Kunikeziwe kwabaningi ukuthi bazazi aizimfihlakalo zikaNkulunkulu; nokho babekwe ngaphansi komthetho oqinile wokuthi bangalidlulisi kuphela bngokwenxenye yezwi lakhe alinikeza abantwana babantu, ngokulalela kanye nenkuthalo abamnika yona.

10 Ngakho-ke, lowo ozo aqinisa inhliziyo yakhe, yena kanye lowo uthola binxenye encane yezwi; futhi lowo congezukuyiqinisa inhliziyo yakhe, kuye dkunikwa inxenye enkulu yezwi, aze anikwe ukuthi azi izimfihlakalo zikaNkulunkulu kuze kube uzazi ngokugcwele.

11 Futhi labo abazoqinisa izinhliziyo zabo, banikezwa ainxenye encane yezwi baze bangabe bbesazi lutho mayelana nezimfihlakalo zakhe; futhi emva kwalokho bathunjwa ngudeveli, futhi abahole ngokwentando yakhe abayise phansi ekubhujisweni. Manje yilokhu okuchazwa cngamaketanga desihogo.

12 Futhi u-Amuleki ukhulume ngokusobala mayelana anokufa, kanye nokuvuswa kulokhu kufa kuya esimweni sokungafi, kanye nokulethwa phambi kwesihlalo sikaNkulunkulu, ukuze bsahlulelwe ngokwemisebenzi yethu.

13 Kuleso simo uma izinhliziyo zethu bezilukhuni, yebo, uma sizenze zaba lukhuni izinhliziyo zethu ngokumelene nezwi, kangangokuthi alitholakalanga kithi, uma kunjalo isimo sethu siyokuba sibi kakhulu, ngokuba uma kunjalo siyobekwa icala.

14 Ngokuba aamazwi ethu ayosibeka icala, yebo, yonke imisebenzi yethu iyosibeka icala; asiyikutholakala singenabala; futhi imicabango yethu nayo iyosibeka icala; futhi kulesi simo esibi kangaka ngeke silinge nakancane simbheke uNkulunkulu wethu; futhi singakujabulela sikuthokozele uma besingayala amadwala kanye bnezintaba ukuthi ziwele phezu kwethu ukuze czisifihle phambi kwakhe.

15 Kodwa lokhu akunakwenzeka; kufanele siphumele obala futhi sime phambi kwakhe enkazimulweni yakhe, nasemandleni akhe, nakubo ubukhulu bamandla akhe, nobukhosi, kanye nobukhulu bakhe, futhi sivume angokuzenyeza kwethu kwaphakade ukuthi zonke bizahlulelo zakhe zilungile; nokuthi ulungile kuyo yonke imisebenzi yakhe, futhi nokuthi unobubele kubo abantwana babantu, futhi nokuthi unawo wonke amandla okusindisa wonke umuntu okholwa egameni lakhe futhi alethe izithelo zokuphenduka.

16 Manje bhekani, ngithi kini ngaleso sikhathi kuza aukufa, ngisho nokufa kwesibili, okungukufa kukamoya; ngaleso sikhathi yisikhathi lapho noma ngubani ofela ezonweni zakhe, bngokufa kwesikhashana, cuyokufa futhi ukufa kukamoya; yebo, uyokufa ezintweni eziphathelene nokulunga.

17 Ngaleso sikhathi yisikhathi lapho izinhlupheko zabo ziyokuba njenge achibi lomlilo kanye nesibabuli, amalangabi alo akhuphukela phezulu phakade naphakade; futhi ngaleso sikhathi yisikhathi lapho beyoboshelwa phansi ekonakalisweni kwaphakade, ngokwamandla kanye nobuqili bukaSathane, ebabeke phansi kwakhe ngokwentando yakhe.

18 Ngakho-ke, ngithi kini, kubona kuyokuba sengathi aakuzange kube khona kukhululwa okwenziweyo; ngokuba abanakukhululwa ngokuhambisana nokulunga kukaNkulunkulu; futhi babanakufa, ngenxa yokuthi kuyobe kungasekho ukubola.

19 Manje kwenzeka ukuthi ngesikhathi u-Alima eseqedile ukukhuluma lamazwi, abantu baqala ukumangala kakhulu.

20 Kodwa kwakukhona oyedwa owayebizwa ngokuthi u-Antiyona, owayengumbusi omkhulu phakathi kwabo, weza ngaphambili wathi kuye: Yini lena oyishilo, ukuthi umuntu uyovuka ekufeni futhi aguqulwe kulesimo sokufa abe asesimweni sokungafi, nokuthi umphefumulo ungeke usaphinda ufe na?

21 Uqonde ukuthini umbhalo ongcwele, lona othi uNkulunkulu wabeka aikherubi kanye nenkemba evuthayo empumalanga yensimu yase-bEdene, hleze abazali bethu bokuqala bangene futhi badle isithelo somuthi wokuphila, bese bephila ingunaphakade na? Futhi ngaleyo ndlela siyabona ukuthi lalingekho ithuba lokuthi baphile ingunaphakade.

22 Manje u-Alima wathi kuye: Lena yinto ebesengizoyichaza. Manje siyabona ukuthi u-Adamu nempela awawa ngokudla bisithelo esasingavunyelwe, ngokwezwi likaNkulunkulu; futhi ngaleyo ndlela siyabona, ukuthi ngokuwa kwakhe, sonke isintu saba ngabantu cabalahlekileyo kanye nabawile.

