ImiBhalo eNgcwele
Alima 11


Isahluko 11

Uhlelo lwemali lwamaNefi luyachazwa—U-Amuleki ubanga noZeziromu—UKristu akazukubasindisa abantu besezonweni zabo—Yilabo abadla ifa lombuso wezulu kuphela abasindiswayo—Bonke abantu bazovukela ekungafini—Akukho ukufa emva koVuko. Cishe ngonyaka wama 82 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje kwakusemthethweni kaMosiya ukuthi wonke umuntu owayengumahluleli womthetho, noma labo ababebekwe ukuthi babe ngabehluleli, bathole inkokhelo ngokwesikhathi leso abasisebenzile ukwahlulela labo ababelethwe phambi kwabo ukuthi behlulelwe.

2 Manje uma umuntu ayekweleta omunye, futhi enqaba ukukukhokha lokho akukweletayo, wayemangalelwa kumahluleli; bese umahluleli esebenzisa igunya, athumele izinduna ukuthi umuntu lowo alethwe phambi kwakhe; bese yena emehlulela umuntu ngokomthetho kanye nangobufakazi lobo obabulethwa ngokumelene naye, futhi ngaleyondlela umuntu wayephoqeleka ukuthi akhokhe lokho akukweletayo, noma ephucwe lokho anakho, noma alahlwe ngaphandle aphume phakathi kwabantu njengesela nomphangi.

3 Bese umahluleli ethola inkokhelo yakhe ngokwesikhathi sakhe—isenine yegolide ngosuku, noma isenumu yesiliva, elingana nesenine yegolide; futhi lokhu kwakwenziwa ngokomthetho owawubekiwe.

4 Manje lawa ngamagama ezinhlobo ezahlukene zezingcezu zegolide labo, kanye nesiliva labo, njengokwenani lazo. Futhi amagama anikwa ngamaNefi, ngokuba wona awazange abale ngendlela yamaJuda ayeseJerusalema; noma alinganise ngendlela yamaJuda; kodwa wona akuguqula ukubala kanye nokulinganisa kwawo, ngokwezingqondo kanye nezimo zabantu, kuzo zonke izizukulwane, kwaze kwaba ngukubusa kwabehluleli, bona abemiswe yinkosi uMosiya.

5 Manje ukubala kukanje—isenine yegolide, iseyoni yegolide, ishumu yegolide, kanye nelimna yegolide.

6 Isenumi yesiliva, i-aminori yesiliva, i-eziromu yesiliva, kanye ne-onti yesiliva.

7 Isenumi yesiliva yayilingana nesenine yegolide, futhi kona ngakunye kwakungangesilinganiso sikabhali, futhi phezu kwalokho kungangesilinganiso sezinhlobo zonke zokusanhlamvu.

8 Manje inani leseyoni yegolide laliphindwa kabili kulo inani lesenine.

9 Ishumi yegolide yayiphindwa kabili kulo inani leseyoni.

10 Ilimna yegolide yayiyinani lakho konke.

11 I-aminori yesiliva yayinkulu ngangamasenumi amabili.

12 I-ezromi yesiliva yayinkulu ngangamasenumi amane.

13 I-onti yayinkulu ngaphezu kwazo zonke.

14 Manje lokhu yinani lesibalo esincane sokubala kwabo—

15 Ishibiloni iyinxenye yesenumi; ngakho-ke, ishibiloni ingangenxenye yesilinganiso sikabhali.

16 Ishibilumi iyinxenye yeshibiloni.

17 I-leya iyinxenye yeshibilumi.

18 Manje yisibalo sabo lesi njengokubala kwabo.

19 Manje i-antiyoni yegolide ilingana namashibiloni amathathu.

20 Manje, lokhu kwakungenhloso yokuthi bazuze nje kuphela, ngenxa yokuthi babethola inkokhelo yabo ngokusebenza kwabo, ngakho-ke, nempela babaphehla abantu ukuthi kube khona iziphithiphithi, kanye nayo yonke inhlobo yokuphazamiseka kanye nobubi, ukuze babe nomsebenzi omningi, abathole imali ngokwezimangalo ezazilethwa kubo; ngakho-ke nempela babaphehla abantu ngokumelene no-Alima kanye no-Amuleki.

