ImiBhalo eNgcwele
Alima 6


Isahluko 6

IBandla eZarahemla liyahlanzwa futhi liyahlelwa—U-Alima uya eGidiyoni ukuyoshumayela. Cishe ngonyaka wama 83 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje kwenzeka ukuthi emva kokuthi u-Alima esenze isiphetho senkulumo ebantwini bebandla, elalimiswe edolobheni laseZarahemla, awagcoba abaphristi kanye bnamagosa, ngokubabeka cizandla zakhe ngokohlelo lukaNkulunkulu, ukuthi bengamele futhi dbabheke ibandla.

2 Futhi kwenzeka ukuthi lowo owayengeyena owebandla kulabo ababephenduka ezonweni zabo ababhabhadiselwa ekuphendukeni, futhi bemukelwa ebandleni.

3 Futhi phezu kwalokho kwenzeka ukuthi lowo owayengowasebandleni kulabo aabangaphendukanga ebubini babo futhi bazithobe phambi kukaNkulunkulu—ngisho labo bababephakeme ngenxa yokuzibona kwabo—bona kanye babenqatshwa, futhi amagama abo cayesulwa, ukuze amagama abo angabalwa phakathi kwalabo ababelungile.

4 Futhi ngalendlela baqala ukumisa uhlelo lwebandla edolobheni lakwaZarahemla.

5 Manje ngifuna ukuthi niqonde ukuthi izwi likaNkulunkulu lalitholakala kubo bonke, kangangokuthi babengekho ababenqatshelwe ilungelo lokuhlangana ndawonye ukuthi bezwe izwi likaNkulunkulu.

6 Nokho abantwana baNkulunkulu bayalwa ukuthi baqoqane ndawonye njalo, futhi bahlanganyele aekuzileni kanye nasekuthandazeni okukhulu ukuze kuzuze imiphefumulo yalabo ababengamazi uNkulunkulu.

7 Manje kwenzeka ukuthi ngesikhathi u-Alima esenze lemithetho wemuka kubo, yebo, wasuka ebandleni elalisedolobheni lakwaZarahemla, wahamba wawelela ngasempumalanga yomfula iSidoni, aesigodini sakwaGidiyoni, lapho kwakwakhiwe idolobha khona, elalibizwa ngedolobha lakwaGidiyoni, elalisesigodini esasibizwa ngokuthi yiGidiyoni, esabizwa ngendoda beyabulawa ngesandla sikaNehori ngenkemba.

8 Futhi u-Alima wahamba waqala ukumemezela izwi likaNkulunkulu ebandleni elalimiswe esigodini sakwaGidiyoni, njengokwambulwa kobuqiniso bezwi elalikhulunywe ngoyise, futhi nanjengokukamoya wesiphrofetho owawukuye, ngokobu afakazi bukaJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu, oyoza ukuzokhulula abantu bakhe ezonweni zabo, kanye nangohlelo olungcwele ayebizwe ngalo. Futhi kubhalwe kanjalo. Amen.