23 Manje bhekani, ngithi kini uma kwakungenzeka ukuthi u-Adamu aadle isithelo somuthi wokuphila ngaleso sikhathi, kwakungeke kube khona ukufa, futhi izwi laliyoba yize, lenze uNkulunkulu umkhohlisi, ngokuba wathi: bUma usidla uyokufa nokufa.

24 Futhi siyabona ukuthi aukufa kuza phezu kwesintu, yebo, ukufa lokho akhulume ngakho u-Amuleki, okungukufa kwesikhashana; nokho kwaba khona isikhathi esanikwa bumuntu ukuthi ngaso aphenduke; ngakho-ke lempilo yase iba ngeyesimo sokulingwa; isikhathi csokulungiselela ukuhlangana noNkulunkulu; isikhathi sokulungiselela leso simo esingapheliyo esikhulume ngaso, esingemuva kokuvuka kwabafileyo.

25 Manje, ukuba kwakungekhona ukuthi akwakungesu lokukhululwa, elalenziwe kusukela esisekelweni somhlaba, kwakungeke kube khona bukuvuka kwabafileyo; kodwa kwaba khona isu lokukhululwa elenziwa, eliyoletha ukuvuka kwabafileyo, lokho osekukhulunywe ngakho.

26 Manje bhekani, uma kwakungenzeka ukuthi abazali bethu bokuqala babengahamba futhi bayodla aemthini wokuphila babeyoba lusizi ingunaphakade, bengenasimo sokuzilungiselela; futhi ngaleyondlela bisu lokukhululwa laliyobe selivimbelekile, futhi izwi likaNkulunkulu laliyoba yize, lingasafezekanga.

27 Kodwa bhekani, akubanga njalo; kodwa abantu abamiselwa ukuthi kufanele bafe; futhi emva kokufa, kufanele beze bekwahlulelweni, ngisho lokho kwahlulelwa esikhulume ngakho, okungokokugcina.

28 Futhi emva kokuthi uNkulunkulu esezimisile ukuthi lezi zinto kufanele zenzeke kumuntu, bhekani, emva kwalokho wabona ukuthi kwakudingekile ukuthi umuntu azi mayelana nezinto ayebabekele zona;

29 Ngakho-ke wathumela aizingelosi ukuthi zikhulume nabo, zibenze abantu ukuthi babone inkazimulo yakhe.

30 Futhi baqala kusukela ngaleso sikhathi kuya phambili ukubiza igama lakhe; ngakho-ke uNkulunkulu awakhuluma nabantu, futhi wenza ukuthi bazi bngesu lokukhululwa, elalilungiswe kusukela cesisekelweni somhlaba, futhi lokhu wabazisa ngokokholo lwabo kanye nokuphenduka kanye nangokwemisebenzi yabo engcwele.

31 Ngalokho-ke, wanikeza aimiyalelo kubantu, bona sebeyiphulile bimiyalelo yokuqala ngokwezinto zesikhashana, futhi sebenjengonkulunkulu, cbazi okuhle kokubi, bezibeke esimweni dsokwenza, noma bebekwe esimweni sokwenza ngokwezifiso kanye nangokuthanda kwabo, noma ukwenza okubi noma ukwenza okuhle—

32 Ngakho-ke uNkulunkulu wabanika imiyalelo, emva kokuthi aeselazisile kubo isu lokukhululwa, ukuthi bangakwenzi okubi, isijezizo salokho kungu bkufa kwesibili, okwakungukufa kwaphakade ngokwezinto eziphathelene nokulunga; ngokuba kulabo isu lokukhululwa lalingeke libe namandla, ngokuba imisebenzi cyokulunga yayingenakupheliswa, ngenxa yobuhle obukhulu kakhulu bukaNkulunkulu.

33 Kodwa uNkulunkulu nempela wababiza abantu, egameni leNdodana yakhe, (lokhu kuyisu lokukhululwa elaliqanjiwe) ethi: Uma nizophenduka, futhi ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu, uma kunjalo ngiyoba nomusa kini, ngayo iNdodana yami eZelwe Yodwa.

34 Ngakho-ke, lowo ophendukayo, futhi angayenzi lukhuni inhliziyo yakhe, uyokuba nesabelo kuwo aumusa ngeNdodana yami eZelwe Yodwa, ukuze bathethelelwe izono zakhe; futhi laba bayongena cekuphumuleni kwami.

35 Futhi lowo ozoyenza lukhuni inhliziyo yakhe futhi enze ububi, bhekani, ngiyafunga ngisentukuthelweni yami ukuthi akayukungena ekuphumuleni kwami.

36 Manje, bafowethu, bhekani ngithi kini, uma nizozenza lukhuni izinhliziyo zenu aniyikungena ekuphumuleni kweNkosi; ngakho-ke ububi benu bumbangela ulaka kangangokuthi wehlisela ulaka lwakhe phezu kwenu njengoku ahlubuka kokuqala, yebo, ngokwezwi lakhe ngesikhathi sokuhlubuka kokugcina njengalokho kokuqala, ukuze bkonakaliswe imiphefumulo yenu ingunaphakade; ngakho-ke, ngokwezwi lakhe, ngokwanele ukuba ife okokugcina, ngokunjalo nangokokuqala.

37 Manje, bafowethu, ngokubona ukuthi siyazazi lezi zinto, futhi ziyiqiniso, masiphendukeni, futhi singazenzi lukhuni izinhliziyo zethu, ukuze asingayibangeli iNkosi uNkulunkulu wethu ukuthi yehlisele ulaka lwayo phezu kwethu kulemiyalelo yayo yesibili esinike yona; kodwa masingeneni eku bphumuleni kukaNkulunkulu, okulungisiwe ngokwezwi lakhe.