ImiBhalo eNgcwele
Mosiya 26


Isahluko 26

Amalungu amaningi eBandla aholelwa ekoneni ngabangakholwayo—U-Alima uthenjiswa ukuphila okuphakade—Labo abaphendukayo futhi babhabhadiswe bathola ukuthethelelwa—Amalungu eBandla asesonweni aphendukayo futhi avuma ku-Alima kanye naseNkosini ayothethelelwa; ngaphandle kwalokho, abayikubalwa kanye nabantu beBandla. Cishe ngonyaka we 120 kuya kowe 100 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje kwenzeka ukuthi base bebaningi abesizukulwane esikhulayo ababengakwazi ukuwaqonda amazwi enkosi uBenjamini, besengabantwana abancane ngesikhathi ekhuluma kubantu bakhe; futhi babengakholwa ngamasiko oyise.

2 Babengakholwa yilokho okwakushiwo mayelana nokuvuka kwabafileyo, noma bakholwe mayelana nokuza kukaKristu.

3 Manje ngenxa yokungakholwa kwabo abakwazanga aukuliqonda izwi likaNkulunkulu; futhi izinhliziyo zabo zazilukhuni.

4 Futhi abazange babhabhadiswe; noma bazihlanganise nebandla. Futhi babengabantu abehlukile ngokokholo lwabo, futhi bahlala benjalo njalo-njalo, ngisho besesimweni sabo asokunaka inyama kanye nesigcwele ukona; ngokuba abazange bayibize iNkosi uNkulunkulu wabo.

5 Manje ekubuseni kukaMosiya babengeyona ngisho ingxenye enkulu njengabantu baNkulunkulu; kodwa ngenxa ayemibango phakathi kwabazalwane bona banda kakhulu.

6 Ngokuba kwenzeka ukuthi nempela babakhohlisa abaningi ngamazwi abo aluthayo, labo ababesebandleni, futhi nempela babenza ukuthi benze izono eziningi; ngakho-ke kwenzeka ukuthi kwadingeka ukuthi labo ababenze isono, ababesebandleni, abaxwayiswe yibandla.

7 Futhi kwenzeka ukuthi balethwa phambi kwabaphristi, futhi balethwa kubaphristi ngabafundisi; futhi abaphristi babaletha phambi kuka-Alima, aowayengumphristi omkhulu.

8 Manje inkosi uMosiya wayenikeze u-Alima igunya phezu kwebandla.

9 Futhi kwenzeka ukuthi u-Alima akazanga mayelana nabo; kodwa kwakukhona ofakazi abaningi ngokumelene nabo; yebo, abantu bema bafakaza ngobubi babo obuningi.

10 Manje kwakungakaze kube khona into enje eyenzeka ebandleni ngaphambili; ngakho-ke u-Alima wakhathazeka emoyeni wakhe, futhi wenza ukuthi balethwe phambi kwenkosi.

11 Futhi wathi enkosini: Bheka, naba abaningi esibalethe phambi kwakho, ababekwe icala ngabazalwane babo; yebo, futhi babanjwe benza ububi obunhlobonhlobo. Futhi abaphenduki ebubini babo; ngakho-ke sibalethe phambi kwakho, ukuze ubehlulele njengokwamacala abo.

12 Kodwa inkosi uMosiya yathi ku-Alima: Bheka, angizukubehlulela; ngakho-ke angibanikela ezandleni zakho ukuze behlulelwe.

13 Manje umoya ka-Alima waphinda wakhathazeka; wahamba futhi wayobuza eNkosini ukuthi kufanele enzeni mayelana naloludaba, ngokuba wayesaba ukuthi angase enze okungalungile emehlweni kaNkulunkulu.

14 Futhi kwenzeka ukuthi emva kokuthi esethandaze ngokushisekela okukhulu kuNkulunkulu, izwi leNkosi lafika kuye, lithi:

15 Ubusisiwe, Alima, futhi babusisiwe labo ababhabhadiswa aemanzini kaMormoni. Ubusisiwe ngenxa byokholo lwakho olukhulu emazwini wodwa nje enceku yami u-Abinadi.

16 Futhi babusisiwe labo ngenxa yokholo lwabo olukhulu emazwini wodwa nje owawakhuluma kubo.

17 Futhi ubusisiwe ngokuba umise aibandla phakathi kwalaba bantu; futhi bayomiswa, futhi bayokuba ngabantu bami.

18 Yebo, babusisiwe labantu abanesifiso sokuthi baziwe angegama lami; ngokuba bayobizwa ngegama lami; futhi bangabami.

19 Futhi ngenxa yokuthi ubuze kimi mayelana nomoni, ubusisiwe.

20 Uyinceku yami; futhi ngenza isivumelwano nawe sokuthi uyoba anokuphila okuphakade; futhi uyongisebenzela futhi uhambe egameni lami, futhi uyoqoqela ndawonye izimvu zami.

