ImiBhalo eNgcwele
Alima 15


Isahluko 15

U-Alima kanye no-Amuleki baya eSidomi futhi bamisa ibandla—U-Alima welapha uZeziromu, ongena eBandleni—Abaningi bayabhabhadiswa, futhi iBandla liyaphumelela—U-Alima kanye no-Amuleki baya eZarahemla. Cishe ngonyaka wama 81 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Futhi kwenzeka ukuthi u-Alima kanye no-Amuleki bayalwa ukuthi bemuke baphume kulelo dolobha; futhi bemuka, bahamba baze bafika ezweni laseSidomi; futhi bheka, lapho bathola bonke abantu ababemukile baphuma ezweni lakwa-Amoniha, ababe xoshiwe futhi bakhandwa nangamatshe, ngoba bekholelwa emazwini ka-Alima.

2 Futhi babaxoxela konke okwakwenzekile kubafazi babo kanye nakubantwana babo, futhi ngokunjalo ngokuphathelene nabo uqobo, kanye nanga mandla okukhululwa kwabo.

3 Futhi phezu kwalokho uZeziromu wayelele egula eSidomi, enomkhuhlane wokushisa, owawudalwe wukukhathazeka okukhulu komqondo wakhe ngenxa yo bubi bakhe, ngokuba wayecabanga ukuthi u-Alima no-Amuleki babengasekho; futhi wayecabanga ukuthi babebulewe ngenxa yobubi bakhe. Futhi lesi sono esikhulu, kanye nezinye eziningi izono zakhe, zawukhathaza umqondo wakhe waze waba nobuhlungu kakhulu, engenakukhululwa, ngakho-ke waqala wahlushwa wukushisa okuvuthayo.

4 Manje, ngesikhathi ezwa ukuthi u-Alima no-Amuleki babesezweni laseSidomi, inhliziyo yakhe yaqala ukuthi ibe nesibindi; wathumela umyalezo ngokushesha kubo, efisa ukuthi beze kuye.

5 Futhi kwenzeka ukuthi bahamba ngokushesha, belalela umyalezo ayewuthumele kubo; futhi bahamba bangena endlini kuye uZeziromu; bamthola elele embhedeni wakhe, egula, ephansi kakhulu ngenxa yomkhuhlane wokushisa; futhi umqondo wakhe nawo wawukhathazekile kakhulu ngenxa yobubi bakhe; ngesikhathi ebabona welula isandla sakhe, wabancenga ukuthi bamelaphe.

6 Futhi kwenzeka ukuthi u-Alima wathi kuye, embamba ngesandla: Uyakholelwa yini emandleni kaKristu anele ukuba usindiswe na?

7 Yena waphendula wathi: Yebo, ngiyawakholwa wonke amazwi owafundisile.

8 Futhi u-Alima wathi: Uma ukholelwa ekukhululweni kukaKristu ungaphiliswa.

9 Yena wathi: Yebo, ngiyakholwa ngokwamazwi akho.

10 Futhi emva kwalokho u-Alima wakhala eNkosini, ethi: O Nkosi Nkulunkulu wethu, yiba nomusa kulendoda, uyiphiliise ngokholo lwayo olukuKristu.

11 Futhi ngesikhathi u-Alima esewashilo lamazwi, uZeziromu wathi lacu ngezinyawo zakhe, waqala ukuhamba; futhi lokhu kwenzeka kwamangalisa bonke abantu; futhi ulwazi lwalokhu lwahamba lwafinyelela ezweni lonke laseSidomi.

12 Futhi u-Alima wambhabhadisa uZeziromu eNkosini; futhi waqala kusukela ngaleso sikhathi kuya phambili ukuthi ashumayele kubantu.

13 Futhi u-Alima wamisa ibandla ezweni laseSidomi, futhi wagcoba abaphristi kanye nabafundisi ezweni, ukuthi babhabhadise eNkosini noma ngubani owayenesifiso sokubhabhadiswa.

14 Futhi kwenzeka ukuthi babebaningi; ngokuba batheleka bevela kuzo zonke izifunda ezizungeze iSidomi, futhi babhabhadiswa.

15 Kodwa mayelana nabantu ababesezweni lakwa-Amoniha, babesasele njengabantu abanhliziyo lukhuni kanye nabangontamo lukhuni; futhi abaphendukanga ezonweni zabo, bethi wonke amandla ka-Alima no-Amuleki ngakadeveli; ngokuba babengabemfundiso ka Nehori, futhi abakholelwanga ekuphendukeni ezonweni zabo.

16 Futhi kwenzeka ukuthi u-Alima kanye no-Amuleki, u-Amuleki eseshiye igolide lakhe lonke, nesiliva, kanye nezinto zakhe eziyigugu, ezazisezweni lakwa-Amoniha, ngenxa yezwi likaNkulunkulu, enqatshwe yilabo abake baba ngabangani bakhe futhi ngokunjalo nanguyise kanye nezihlobo zakhe;

17 Ngakho-ke, emva kokuthi u-Alima esemise ibandla eSidomi, ebona ukuzilawula okukhulu, yebo ebona ukuthi abantu balawulwa ekuziqhenyeni kwabo, futhi baqala ukuzehlisa phambi kukaNkulunkulu, futhi baqala ukuqoqana ndawonye ezindaweni zabo ezingcwele ukuze badumise uNkulunkulu phambi kwe-altare, beqaphele futhi bethandaza bengaphezi, ukuthi bakhululwe kuSathane, nasekufeni, kanye nasekubhujisweni—

18 Manje njengoba ngishilo, u-Alima esezibonile zonke lezi zinto, ngakho-ke wathatha u-Amuleki weza naye ezweni lakwaZarahemla, futhi wamthatha wamyisa emzini wakhe, futhi wamsiza ekuhluphekeni kwakhe, wamqinisa eNkosini.

19 Futhi waphela kanjalo-ke unyaka weshumi wokubusa kwabehluleli phezu kwabantu bakwaNefi.