ImiBhalo eNgcwele
1 Nefi 1


INcwadi Yokuqala kaNefi

Ukubusa kanye nobuFundisi Bakhe

Indaba kaLehi kanye nomkakhe uSariya, kanye namadodana akhe amane, ayebizwa ngokuthi, (kusukela kwendala) uLamani, uLemuweli, uSamu, kanye noNefi. INkosi ixwayisa uLehi ukuthi emuke ezweni laseJerusalema, ngokuba wayephrofethe kubantu ngokuphathelene nobubi babo futhi befuna ukuyibhubhisa impilo yakhe. Uthatha uhambo lwezinsuku ezintathu uya ehlane nomndeni wakhe. UNefi uthatha abafowabo ubuyela ezweni laseJerusalema ukuze ayolanda umbhalo wamaJuda. Indaba ngezinhlupheko zabo. Bathatha amadodakazi ka-Ishmayeli aba ngomkabo. Bathatha imindeni yabo futhi bayemuka baya ehlane. Izinhlupheko kanye nezinkathazo zabo ehlane. Indlela abahamba ngayo. Bafika emanzini amaningi. Abafowabo baNefi bayamvukela. Uyabanqoba ngenkulumo, futhi wakha umkhumbi. Indawo bayibiza ngegama lokuthi yiNala. Bawela amanzi amaningi baya ezweni lesethembiso, njalonjalo. Lendaba ingokokubhala kukaNefi; noma ngamanye amazwi, mina, Nefi, ngiwubhalile lombhalo.

Isahluko 1

UNefi uqala umbhalo wabantu bakubo—ULehi ubona esibonakalisweni insika yomlilo futhi ufunda encwadini yeziphrofetho—Udumisa uNkulunkulu, ubikezela ukuza kukaMesiya, futhi uphrofetha ngokubhujiswa kweJerusalema—Uzingelwa ngamaJuda. Cishe ngonyaka wama 600 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Mina, aNefi, ngizelwe bngabazali cababenegama elihle, ngakho-ke dngafundiswa ngandlelathize ngayo yonke imfundiso kababa; futhi sengibone eizinkathazo eziningi ezinsukwini zokuphila kwami, nokho, ngithandiwe kakhulu yiNkosi ezinsukwini zonke zokuphila kwami; yebo, ngithole ulwazi olukhulu lobuhle kanye fnezimfihlakalo zikaNkulunkulu, ngakho-ke ngenza gumbhalo wezenzo zami ezinsukwini zokuphila kwami.

2 Yebo, ngenza umbhalo angolimi lukababa, oluqukethe izimfundiso zamaJuda kanye nolimi lwamaGibithe.

3 Futhi ngiyazi ukuthi umbhalo engiwenzayo auliqiniso; futhi ngiwenza ngesami isandla uqobo; futhi ngiwenza ngokolwazi lwami.

4 Ngokuba kwenzeka ngokuqala akonyaka wokuqala wokubusa bkukaSedekiya, inkosi yakwaJuda, (ubaba, uLehi, esehlale ceJerusalema izinsuku zonke zokuphila kwakhe); futhi ngawo lowo nyaka kwafika abaningi dabaphrofethi, bephrofetha kubantu ukuthi kufanele baphenduke, noma idolobha elikhulu eiJerusalema kufanele libhujiswe.

5 Ngalokho-ke kwenzeka ukuthi ubaba, auLehi, ngesikhathi ehamba wathandaza eNkosini, yebo, ngisho nange bnhliziyo yakhe yonke, ethandazela abantu bakubo.

6 Futhi kwenzeka ngesikhathi esathandaza eNkosini, kwaqhamuka ainsika yomlilo yahlala phezu kwedwala phambi kwakhe; futhi wabona futhi wezwa okuningi; futhi ngenxa yezinto azibona futhi nazizwa wathuthumela futhi waqhaqhazela kakhulu.

7 Futhi kwenzeka ukuthi wabuyela endlini yakhe eJerusalema; futhi waziphonsa phezu kombhede wakhe, aenganywe nguMoya kanye nezinto ayezibonile.

8 Futhi esanganywe nguMoya kanjalo, wathathwa angombono, kangangokuthi wabona bamazulu evuleka, futhi wabona uNkulunkulu ehlezi esihlalweni sakhe, ezungezwe yizixuku zezingelosi ezingabaleki zisesimweni sokucula nokudumisa uNkulunkulu wazo.

