ImiBhalo eNgcwele
2 Nefi 2


Isahluko 2

Ukukhululwa kuza ngoMesiya oNgcwele—Inkululeko yokukhetha (ilungelo lokukhetha) iyadingeka ekuphileni kanye nakuyo inqubekela phambili—U-Adamu wawa ukuze abantu babekhona—Abantu bakhululekile ukuthi bakhethe inkululeko kanye nokuphila okuphakade. Cishe ngonyaka wama 588 kuya kowama 570 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje, Jakobe, sengikhuluma kuwe: Wena uyizibulo lami ezinsukwini zosizi lwami ehlane. Futhi bheka, ebuntwaneni bakho uzizwile izinkathazo kanye nosizi olukhulu, ngenxa yokwedelela kwabafowenu.

2 Nokho, Jakobe, zibulo lami lasehlane, wena uyabazi ubukhulu bukaNkulunkulu; futhi uyozingcwelisa izinkathazo zakho ukuze kube yinzuzo kuwe.

3 Ngalokho-ke, umphefumulo wakho uyobusiswa, futhi uyohlala ngokuphepha nomfowenu, uNefi; futhi izinsuku zakho uyozichitha ngokwenza umsebenzi kaNkulunkulu wakho. Ngalokho-ke, ngiyazi ukuthi ukhululiwe, ngenxa yokulunga koMkhululi wakho; ngokuba ubonile ukuthi ngokuphelela kwesikhathi uyofika alethe insindiso kubantu.

4 Futhi uyibonile ebusheni bakho inkazimulo yakhe; ngalokho-ke, ubusisiwe ngisho nanjengabo labo ayobafundisa esesenyameni; ngokuba uMoya uyefana, izolo, namhlanje, futhi ingunaphakade. Futhi indlela ilungisiwe kusukela ekuweni komuntu, futhi insindiso imahhala.

5 Futhi abantu bayafundiswa ngokwanele ukuze bazi okuhle kokubi. Futhi umthetho unikeziwe kubantu. Futhi ngomthetho ayikho inyama engenacala; noma, ngomthetho abantu bayasuswa. Yebo, ngomthetho wesikhashana basuswa; futhi phezu kwalokho, ngomthetho womoya bayalahleka kulokho okuhle, futhi bahlupheke ingunaphakade.

6 Ngalokho-ke, ukukhululwa kuza ngoMesiya oNgcwele; ngokuba ugcwele umusa neqiniso.

7 Bheka, uzinikela ukuze abe ngumhlatshelo wesono, ukwanelisa izimfuno zomthetho, kubo bonke labo abanenhliziyo edabukileyo kanye nomoya ophukileyo; futhi akukho namunye omunye okungathi ngaye izimfuno zomthetho zaneliseke.

8 Ngalokho-ke, kubaluleke kangakanani ukwazisa ngalezi zinto kubantu basemhlabeni, ukuze bazi ukuthi akukho nyama engahlala phambi kukaNkulunkulu, ngaphandle kwezenzo ezinhle, nesihawu, kanye nomusa kaMesiya oNgcwele, obeka phansi impilo yakhe ngokwasenyameni, futhi aphinde ayithathe ngamandla kaMoya, ukuze afeze ukuvuka kwabafileyo, ebe engowokuqala oyovuka.

9 Ngalokho-ke, uyizithelo zokuqala kuNkulunkulu, kangangoba eyoncengela bonke abantwana babantu; futhi labo abayokholwa kuye bayosindiswa.

10 Futhi ngenxa yokubancengela bonke, bonke abantu beza kuNkulunkulu; ngalokho-ke, bami phambi kwakhe, ukuze bahlulelwe nguye ngokweqiniso kanye nangobungcwele obukuye. Ngalokho-ke, izimfuno zomthetho onikwe oNgcwele, zigcwalisa isijeziso esibekiwe, isijeziso esibekiwe esiphikisanayo nenjabulo ebekiwe, ukuze kugcwaliseke izimfuno zenhlawulo

11 Ngokuba kufanele, ukuthi kube khona ukuphikisana ezintweni zonke. Uma kungenjalo, zibulo lami ehlane, ukulunga akunakugcwaliseka, ngokunjalo nobubi, ngokunjalo nobungcwele noma usizi, ngokunjalo nokuhle noma okubi. Ngalokho-ke, zonke izinto kufanele zibe yinhlanganisela eyodwa; ngalokho-ke, uma zingaba ngumzimba owodwa kuyodingeka zihlale njengezifile, zingenampilo nakufa, noma ukubola noma ukungaboli, ukujabula noma usizi, ngokunjalo nemizwa noma ukungabi namizwa.

12 Ngalokho-ke, kwakuzoba wukuthi zazidalelwe into eyize; ngalokho-ke kwakunge zukuba bikho nhloso kuyo injongo yokudalwa kwazo. Ngalokho-ke, lento ibiyoshabalalisa ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kanye nezinhloso zakhe zaphakade, futhi ngokunjalo namandla, kanye nesihawu, kanye nokulunga kukaNkulunkulu.

13 Futhi uma niyothi awukho umthetho, ngokunjalo futhi niyothi asikho isono. Uma niyothi asikho isono, ngokunjalo futhi niyothi akukho ukulunga. Futhi uma kungekho ukulunga ngeke ibe khona injabulo. Futhi uma kungekho ukulunga noma injabulo ngeke kubekhona ukujeziswa noma usizi. Futhi uma lezi zinto zingekho akekho noNkulunkulu. Futhi uma engekho uNkulunkulu nathi asikho, ngokunjalo nomhlaba; ngokuba bekungeke kube khona ukudalwa kwezinto, ngokunjalo nezinto okufanele zenze nezinto okufanele zenziwe; ngalokho-ke, zonke izinto beziyoshabalala ziphele.

