ImiBhalo eNgcwele
Alima 42


Isahluko 42

Impilo yasemhlabeni iyisikhathi sokuvivinywa esivumela umuntu ukuthi aphenduke futhi asebenzele uNkulunkulu—UkuWa kwaletha ukufa komzimba kanye nokomoya kuwo wonke umuntu—Ukukhululwa kuza ngokuphenduka—UNkulunkulu Yena uqobo lwakhe uhlawulela izono zomhlaba—Umusa ungowalabo abaphendukayo—Bonke abanye bangaphansi kokulunga kukaNkulunkulu—UMusa uza ngenxa yeNhlawulo—Ngabadabuke ngempela ngokona kuphela abasindiswayo. Cishe ngonyaka wama 74 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje, ndodana yami, ngiyabona ukuthi kukhona okuthize okunye okusakhathaza umqondo wakho, ongakuqondi—okumayelana nokulunga kukaNkulunkulu ekujeziseni isoni; ngokuba uzama ukucabanga ukuthi akulungile ukuthi isoni siyiswe esimweni sosizi.

2 Manje bheka, ndodana yami, ngizoyichaza lento kuwe. Ngokuba bheka, emva kokuthi iNkosi uNkulunkulu ikhiphe abazali bethu bokuqala baphuma ensimini yase-Edene, bayolima umhlabathi, lapho ababethathwe khona—yebo, yamkhipha umuntu, futhi yabeka empumalanga yensimu yase-Edene, ikherubi, kanye nenkemba evuthayo eyayiphendukela ezindleleni zonke, ukugada umuthi wokuphila

3 Manje, siyabona ukuthi umuntu wabe esefana noNkulunkulu, esazi okuhle nokubi; futhi ngokwesaba ukuthi wayezolula isandla sakhe, futhi aphinde athathe emthini wokuphila, adle bese ephila ingunaphakade, iNkosi uNkulunkulu yabeka ikherubi kanye nenkemba evuthayo, ukuze angasidli leso sithelo—

4 Futhi ngaleyondlela siyabona, ukuthi kwabakhona isikhathi esabekelwa umuntu ukuthi aphenduke, yebo, isikhathi sokuvivinywa, isikhathi sokuphenduka kanye nesokusebenzela uNkulunkulu.

5 Ngokuba bheka, ukuba u-Adamu welula isandla sakhe masinyane, wadla emthini wokuphila, wayeyophila ingunaphakade, njengokwezwi likaNkulunkulu, engasenasikhathi sokuphenduka; yebo, futhi phezu kwalokho nezwi likaNkulunkulu laliyoba yize, futhi isu elikhulu lokusindiswa laliyovimbeleka.

6 Kodwa bheka, umuntu wabekelwa ukuthi afe—ngakho-ke, njengoba bavinjelwa emthini wokuphila kwakumele basuswe ebusweni bomhlaba—futhi umuntu wabe eseba ngolahlekile ingunaphakade, yebo, base beba ngabantu abawile.

7 Manje, ngalokhu uyabona ukuthi abazali bethu bokuqala bavinjelwa ngokomzimba kanye nangokomoya ukuthi beze eNkosini; futhi ngaleyondlela siyabona ukuthi baba ngabalandela intando yabo.

8 Manje bheka, kwakungadingekile ukuthi umuntu abuyiswe kulokufa kwesikhashana, ngokuba lokho kwakuzoqeda isu elikhulu lentokozo.

9 Ngakho-ke, njengoba umphefumulo wawungenakufa nanini, futhi nokuwa kwakulethe kuwo wonke umuntu ukufa ngokomoya kanjalo nokomzimba, okungukuthi, base behlukanisiwe neNkosi, kwakudingekile ukuthi wonke umuntu abuyiswe kulokufa ngokomoya.

10 Ngakho-ke, njengoba base bengabanaka inyama, sebengabathokozisa inyama, futhi sebenobudeveli, ngokwemvelo, lesisimo sokuvivinywa saba yisimo sabo sokulunga; saba yisimo sokuzilungiselela.

11 Manje khumbula, ndodana yami, ukuba kwakungekona ukuthi kwakungenxa yecebo lokukhululwa, (uma silibeka eceleni) masinyane nje ngesikhathi befa imiphefumulo yabo yayiyoba sosizini, isihlukanisiwe neNkosi.

12 Manje, yayingekho indlela yokubabuyisa abantu kulesimo sokuwa, umuntu ayesilethe phezu kwakhe ngenxa yokungalaleli kwakhe uqobo.

13 Ngakho-ke, ngokokulunga, isu lokukhululwa lalingenakwenzeka, ngaphandle kwemibandela yoku phenduka kwabantu kulesimo sokuvivinywa, yebo, lesimo sokuzilungiselela; ngokuba ngaphandle kokuthi kube ngenxa yalemibandela, umusa wawungeke ukwazi ukusebenza ngaphandle kokuthi uqede imisebenzi yokulunga. Manje imisebenzi yokulunga yayingenakuqedwa; uma kunjalo, uNkulunkulu wayezo pheza ukuba nguNkulunkulu.

14 Futhi ngaleyondlela siyabona ukuthi wonke umuntu wawa, futhi base bebanjwe wukulunga; yebo, ukulunga kukaNkulunkulu, okwakubayisa ekutheni bahlukaniswe ingunaphakade naye.