9 Futhi kwenzeka ukuthi wabona oYedwa ehla ephuma maphakathi nezulu, futhi wabona ukuthi aukukhazimula kwakhe kwakungaphezulu kwelanga phakathi nemini.

10 Futhi waphinde wabona abanye aabayishumi nambili bemlandela, futhi okwabo ukukhanya kwakwedlula okwezinkanyezi emkhathini.

11 Futhi behlela phansi futhi bahamba phezu kobuso bomhlaba; owokuqala weza wema phambi kukababa, wamnika aincwadi, futhi wamyala ukuthi ayifunde.

12 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi esayifunda, wagcwaliswa angoMoya weNkosi.

13 Futhi wafunda, ethi: Maye, maye, kuwe Jerusalema, ngokuba ngizibonile aizinengiso zakho! Yebo, futhi ziningi izinto ubaba azifunda mayelana bneJerusalema—ukuthi kumele ibhujiswe, kanye nabahlala kuyo; abaningi kumele babhujiswe ngenkemba, futhi abaningi cbayomukiswa bathunjelwe eBabiloni.

14 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi ubaba esezifundile futhi wazibona izinto ezinkulu nezimangalisayo eziningi, wababaza eziningi izinto eNkosini; njengokuthi: Mikhulu futhi iyamangalisa imisebenzi yakho, O Nkosi Nkulunkulu Mninimandla Onke! Isihlalo sakho siphezulu emazulwini, futhi amandla, kanye nobuhle, kanye nesihawu sakho kuphezu kwabo bonke abahlala emhlabeni; futhi, ngoba unesihawu, ngeke uvumele aabeza kuwe ukuthi babhujiswe!

15 Futhi kwakungalendlela akhuluma ngayo ubaba ngolimi lwakhe edumisa uNkulunkulu wakhe; ngokuba umphefumulo wakhe wajabula, futhi nenhliziyo yakhe yonke yagcwaliswa, ngenxa yezinto ayezibonile, yebo, lezo iNkosi eyayimtshengise zona.

16 Manje mina, Nefi, angenzi indaba ephelele yezinto ubaba azibhalile, ngokuba ubhale eziningi izinto azibona ngemibono kanye nasemaphusheni; futhi phezu kwalokho ubhale eziningi izinto aaziphrofethayo nazikhuluma kubantwana bakhe, engingeke ngenze indaba ephelele ngazo.

17 Kodwa ngizokwenza indaba ngezenzo zami ezinsukwini zokuphila kwami. Bheka, angifinyeza bumbhalo kababa, ezingcwepheni engizenze ngezami izandla uqobo; ngalokho-ke, emuva kokuthi sengiwufinyezile umbhalo kababa ngizobe sengenza indaba ngempilo yami uqobo.

18 Ngalokho-ke, ngifuna ukuthi nazi, ukuthi emuva kokuthi iNkosi isimtshengise izinto eziningi ezimangalisayo ubaba, uLehi, yebo, mayelana anokubhujiswa kweJerusalema, bheka wahamba waya phakathi kwabantu, futhi waqala bukuphrofetha nokumemezela kubo izinto ayezibonile futhi nayezizwile.

19 Futhi kwenzeka ukuthi amaJuda aamhleka usulu ngenxa yezinto azifakaza ngawo; ngokuba ngempela wafakaza ngobubi kanye nangezinengiso zawo; futhi wafakaza ngokuthi izinto ayezibonile futhi nayezizwile, futhi ngokunjalo nezinto azifunda encwadini, zazibonakalisa ngokusobala ukuza bkukaMesiya, futhi ngokunjalo nokuhlengwa komhlaba.

20 Futhi ngesikhathi amaJuda ezizwa lezi zinto amthukuthelela; yebo, ngisho nanjengabaphrofethi basendulo, ababa axosha, nababakhanda ngamatshe, nabababulala; futhi phezu kwalokho afuna impilo yakhe, ukuba ayithathe. Kodwa bheka, mina, Nefi, ngizonitshengisa ukuthi ubumnene bbesihawu seNkosi buphezu kwabo bonke labo ebakhethileyo, ngenxa yokholo lwabo, ukubenza babe namandla amakhulu ngisho namandla okukhululwa.