14 Manje, madodana ami, ngikhuluma kini lezi zinto ukuze kube yinzuzo kini kanye nesifundo; ngokuba ukhona uNkulunkulu, futhi wadala zonke izinto, amazulu kanye nomhlaba, kanye nazo zonke izinto ezikuwo, izinto okufanele zenze futhi nezinto okufanele zenziwe.

15 Futhi ukuze kufezeke izinhloso zakhe zaphakade ngenjongo yomuntu, emva kokuthi esedale abazali bethu bokuqala, kanye nezilwane zasendle kanye nezinyoni zezulu, futhi ukuphetha, zonke izinto ezidaliwe, kwakufanelekile ukuthi kube khona ukuphikisana; ngisho nesithelo esasingavunyelwe sasiphikisana nomuthi wokuphila; owodwa umtoti omunye ubaba.

16 Ngalokho-ke, iNkosi uNkulunkulu yanika umuntu ukuthi azenzele ngokwakhe. Ngalokho-ke, umuntu akanakukwazi ukuzenzela ngokwakhe ngaphandle kokuthi ayengwe ngokukodwa noma ngokunye.

17 Futhi mina, Lehi, ngokwezinto engizifundile, zingenza ngicabange ukuthi ingelosi kaNkulunkulu, ngokwalokho okubhaliwe, yayiwile ezulwini; ngalokho-ke, yaba ngudeveli, ngokuba yafuna lokho okwakukubi phambi kukaNkulunkulu.

18 Futhi ngenxa yokuthi yayiwile ezulwini, futhi yaba lusizi ingunaphakade, ifuna futhi wonke umuntu abe lusizi. Ngalokho-ke, yathi ku-Eva, yebo, ngisho leyo nyoka endala, engudeveli, enguyise wawo wonke amanga, ngalokho-ke yathi: Dlana lesi sithelo esingavunyelwe, futhi awuyikufa, kepha uyokuba njengoNkulunkulu, wazi okuhle nokubi.

19 Futhi emva kokuthi u-Adamu kanye no-Eva sebesidlile isithelo esingavunyelwe baxoshwa baphuma ensimini yase-Edene, ukuze bayolima umhlabathi.

20 Futhi bazala abantwana; yebo, ngisho umndeni womhlaba wonke.

21 Futhi izinsuku zabantwana babantu zelulwa, ngokwentando kukaNkulunkulu, ukuze baphenduke ngesikhathi besese nyameni; ngalokho-ke, isimo sabo saba yisimo sokuvivinywa, futhi isikhathi sabo selulwa, njengo kwemiyalelo iNkosi uNkulunkulu ayinika abantwana babantu. Ngokuba wanika umyalelo yokuthi bonke abantu kufanele baphenduke; ngokuba wabakhombisa bonke abantu ukuthi babelahlekile, ngenxa yeziphambeko zabazali babo.

22 Manje, bheka, ukuba u-Adamu akazange aphambuke ngabe akazange awe, kepha wayeyohlala ensimini yase-Edene. Futhi zonke izinto ezazidaliwe kwakuyofanele zihlale kuleso simo esifanayo ezazikuso emva kokuthi zidaliwe; futhi kwakuyofanele zihlale ingunaphakade, futhi zingabi nasiphelo.

23 Futhi babengeke babe nabantwana; ngalokho-ke babeyohlala besesimweni sokuba msulwa, bengenanjabulo, ngokuba babengazi lusizi; bengenzi buhle, ngokuba babengazi sono.

24 Kodwa bheka, zonke izinto zenziwa ngokuhlakanipha kwakhe lowo owazi zonke izinto.

25 U-Adamu wawa ukuze abantu babekhona; futhi abantu bakhona, ukuze babe nokujabula.

26 Futhi uMesiya uyofika esikhathini esipheleleyo, ukuze akhulule abantwana babantu ekuweni. Futhi ngenxa yokuthi bakhululiwe ekuweni sebenenkululeko yaphakade, sebazi okuhle kokubi; sebezenzela bona ngokwabo futhi hhayi ukuthi kwenziwe kubo, ngaphandle kokuthi kube ngokujeziswa wumthetho ngosuku olukhulu kanye nolokugcina, njengokwemiyalelo uNkulunkulu ayinikezile.

27 Ngalokho-ke, abantu bakhululekile ngokwasenyameni; futhi zonke izinto zinikeziwe kubo eziyizimfanelo zomuntu. Futhi bakhululekile ukukhetha inkululeko kanye nokuphila okuphakade, ngoMlamuli omkhulu wabo bonke abantu, noma ukukhetha ukuthunjwa kanye nokufa, ngokokuthunjwa kanye namandla kadeveli; ngokuba yena ufuna ukuthi bonke abantu babe lusizi njengaye.

28 Manje, madodana ami, ngifuna ukuthi nibheke kuMlamuli omkhulu, futhi nilalele imiyalelo yakhe emikhulu; futhi nithembele emazwini akhe, futhi nikhethe ukuphila okuphakade, ngokwentando kaMoya wakhe oyiNgcwele.

29 Futhi ningakhethi ukufa okuphakade, ngokwentando yenyama kanye nobubi obukuyo, obunika umoya kadeveli amandla okuthumba, ukuze anidonsele phansi esihogweni, ukuze abuse phezu kwenu embusweni wakhe uqobo.

30 Ngikhulume lamazwi ambalwa kini nonke, madodana ami, ezinsukwini zokugcina zokuvivinywa kwami; futhi ngikhethe indlela elungileyo, ngokwamazwi omphrofethi. Futhi anginayo enye inhloso ngaphandle kokuba kuzuze imiphefumulo yenu ingunaphakade. Amen.