ImiBhalo eNgcwele
Alima 22


Isahluko 22

U-Aroni ufundisa uyise kaLamoni ngeNdalo, ukuWa kuka-Adamu, kanye nangesu lokukhululwa ngoKristu—INkosi kanye nendlu yayo yonke bayaphenduka—Ukuhlukana kwezwe phakathi kwamaNefi kanye namaLamani kuyachazwa. Cishe ngonyaka wama 90 kuya kowama 77 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje njengoba u-Amoni ayesaqhubeka nokufundisa abantu baLamoni, sizobuyela endabeni ka-Aroni kanye nabafowabo; ngokuba emva kokuthi esehambile ezweni lakwaMidoni waholwa nguMoya waya ezweni lakwaNefi, ngisho nasendlini yenkosi eyayiphezu kwalo lonke izwe ngaphandle kwezwe lakwa-Ishmayeli; futhi yayinguyise kaLamoni.

2 Futhi kwenzeka ukuthi wahamba waya kuyo esigodlweni senkosi, kanye nabafowabo, futhi wakhothama phambi kwenkosi, wathi kuyo: Bheka, O nkosi, thina singabafowabo baka-Amoni, omkhululile etilongweni.

3 Manje, O nkosi, uma ungasindisa izimpilo zethu, sizoba yizinceku zakho. Futhi inkosi yathi kubo: Phakamani, ngokuba ngizoninika izimpilo zenu, futhi angizukunivumela ukuthi nibe yizinceku zami; kodwa ngizofuna ukuthi ningisize; ngokuba ngandlela thize bengikhathazekile emqondweni wami ngenxa yobubele kanye nobukhulu bamazwi ka-Amoni umfowenu; futhi ngifisa ukwazi isizathu sokuthi kungani engezanga lapha kanye nani aphume ezweni laseMidoni.

4 Futhi u-Aroni wathi enkosini: Bheka, uMoya weNkosi umbizele kwenye indawo; uhambe waya ezweni lakwa-Ishmayeli, ukuyofundisa abantu baLamoni.

5 Manje inkosi yathi kubo: Yini lena eniyishilo mayelana noMoya weNkosi na? Bhekani, yilento engikhathazayo.

6 Futhi phezu kwalokho, yini lena eshiwo ngu-Amoni—Ukuthi uma uzophenduka uzosindiswa, futhi uma ungezukuphenduka, uyolahlwa ngosuku lokugcina na?

7 U-Aroni waphendula wathi kuyo: Uyakholwa yini ukuthi ukhona uNkulunkulu na? Inkosi yathi: Ngiyazi ukuthi ama-Amaleki athi kukhona uNkulunkulu, futhi ngibavumele ukuthi bakhe izindlu ezingcwele, ukuze bahlangane ndawonye ukuze bamkhonze. Futhi uma wena manje uthi ukhona uNkulunkulu, bheka ngizokholwa.

8 Manje ngesikhathi u-Aroni ekuzwa lokhu, inhliziyo yakhe yaqala ukuthokoza, futhi wathi: Bheka, ngokuqinisekileyo njengoba uphila, O nkosi, ukhona uNkulunkulu.

9 Inkosi yathi: Ngabe uNkulunkulu yilowo Moya oMkhulu owakhipha obaba bethu baphuma ezweni laseJerusalema na?

10 U-Aroni wathi kuyo: Yebo, unguye lowo Moya oMkhulu, futhi wadala zonke izinto okusezulwini nokusemhlabeni. Uyakholwa yini yilokhu na?

11 Yona yathi: Yebo, ngiyakholwa ukuthi uMoya oMkhulu wadala zonke izinto, futhi ngifisa ukuthi ungitshele mayelana nazo zonke lezi zinto, futhi ngizowakholwa amazwi akho.

12 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi u-Aroni ebona ukuthi inkosi yayizowakholwa amazwi akhe, waqala kusukela ekudalweni kuka-Adamu, efundela inkosi imibhalo engcwele—ukuthi uNkulunkulu wamdala kanjani umuntu ngomfanekiso wakhe uqobo, futhi nokuthi uNkulunkulu wamnika imiyalelo, futhi nokuthi ngenxa yokuphambuka, umuntu wawa.

13 Futhi u-Aroni wayichazela ngemibhalo engcwele kusukela ekudalweni kuka-Adamu, ebeka ukuwa komuntu phambi kwayo, kanye nesimo sabo sokunaka inyama futhi ngokunjalo nangesu lokukhululwa, elalungiswa kusukela ekusekelweni somhlaba, ngoKristu, lilungiselelwa bonke labo abayokholwa egameni lakhe.

