ImiBhalo eNgcwele
Alima 45


Indaba yabantu baNefi, kanye nezimpi kanye nokungezwani kwabo, ngezinsuku zikaHelamani, ngokombhalo kaHelamani, awugcina ezinsukwini zakhe.

Itholakala ezahlukweni 45 kuya ku 62.

Isahluko 45

UHelamani uyawakholwa amazwi ka-Alima—U-Alima uphrofetha ngokonakala kwamaNefi—Uyalibusisa futhi uyaliqalekisa izwe—U-Alima kungenzeka ukuthi wathathwa nguMoya wenyuka, ngisho njengoMose—Ukungezwani kuyanda eBandleni. Cishe ngonyaka wama 73 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Bheka, manje kwenzeka ukuthi abantu baNefi babejabule kakhulu, ngoba iNkosi yayiphinde yabakhipha futhi ezandleni zezitha zabo; ngakho-ke bayibonga iNkosi uNkulunkulu wabo; yebo, futhi bazila kakhulu, bakhuleka kakhulu, futhi bamkhonza uNkulunkulu ngenjabulo enkulu kakhulu.

2 Futhi kwenzeka ngonyaka weshumi nesishiyagalolunye wokubusa kwabehluleli phezu kwabantu baNefi, ukuthi u-Alima weza endodaneni yakhe uHelamani wathi kuyo: Uyawakholwa yini amazwi engiwakhulume kuwe mayelana naleyomibhalo egciniwe na?

3 UHelamani wathi kuye: Yebo, ngiyawakholwa.

4 U-Alima waphinda wathi: Uyakholwa yini kuJesu Kristu, ozoza na?

5 Yena wathi: Yebo, ngiyawakholwa wonke amazwi owakhulumile.

6 U-Alima waphinda wathi kuye: Uzoyigcina yini imiyalelo yami na?

7 Yena wathi: Yebo, ngizoyigcina imiyalelo yakho ngayo yonke inhliziyo yami.

8 Emva kwalokho u-Alima wathi kuye: Ubusisiwe; futhi iNkosi izokuphumelelisa kulelizwe.

9 Kodwa bheka, nginokuthile engizoku phrofetha kuwe; kodwa lokho engikuphrofetha kuwe ungakwembuli; yebo, lokhu engikuphrofetha kuwe akuyikwambulwa, ngisho kuze kube isiphrofetho siyagcwaliseka; ngakho-ke bhala lamazwi engizowakhuluma.

10 Futhi nanka amazwi: Bheka, ngiyabona ukuthi bona kanye labantu, amaNefi, ngokomoya wokwambulelwa okimi, eminyakeni engamakhulu amane kusukela ngaleso sikhathi uJesu Kristu ayoziveza ngaso kubo, bayoncishelwa wukukholwa.

11 Yebo, futhi ngaleso sikhathi bayobona izimpi kanye nomashayabhuqe bezifo, yebo, indlala kanye nokuchitheka kwegazi, ngisho kuze kube abantu baNefi bayaphela nya—

12 Yebo, futhi lokhu ngenxa yokuthi bayoncishelwa wukukholwa futhi bawele emisebenzini yobumnyama, kanye nasezinengisweni kanye nakuzo zonke izinhlobo zobubi; yebo, ngithi kuwe, ngenxa yokuthi bayokona sebe nokukhanya okukhulu kangaka kanye nolwazi olungaka, yebo, ngithi kuwe, kusukela ngalolo suku, ngisho nesizukulwane sesine asiyikudlula sonke ngaphambi kokuthi lobu bubi obukhulu bufike.

13 Futhi ngesikhathi lolo suku olukhulu lufika, bheka, isikhathi siyobe sesiseduze ukuthi labo manje, noma inzalo yalabo manje ababalwa phakathi kwenzalo yabantu baNefi, abaseyikubalwa phakathi kwabantu baNefi.