15 Manje, isu lomusa lalingeke lenzeke ngaphandle kokuthi kwenziwe inhlawulo; ngakho-ke uNkulunkulu uqobo lwakhe wahlawulela izono zomhlaba; ukuze alethe isu lomusa, ukwanelisa izidingo zokulunga, ukuze uNkulunkulu abe ngophelele, uNkulunkulu olungile, futhi ngokunjalo noNkulunkulu onesihawu.

16 Manje, ukuphenduka kwakungeke kuze kumuntu ngaphandle kokuthi kube khona isijeziso, naso futhi okwakungesaphakade njengempilo yomphefumulo kufanele ibe njalo, esasibekiwe saphikisana necebo lenjabulo, nalo futhi okwakungelaphakade njengempilo yomphefumulo.

17 Manje, umuntu wayengaphenduka kanjani ngaphandle kokuthi one na? Wayengona kanjani uma umthetho wawungekho na? Wawungaba khona kanjani umthetho ngaphandle kokuthi kube khona isijeziso na?

18 Manje, kwakukhona isijeziso esasibekiwe, kanye nomthetho olungile owawubekiwe, owawuletha ukuzisola ngesazela kumuntu.

19 Manje, uma ngabe kwakungekho mthetho obekiwe—ukuthi uma umuntu ebulele naye kwakumele afe—wayengesaba yini ukuthi uzofa uma wayengabulala na?

20 Futhi ngokunjalo, uma ngabe wawungekho umthetho obekiwe ngokumelene nesono umuntu wayengenakwesaba ukona.

21 Futhi uma ngabe wawungekho umthetho obekiwe, uma abantu bona ukulunga kwakungenzani, nomusa ngokunjalo, ngokuba kwakungeke kufune lutho esidalweni?

22 Kodwa kukhona umthetho obekiwe, kanye nesijeziso esibekiwe, kanye nokuphenduka okunikeziwe; ukuphenduka lokho, okufunwa ngumusa; ngaphandle kwalokho, ukulunga kuyasifuna isidalwa bese kusebenzisa umthetho, bese umthetho uzwisa isijeziso; uma kungenjalo, imisebenzi yokulunga ingaphela, futhi uNkulunkulu angapheza ukuba nguNkulunkulu.

23 Kodwa uNkulunkulu akaphezi ukuba nguNkulunkulu, futhi umusa uyamamukela okudabukile ngokona, futhi umusa uza ngenxa yenhlawulo; futhi inhlawulo ifeza ukuvuka kwabafileyo; futhi ukuvuka kwabafileyo kubuyisela abantu emuva kuNkulunkulu; futhi ngaleyondlela bayabuyiselwa kuye; ukuze bahlulelwe ngokwemisebenzi yabo, ngokomthetho kanye nangokulunga.

24 Ngokuba bheka, ukulunga kwenza zonke izidingo zakho, futhi ngokunjalo nomusa ufuna konke okungokwakhe; futhi ngaleyondlela, akekho namunye kodwa kuphela odabuke ngeqiniso ngokona oyosindiswa.

25 Yini, ucabanga ukuthi umusa ungakwephuca ukulunga na? Ngithi kuwe, Cha; nakancane nje. Uma kunjalo, uNkulunkulu wayeyopheza ukuba nguNkulunkulu.

26 Futhi ngaleyondlela uNkulunkulu wenza kwenzeke izinjongo zakhe ezinkulu zaphakade, ezazilungiswe kusukela ekudabukeni komhlaba. Futhi ngaleyondlela kweza ukusindiswa kanye nokukhululwa kwabantu, futhi ngokunjalo nokonala kwabo kanye nosizi.

27 Ngakho-ke, O ndodana yami, lowo oyokuza angeza futhi aphuze amanzi okuphila ngokukhululeka; futhi lowo ongenakuza akanakuphoqwa ukuthi eze; kodwa ngosuku lokugcina kuyobuyiselwa kuye njengokwezenzo zakhe.

28 Uma ebe nesifiso sokwenza okubi, futhi engaphendukanga ezinsukwini zakhe, bheka, ububi buyokwenziwa kuye, njengokubuyiselwa kukaNkulunkulu.

29 Manje, ndodana yami, ngifisa ukuthi ungazivumeli lezi zinto ukuthi zikuhluphe nanini, futhi vumela ukuhlushwa yizono zakho kuphela, ukuhlushwa lokho okuyokwehlisela phansi ekuphendukeni.

30 O ndodana yami, ngifisa ukuthi ungaphindi ukuphike ukulunga kukaNkulunkulu nanini. Ungazami ukuzikhipha ecaleni nakancane nje ngenxa yezono zakho, ngokuphika ukulunga kukaNkulunkulu; kodwa vumela ukulunga kukaNkulunkulu, kanye nomusa wakhe, kanye nokuba nenhliziyo ende kwakhe kube nomthelela ogcwele enhliziyweni yakho; futhi kuvumele kukulethe phansi othulini ngokuzehlisa.

31 Manje, O ndodana yami, ubizwe nguNkulunkulu ukuthi ushumayele izwi kulaba bantu. Manje, ndodana yami, hamba ngendlela yakho, umemezele izwi ngeqiniso kanye nangobuqotho, ukuze ulethe imiphefumulo ekuphendukeni, ukuze isu elikhulu lesihawu libazuze. Futhi sengathi uNkulunkulu angakupha ngisho njengokwamazwi ami. Amen.