14 Futhi njengoba umuntu awa ngeke akwazi ukuzuza lutho ngokwakhe; kodwa ukuzwa ubuhlungu kanye nokufa kukaKristu kwahlawulela izono zabo, ngokholo kanye nangokuphenduka, njalo njalo; futhi nokuthi unqamula izibopho zokufa, ukuze ithuna lingabi nakunqoba, futhi nokuthi udosi lokufa lugwinywe emathembeni enkazimulo; futhi u-Aroni wazichaza zonke lezi zinto enkosini.

15 Futhi kwenzeka ukuthi emva kokuthi u-Aroni esezichazile lezi zinto, inkosi yathi: Ngingenze njani ukuze ngibe nalokhu kuphila okuphakade osukhulume ngakho na? Yebo, ngingenze njani ukuze ngizalwe ngokukaNkulunkulu, lomoya omubi usiphulwe uphume esifubeni sami, futhi ngamukele uMoya wakhe, ukuze ngigcwaliswe ngenjabulo, ukuze ngingalahlwa ngosuku lokugcina na? Bheka, kusho yona, ngizodela konke enginakho, yebo, ngizowushiya nombuso wami, ukuze ngamukele lenjabulo enkulu.

16 Kodwa u-Aroni wathi kuyo: Uma uyifisa lento, uma ungakhothama phansi phambi kukaNkulunkulu, yebo, uma ungaphenduka ezonweni zakho zonke, futhi ukhothame phansi phambi kukaNkulunkulu, futhi ubize igama lakhe ngokholo, ukholwa ukuthi uyokuthola okucelayo, uma kunjalo uyolithola lelothemba olifisayo.

17 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi u-Aroni esewashilo lamazwi, inkosi yakhothama phansi phambi kweNkosi, ngamadolo ayo; yebo, yaze nempela yathi ja phansi emhlabathini, futhi yakhala kakhulu, ithi:

18 O Nkulunkulu, u-Aroni ungitshele ukuthi kukhona uNkulunkulu; futhi uma kukhona uNkulunkulu, futhi uma wena unguNkulunkulu, ungazembula yini kimi, futhi ngiyodela zonke izono zami ukuthi ngikwazi, futhi nokuthi ngivuswe ekufeni, futhi ngisindiswe ngosuku lokugcina. Manje ngesikhathi inkosi isiwashilo lamazwi, yashayeka phansi kwaba sengathi ifile.

19 Futhi kwenzeka ukuthi izinceku zayo zagijima zayotshela indlovukazi konke okwakwenzeke enkosini. Futhi yeza enkosini; ngesikhathi iyibona ilele sengathi yayifile, futhi phezu kwalokho u-Aroni nabafowabo bemile sengathi yibo ababeyisizathu sokuwa kwayo, yabathukuthelela, futhi yayala ukuthi izinceku zayo, noma izinceku zenkosi, zibabambe zibabulale.

20 Manje izinceku zaziyibonile imbangela yokuwa kwenkosi, ngakho-ke azizange zilokothe zibeke izandla zazo ku-Aroni nabafowabo; futhi zazikhalela kuyo indlovukazi zithi: Usiyalelani ukuthi sibulale lamadoda na?, ngokuba bheka omunye wabo unamandla kunathi sonke. Ngakho-ke sizowa phambi kwabo.

21 Manje ngesikhathi indlovukazi ibona ukwesaba kwezinceku nayo ngokunjalo yaqala ukwesaba kakhulu, hleze kubekhona ububi obuthize obuzoza kuyo. Futhi yayala izinceku zayo ukuthi zihambe ziyobiza abantu, ukuze babulale u-Aroni kanye nabafowabo.

22 Manje ngesikhathi u-Aroni ekubona ukuphikelela kwendlovukazi, futhi azi ubulukhuni bezinhliziyo zabantu, wesaba hleze isixuku sibuthane ndawonye, futhi bese kuba khona umbango omkhulu kanye nokuphazamiseka phakathi kwabo; ngakho-ke welula isandla sakhe futhi wayiphakamisa inkosi phansi, futhi wathi kuyo: Sukuma. Futhi yasukuma yema ngezinyawo zayo, yathola amandla ayo.

23 Manje lokhu kwenzeka phambi kwendlovukazi kanye neziningi izinceku. Futhi ngesikhathi bekubona lokhu bamangala kakhulu, futhi baqala ukwesaba. Futhi inkosi yema ngaphambili, futhi yaqala ukubafundisa. Futhi nempela yabafundisa, kangangokuthi abendlu yayo bonke baphendukela eNkosini.

24 Manje kwakukhona isixuku esasibuthene ndawonye ngenxa yokuyalelwa yindlovukazi, futhi kwaqala ukuthi kube khona ukuvungama okukhulu phakathi kwaso ngenxa ka-Aroni kanye nabafowabo.

25 Kodwa inkosi yeza ngaphambili yema phakathi kwabo futhi yabafundisa. Futhi baxoliswa maqondana no-Aroni kanye nalabo ayenabo.