14 Kodwa lowo oyosala, futhi angabulawa ngalolo suku olukhulu nolwesabekayo, uyobalwa phakathi kwamaLamani, futhi uyokuba njengawo, bonke, ngaphandle nje kwabambalwa abayobizwa ngabafundi beNkosi; futhi amaLamani ayobazingela ngisho baze baphele nya. Manje, ngenxa yobubi, lesisiphrofetho siyogcwaliseka.

15 Manje kwenzeka ukuthi emva kokuthi u-Alima esezishilo lezi zinto kuHelamani, wambusisa, futhi ngokunjalo namanye amadodana akhe; futhi phezu kwalokho wawubusisa umhlaba ngenxa yabalungileyo.

16 Futhi wathi: Isho kanje iNkosi uNkulunkulu—Liyoqalekiswa izwe, yebo, lelizwe, liqalekiselwe zonke izizwe, imindeni, izilimi, kanye nabantu, okuyobangela imbubhiso, yabenza ububi, uma sebevuthwe ngokuphelele; futhi njengoba sengishilo kuyoba njalo; ngokuba lesi yisiqalekiso kanye nesibusiso sikaNkulunkulu phezu kwalelizwe, ngokuba iNkosi ayinakusibuka isono isivumele ngisho nakancane.

17 Manje, ngesikhathi u-Alima esewashilo lamazwi walibusisa ibandla, yebo, bonke labo ababezokuma baqine okholweni kusukela ngaleso sikhathi kuya phambili.

18 Futhi ngesikhathi u-Alima esekwenzile lokhu wemuka waphuma ezweni lakwaZarahemla, kwaba sengathi uya ezweni lakwaMeleki. Futhi kwenzeka ukuthi akuphindanga kuzwakale lutho ngaye; mayelana nokufa kwakhe noma ukungcwatshwa kwakhe asikwazi.

19 Bheka, yilokhu esikwaziyo, ukuthi wayeyindoda elungile; futhi amahemuhemu agcwala izwe lonke ebandleni ukuthi wathathwa nguMoya wenyuka, noma wangcwatshwa ngesandla seNkosi, ngisho njengoMose. Kodwa bheka, imibhalo engcwele ithi iNkosi yamthatha uMose yamletha kuyo; futhi siyacabanga ukuthi ngokunjalo isimemukele no-Alima emoyeni, yamletha kuyo; ngakho-ke, ngenxa yalesi sizathu asazi lutho mayelana nokufa kanye nokungcwatsha kwakhe.

20 Manje kwenzeka ekuqaleni konyaka weshumi nesishiyagalolunye wokubusa kwabehluleli phezu kwabantu baNefi, ukuthi uHelamani wahamba ngaphakathi kwabantu ukuze amemezele izwi kubo.

21 Ngokuba bheka, ngenxa yezimpi zabo namaLamani kanye nokungezwani okuningi okungasho lutho kanye nokuphazamiseka okwakuphakathi kwabantu, kwabonakala kufanelekile ukuthi izwi likaNkulunkulu limenyezelwe phakathi kwabo, yebo, futhi nokuthi kulungiswe ibandla lonke.

22 Ngakho-ke, uHelamani kanye nabafowabo baqhubeka nokumisa ibandla ezweni lonke, yebo, kuwo wonke amadolobha ezweni lonke okwakungelabantu baNefi. Futhi kwenzeka ukuthi babeka abaphristi kanye nabafundisi kulo lonke izwe, phezu kwawo wonke amabandla.

23 Manje kwenzeka ukuthi emva kokuthi uHelamani kanye nabafowabo sebebeke abaphristi kanye nabafundisi emabandleni kwavuka ukungezwani phakathi kwabo, futhi abafunanga ukulalela amazwi kaHelamani kanye nabafowabo;

24 Kodwa bakhula ekuziqhenyeni, bephakeme ezinhliziyweni zabo, ngenxa yengcebo yabo eningi kakhulu; ngakho-ke bakhula banotha emehlweni abo, futhi abafunanga ukulalela amazwi abo, ukuthi bahambe ngobuqotho phambi kukaNkulunkulu.