21 Futhi lowo oyokuzwa izwi lami uyoba ayimvu yami; futhi uyomemukela ebandleni, futhi nami ngokunjalo ngiyomemukela.

22 Ngokuba bheka, leli yibandla lami; lowo aobhabhadiswayo uyobhabhadiselwa ekuphendukeni. Futhi lowo omamukelayo uyokholwa egameni lami; futhi bngiyomthethelela ngomusa.

23 Ngokuba yimi aothwala izono zomhlaba; ngokuba yimi bobadalile; futhi yimi omnikezayo lowo okholwayo kuze kube sekugcineni indawo esandleni sami sokunene.

24 Ngokuba bheka, babizwa ngegama lami; futhi uma abengazi bayovuswa, futhi bayokuba nendawo yaphakade esandleni sami sokunene.

25 Futhi kuyokwenzeka ukuthi ngesikhathi aicilongo lesibili likhala ngaleso sikhathi labo abangazange bbangazi bayovuswa futhi bayokuma phambi kwami.

26 Futhi ngaleso sikhathi bayokwazi ukuthi ngiyiNkosi uNkulunkulu wabo, nginguMkhululi wabo; kodwa bona bakhetha ukungakhululwa.

27 Futhi ngaleso sikhathi ngiyovuma kubo ukuthi angikaze angibazi; futhi bbayohamba baye cemlilweni ongapheliyo olungiselelwe udeveli kanye nezingelosi zakhe.

28 Ngakho-ke ngithi kuwe, aongenakulizwa izwi lami, nguye kanye lowo ongayikumamukela ebandleni lami, ngokuba lowo angiyikumamukela ngosuku lokugcina.

29 Ngakho-ke ngithi kuwe, Hamba; futhi lowo owonayo ngokumelene nami, auyomehlulela bnjengokwezono zakhe azenzileyo; futhi uma cezivuma izono zakhe phambi kwakho nami, futhi daphenduke ngeqiniso enhliziyweni yakhe, euyomthethelela, futhi nami ngokunjalo ngiyomthethelela.

30 Yebo, futhi akangangoba abantu bami bbephenduka ngiyobathethelela eziphambekweni zabo ngokumelene nami.

31 Futhi phezu kwalokho aniyothethelelana omunye nomunye iziphambeko zakhe; ngokuba ngiqinisile ngithi kuwe, lowo ongamxoleli umakhelwane wakhe ngeziphambeko zakhe ngesikhathi ethi uyaphenduka, lowo uzilethele ukubekwa icala.

32 Manje ngithi kuwe, Hamba; lowo ongenakuphenduka ezonweni zakhe lowo akayikubalwa kanye nabantu bami; futhi lokhu kuyogcinwa kusukela kulesi sikhathi kuya phambili.

33 Futhi kwenzeka ngesikhathi u-Alima esewazwile lamazwi wawabhala phansi ukuze abe nawo, ukuze ehlulele abantu bebandla njengokwemiyalo kaNkulunkulu.

34 Futhi kwenzeka ukuthi u-Alima wahamba futhi wabehlulela labo ababebanjwe benza ububi, njengokwezwi leNkosi.

35 Futhi labo abaphendukayo ezonweni zabo futhi abezivuma, nempela wababala kanye nabantu bebandla;

36 Futhi labo abangazivumanga izono zabo futhi bangaphenduka ebubini babo, ababalwanga kanye nabantu bebandla, futhi amagama abo aasulwa.

37 Futhi kwenzeka ukuthi u-Alima nempela waziqondisa zonke izindaba zebandla; futhi baqala futhi ukuthi babe nokuthula futhi baphumelela kakhulu ngezindaba zebandla, behamba ngokuqaphela phambi kukaNkulunkulu, bemukela abaningi, futhi bebhabhadisa abaningi.

38 Manje zonke lezi zinto nempela u-Alima kanye nalabo ayesebenza nabo ababengamele ibandla bazenza, behamba ngayo yonke inkuthalo, befundisa izwi likaNkulunkulu kuzo zonke izinto, behlupheka ngalo lonke uhlobo lwezinkathazo, behlushwa yibo bonke labo ababengesibona abebandla likaNkulunkulu.

39 Futhi nempela babaxwayisa abazalwane babo; futhi nabo ngokunjalo abaxwayiswa, wonke umuntu ngezwi likaNkulunkulu, ngokwezono zakhe, noma ngokwezono lezo ayezenzile, beyalwe nguNkulunkulu ukuthi bbathandaze bangaphezi, futhi cbabonge kuzo zonke izinto.