26 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi inkosi ibona ukuthi abantu base bexolile, yenza ukuthi u-Aroni kanye nabafowabo beze ngaphambili bame phakathi kwesixuku, futhi bashumayele izwi kuso.

27 Futhi kwenzeka ukuthi inkosi yathumela isimemezelo kulo lonke izwe, phakathi kwabo bonke abantu bayo ababekulo lonke izwe layo, labo ababekuzo zonke izifunda ezazizungezile, ezazigudla ngisho nasolwandle, empumalanga kanye nasentshonalanga, kanye nalelo elalehlukaniswe ezweni lakwa Zarahemla ngomsweswana omncane wehlane, owawugijima usuka empumalanga yolwandle ngisho uze uye nasentshonalanga yolwandle, futhi uzungeze emingceleni yogu lolwandle, kanye nasemingceleni yehlane elalisenyakatho ngasezweni lakwaZarahemla, kuya emingceleni yeManti, ngasenhloko yomfula iSidoni, owawugijima usuka empumalanga uya ngase ntshonalanga—ayehlukaniswe kanjalo-ke amaLamani kanye namaNefi.

28 Manje, ingxenye enkulu engamavila yamaLamani yayihlala ehlane, futhi ihlala ematendeni; futhi yayigcwele kulo lonke ihlane entshonalanga, ezweni lakwaNefi; yebo, futhi ngokunjalo nasentshonalanga yezwe lakwaZarahemla, emingceleni ngasogwini lolwandle, kanye nasentshonalanga ezweni likaNefi, endaweni yoyise eyifa labo lokuqala, futhi ngaleyondlela begudla umngcele ngasogwini lolwandle.

29 Futhi phezu kwalokho kwakukhona amaLamani amaningi empumalanga ngasogwini lolwandle, lapho amaNefi ayewaqhubele khona. Futhi ngaleyondlela amaNefi ayecishe azungezwe ngamaLamani; nokho amaNefi ayezithathile zonke izinxenye ezisenyakatho zezwe ezazigudla ihlane, enhloko yomfula iSidoni, kusukela empumalanga kuya entshonalanga, kuzungeze kuye ohlangothini lwehlane; enyakatho, ngisho kuze kube bafika ezweni ababelibiza ngokuthi yi Nala.

30 Futhi laligudla ezweni ababelibiza ngokuthi yi Ncithakalo, likude kakhulu ukuya ngasenyakatho kangangokuthi lalifinyelela ezweni elalikade linabantu futhi ababulawa, elimathambo abo esesikhulume ngawo, elatholwa ngabantu bakwaZarahemla, okwakuyindawo yabo yokuqala abafikela kuyo.

31 Futhi bavela lapho bakhuphukela eningizimu yehlane. Ngaleyondlela izwe elingasenyakatho labizwa ngokuthi yi Ncithakalo, bese kuthi izwe elingaseningizimu libizwe ngokuthi yiNala, liyihlane eligcwele zonke izilwane zasendle ezinhlobonhlobo, inxenye yazo eyayivele ezweni elingasenyakatho ukuzofuna ukudla.

32 Manje, kwakuyibanga nje losuku nenxenye yohambo lomNefi, kusukela ezweni iNala kuya ezweni iNcithakalo, kusukela empumalanga kuya entshonalanga yolwandle; futhi ngaleyondlela izwe lakwaNefi kanye nezwe lakwaZarahemla ayecishe azungezwe ngamanzi, khona lapho kukhona isiqintana esincane sezwe phakathi kwezwe elingasenyakatho kanye nezwe elingaseningizimu.

33 Futhi kwenzeka ukuthi amaNefi ayesakhile ezweni iNala, ngisho kusukela empumalanga kuya olwandle olusentshonalanga, futhi ngalendlela amaNefi ngokuhlakanipha kwawo, kanye nabalindi bawo kanye namabutho awo, awabiyela ngaphakathi amaLamani eningizimu, ukuze ngalokho angabe esaba nasabelo enyakatho, nokuthi angabe eseqela ezweni elingasenyakatho.

34 Ngakho-ke amaLamani awabange esakwazi ukuba nesinye isabelo ngaphandle kwezwe lakwaNefi kuphela, kanye nehlane elalizungezile. Manje lokhu kwakuwukuhlakanipha kwamaNefi—njengoba amaLamani ayeyizitha kubo, babengenakuvumela izinhlupheko zabo kuzo zonke izinhlangothi, futhi phezu kwalokho ukuze babe nezwe lapho babengabalekela khona, ngokuthanda kwabo.

35 Manje, emva kokuthi sengikushilo lokhu, ngiyaphinda ngibuyela endabeni ka-Amoni kanye no-Aroni, u-Omineri kanye noHimini, kanye nabafowabo.