ImiBhalo eNgcwele
Alima 36


Imiyalelo ka-Alima endodaneni yakhe uHelamani.

Itholakala ezahlukweni 36 kuya ku 37.

Isahluko 36

U-Alima ufakaza kuHelamani ngokuguquka kwakhe emva kokubona ingelosi—Wezwa ubuhlungu bomphefumulo oyiswe ekujezisweni; Wabiza igama likaJesu, futhi emva kwalokho wabe esezalwa nguNkulunkulu—Injabulo emnandi yagcwalisa umphefumulo wakhe—Wabona izixuku-ngezixuku zezingelosi zidumisa uNkulunkulu—Abaningi abaguqukileyo bazwile futhi babona njengoba naye ezwile futhi wabona. Cishe ngonyaka wama 74 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 aNdodana yami, yipha indlebe emazwini ami; ngokuba ngiyafunga kuwe, ukuthi uma nje ungagcina imiyalelo kaNkulunkulu uyophumelela ezweni.

2 Ngifuna ukuthi wenze njengoba ngenzile, ekukhumbuleni ukuthunjwa kobaba bethu; ngokuba babesebu agqilini, futhi kwakungekho namunye owayengabakhulula ngaphandle kokuthi kube ngu bNkulunkulu ka-Abrahama, kanye noNkulunkulu ka-Isaka, kanye noNkulunkulu kaJakobe; futhi ngempela wabakhulula ezinhluphekweni zabo.

3 Manje, O ndodana yami Helamani, bheka, usesebusheni bakho, ngakho-ke, ngiyakunxusa ukuthi sengathi ungawezwa amazwi ami futhi ufunde kimi; ngokuba ngiyazi ukuthi labo abayobeka ithemba labo kuNkulunkulu bayosekelwa aezilingweni zabo, kanye nasezinhluphekweni zabo, kanye nasezinkathazweni zabo, futhi bayo bphakanyiswa ngosuku lokugcina.

4 Futhi angifuni ukuthi ucabange ukuthi angazi ngokwami—hhayi ngokwenyama kodwa ngokukamoya, hhayi bngokomqondo wasemhlabeni kodwa kaNkulunkulu.

5 Manje, bheka, ngithi kuwe, ukuba benginga azalwanga nguNkulunkulu bbengingenakuzazi lezi zinto; kodwa uNkulunkulu, ngomlomo wengelosi yakhe engcwele, ungambulele, hhayi ngenxa cyokulunga kwami.

6 Ngokuba ngahamba ngizula-zula namadodana kaMosiya, sifuna aukuqeda ibandla likaNkulunkulu; kodwa bheka, uNkulunkulu wathumela ingelosi yakhe engcwele ukuthi isimise endleleni.

7 Futhi bheka, yakhuluma kithi, kwangathi yizwi lokuduma, futhi iphansi lonke nempela alazamazama phansi kwezinyawo zethu; futhi sonke sawela phansi, ngokuba bukwesaba iNkosi kwafika kithi.

8 Kodwa bheka, izwi lathi kimi: Phakama. Futhi ngaphakama ngasukuma ngema, futhi ngayibona ingelosi.

9 Futhi yathi kimi: Uma wena ufuna ngokwakho ukubulawa, ungabe usafuna ukuqeda ibandla likaNkulunkulu.

10 Futhi kwenzeka ukuthi ngawela phansi; futhi kwaba yisikhathi aesingangezinsuku ezintathu kanye nobusuku obuthathu lapho ngangingakwazi ukuvula umlomo wami, noma ngisebenzise amalunga ami.

11 Futhi ingelosi yakhuluma izinto eziningi kimi, ezazwiwa ngabafowethu, kodwa mina angizizwanga; ngokuba ngesikhathi ngizwa amazwi athi—Uma wena ufuna ngokwakho ukubulawa, ungabe usafuna ukuqeda ibandla likaNkulunkulu—ngashaywa wukwesaba okukhulu kakhulu kanye nokumangala hleze mhlawumbe ngibulawe, kangangokuthi ngawela phansi futhi angabe ngisezwa lutho.

12 Kodwa ngahlushwa ayiminjunju yaphakade, ngokuba umphefumulo wami wakhathazeka kakhulu futhi wahlupheka ngezono zami zonke.

13 Yebo, ngazikhumbula zonke izono zami kanye nobubi bami, aengahlushwa ngabo ngobuhlungu besihogo; yebo, ngabona ukuthi ngangihlubukile kuNkulunkulu, futhi nokuthi ngangingayigcinanga imiyalelo yakhe engcwele.

14 Yebo, futhi ngangibulele abaningi babantwana bakhe, noma-ke ngangibaholele ekonakaleni; yebo, kafushane nje babubukhulu kakhulu ububi bami, kangangokuthi ukucabanga nje ukuza phambi bukaNkulunkulu wami kwawuhlupha umphefumulo wami ngokwesaba okungenakuchazwa.

15 O, ngacabanga, ukuthi kwangathi angingadingiswa futhi ngibe ngongasekho ngokomphefumulo kanye nangokomzimba, ukuze ngingalethwa ukuthi ngime phambi kukaNkulunkulu wami, ukuthi ngahlulelwe ngokwe bzenzo zami.