21 Futhi lo Zeziromu waqala ukubuza u-Amuleki, ethi: Ungangiphendula yini imibuzo embalwa engizoyibuza kuwe na? Manje uZeziromu wayeyindoda eyayihlakaniphile angamacebo kadeveli, ukuze abhubhise lokho okwakukuhle; ngakho-ke, wathi ku-Amuleki: Ungayiphendula yini imibuzo engizoyibhekisa kuwe na?

22 Futhi u-Amuleki wathi kuye: Yebo, uma kungokuka aMoya weNkosi, okimi; ngokuba anginakusho lutho oluphambene noMoya weNkosi. Futhi uZeziromu wathi kuye: Bheka, nanka ama-onti ayisithupha esiliva, futhi wonke lawa ngizokunika wona uma nje ungabuphika ubukhona boPhezukonke.

23 Manje u-Amuleki wathi: O amntwana wesihogo, bungilingelani na? Awazi yini ukuthi abalungile abayengeki ezilingweni ezinjengalezi na?

24 Uyakholwa yini ukuthi uNkulunkulu akekho na? Ngithi kuwe, Cha, uyazi ukuthi uNkulunkulu ukhona, kodwa uthanda leyo amali kakhulu kunaye.

25 Manje uqambe amanga kimi phambi kukaNkulunkulu. Uthe kimi—Bheka, lama-onti ayisithupha, okungawenani elikhulu, ngizokunika wona—ube wazi kahle enhliziyweni yakho ukuthi uzowagodla kimi; futhi bekuyisifiso sakho nje kuphela ukuthi mina ngiphike uNkulunkulu weqiniso nophilayo, ukuze ube nesizathu sokungibulala. Manje bheka, ngenxa yalobubi obukhulu uzowuthola umvuzo wakho.

26 Futhi uZeziromu wathi kuye: Uthi kukhona uNkulunkulu weqiniso nophilayo na?

27 Futhi u-Amuleki wathi: Yebo, ukhona uNkulunkulu weqiniso futhi ophilayo.

28 Manje uZeziromu wathi: Ngabe ukhona yini omunye uNkulunkulu ngaphezu koyedwa na?

29 Futhi waphendula wathi, Cha.

30 Manje uZeziromu waphinda wathi kuye: Uzazi kanjani lezi zinto na?

31 Futhi wathi: aIngelosi ingazisile zona.

32 Futhi uZeziromu waphinda wathi: Ngubani yena lona oyoza na? Ngabe yiNdodana kaNkulunkulu na?

33 Wathi kuye, Yebo.

34 Futhi uZeziromu waphinda wathi: Ngabe uyobasindisa yini abantu bakhe abesezonweni zabo na? U-Amuleki waphendula futhi wathi kuye: Ngithi kuwe ngeke, ngokuba akakwazi ukuthi aphikise izwi lakhe.

35 Manje uZeziromu wathi kubantu: Bonani ukuthi niyazikhumbula lezi zinto; ngokuba uthe kukhona oyedwa uNkulunkulu; kepha futhi uthe iNdodana kaNkulunkulu iyoza, kodwa ngeke ibasindise abantu bayo—usho sengathi unegunya lokuyala uNkulunkulu.

36 Manje u-Amuleki waphinda wathi kuye: Bheka uqamba amanga, ngokuba uthi ngikhulume sengathi nginegunya lokuyala uNkulunkulu ngoba ngithe akayikubasindisa abantu bakhe besezonweni zabo.

37 Futhi ngiyaphinda ngithi kuwe ngeke abasindise bese azonweni zabo; ngokuba anginakuliphikisa izwi lakhe, futhi wathi bayikho into engcolile engadla ifa lombuso wezulu; ngakho-ke, ningasindiswa kanjani, ngaphandle kokuthi nidle ifa clombuso wezulu na? Ngakho-ke, aninakusindiswa nisezonweni zenu.

38 Manje uZeziromu waphinda wathi kuye: Ngabe iNdodana kaNkulunkulu nguyena qobo yini uBaba ongunaPhakade na?

39 Futhi u-Amuleki wathi kuye: Yebo, inguyena kanye auBaba waPhakade wezulu nomhlaba, kanye nazo bzonke izinto ezikuwo; isiqalo kanye nesiphetho, ingeyokuqala neyokugcina.

40 Futhi iyoza aemhlabeni ukuzo bkhulula abantu bayo; futhi ciyothwala iziphambeko zalabo abakholwa egameli layo; futhi yibo labo abayoba nokuphila okuphakade, futhi ukusindiswa akuzi komunye.

41 Ngakho-ke omubi usala sengathi aakuzanga kube khona ukukhululwa okwenziwe, ngaphandle kokuthi kube ngukuxegiswa kwezibopho zokufa; ngokuba bhekani, usuku luyeza lapho bbonke beyovuka ekufeni futhi bame phambi kukaNkulunkulu, futhi cbehlulelwe ngokwemisebenzi yabo.

42 Manje, kukhona ukufa okubizwa ngokuthi wukufa kwesikhashana; futhi ukufa kukaKristu kuyozixegisa aizibopho zalokhu kufa kwesikhashana, ukuze bonke bavuswe ekufeni kwesikhashana.

43 Umoya kanye nomzimba akuyohlanganiswa futhi kube sesimweni sakho esipheleleyo; izitho kanye namalunga kuyobuyiselwa ohlakeni lwakho oluyilo, ngisho njengoba sinje manje kulesi sikhathi; futhi siyolethwa ukuthi sime phambi kukaNkulunkulu, sazi njengoba sazi manje, futhi bsiyowakhumbula ngokucacileyo wonke camacala ethu.

44 Manje, lokhu kubuyiselwa kuyoza kubo bonke, omdala kanye nomncane, oboshiwe kanye nokhululekile, owesilisa kanye nowesifazane, ababi kanye nabalungile; futhi ngisho noma ezingakanani izinwele zamakhanda abo aziyukulahleka; kodwa zonke izinto aziyobuyiselwa ohlakeni lwazo oluyilo, njengoba kunjalo manje, noma emzimbeni, futhi ziyolethwa futhi zibekwe icala ngaphambi kwesihlalo sikaKristu iNdodana, kanye noNkulunkulu buBaba, kanye noMoya oyiNgcwele, ongu cNkulunkulu munye waPhakade, ukuze dzahlulelwe ngokwemisebenzi yazo, noma ngabe mihle noma ngabe mibi.

45 Manje, bhekani, sengikhulumile kini mayelana nokufa komzimba ofayo, futhi ngokunjalo nangoku avuka komzimba ofayo. Ngithi kini lomzimba ofayo buvuselwa cemzimbeni ongafiyo, okungukuthi usuka ekufeni, ngisho kusukela ekufeni kokuqala kuya ekuphileni, ukuze dingabe isafa nanini; imimoya yabo ihlangane nemizimba yabo, ingaphinde yehlukaniswe nanini; ngaleyondlela konke kube ngumzimba ewomoya kanye nongafiyo, ukuze ingabe isakubona nanini ukubola.

46 Manje, ngesikhathi u-Amuleki eseqedile ukusho lamazwi abantu baqala futhi ukumangala, futhi ngokunjalo noZeziromu waqala ukuqhaqhazela. Futhi aphela ngalendlela amazwi ka-Amuleki, noma yilokhu kuphela engikubhalile.