16 Manje, izinsuku ezintathu kanye nobusuku obuthathu ngahlushwa, ngisho nangobuhlungu abomphefumulo oyiswe ekujezisweni.

17 Futhi kwenzeka ukuthi njengoba ngangihlushwa yiminjunju, ngesikhathi angisakhathazwa wukukhumbula izono zami eziningi, bheka, ngakhumbula futhi ukuthi ngamuzwa ubaba ephrofetha kubantu mayelana nokuza kothile onguJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu, ukuzohlawulela izono zomhlaba.

18 Manje, ngesikhathi umqondo wami ubambelela kulomcabango, ngakhala ngaphakathi enhliziyweni yami ngathi: O Jesu, Ndodana kaNkulunkulu, yiba nomusa kimi, mina aengisekubabeni kwenyongo, futhi ngizungezwe nxazonke bngamaketanga aphakade okufa.

19 Manje, bheka, ngesikhathi ngikucabanga lokhu, angibange ngisabuzwa ubuhlungu enganginabo; yebo, angibange angisakhathazwa yinkumbulo yezono zami.

20 O, yayinkulu kangakanani ainjabulo, futhi kwakumangalisa kangakanani ukukhanya engakubona; yebo, umphefumulo wami wagcwaliswa ngenjabulo eyabankulu njengobuhlungu bami!

21 Yebo, ngithi kuwe, ndodana yami, akukho okwakungaba kukhulu futhi kube buhlungu njengobuhlungu engabanabo. Yebo, futhi ngiyaphinda ngithi kuwe, ndodana yami, ngakolunye uhlangothi, akukho okungaba kukhulu futhi kube mnandi njengenjabulo engaba nayo.

22 Yebo, ngacabanga ukuthi ngabona, ngisho njengoba ubaba auLehi abona, uNkulunkulu ehleli esihlalweni sakhe sobukhosi, ezungezwe yizixuku ngezixuku zezingelosi ezingabaleki, zisesimweni sokucula kanye nokudumisa uNkulunkulu wazo; yebo, futhi umphefumulo wami walangazelela ukuba lapho.

23 Kodwa bheka, amalunga ami nempela aphinda athola aamandla awo futhi, futhi ngama ngezinyawo zami, futhi nempela ngamemezela kubantu ukuthi ngase bngizelwe nguNkulunkulu.

24 Yebo, futhi kusukela ngaleso sikhathi kuze kube manje, ngisebenze ngokungaphezi, ukuze ngilethe abantu ekuphendukeni; ukuze ngibalethe ukuthi abezwe leyo njabulo enkulu nami engayizwa; ukuze nabo ngokunjalo bazalwe nguNkulunkulu, futhi bbagcwaliswe ngoMoya oNgcwele.

25 Yebo, manje bheka, O ndodana yami, iNkosi inginika injabulo enkulu ngokwedlulele ngenxa yezithelo zokusebenza kwami;

26 Ngokuba ngenxa ayezwi enginikeze lona, bheka, abaningi bazelwe nguNkulunkulu, futhi bezwa njengoba nami ngezwa, futhi bazibonela iso ngeso njengoba nami ngibonile; ngakho-ke bayazi ngalezi zinto engikhulume ngazo, njengoba nami ngazi; futhi ulwazi enginalo ngolukaNkulunkulu.

27 Futhi bengisekelwe ngisezilingweni kanye nasezinkingeni ezinhlobonhlobo, yebo, futhi nakuzo zonke izinhlobo zezinkathazo; yebo, uNkulunkulu ungikhululile etilongweni, kanye nasezibophweni, kanye nasekufeni; yebo, futhi ngibeka ithemba lami kuye, futhi usazongi akhulula njalo.

28 Futhi ngiyazi ukuthi auyongivusa ngosuku lokugcina, ukuthi ngihlale naye benkazimulweni; yebo, futhi ngiyomdumisa ingunaphakade, ngokuba cubakhiphile obaba bethu eGibithe, futhi uwagwinyile damaGibithe oLwandle oluBomvu; futhi wabahola ngamandla akhe wabayisa ezweni lesethembiso; yebo, futhi ubakhululile ebugqilini kanye nasekuthunjweni izikhathi ngezikhathi.

29 Yebo, futhi phezu kwalokho ubakhiphile obaba bethu ezweni laseJerusalema; futhi, ngamandla akhe angapheliyo, wabakhulula baphuma aebugqilini kanye nasekuthunjweni, izikhathi ngezikhathi ngisho kwehle kuze kufike kulolu suku lwanamuhla; futhi njalo ngihlala ngikhumbula ukuthunjwa kwabo; yebo, futhi nawe ngokunjalo kumele uhlale ukukhumbula, njengoba nami ngenzile, ukuthunjwa kwabo.

30 Kodwa bheka, ndodana yami, lokhu akusikho kuphela; ngokuba nawe kumele wazi njengoba nami ngazi, ukuthi akangangokuba uyoyigcina imiyalelo kaNkulunkulu uyophumelela ezweni; futhi kumele wazi futhi, ukuthi kangangokuba ungenakuyigcina imiyalelo kaNkulunkulu uyosuswa phambi kwakhe. Manje lokhu kunjengokwezwi lakhe.