ImiBhalo eNgcwele
3 Nefi 27


Isahluko 27

UJesu ubayala ukuthi babize iBandla ngegama Lakhe—Umsebenzi kanye nomnikelo Wakhe ohlawulayo kuyivangeli Lakhe—Abantu bayalwa ukuthi baphenduke futhi babhabhadiswe ukuze bangcweliswe ngoMoya oyiNgcwele—Kufanele babe ngisho njengoJesu. Cishe ngonyaka weNkosi wama 34 kuya kowama 35.

1 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi abafundi baJesu behamba beshumayela izinto ababezizwile futhi nababezibonile, futhi bebhabhadisa egameni likaJesu, kwenzeka ukuthi abafundi babuthana ndawonye futhi bahlanganyela emkhulekweni omkhulu kanye nasekuzileni.

2 UJesu waphinda waziveza kubo, ngokuba babekhuleka kuBaba egameni lakhe; futhi uJesu weza wema phakathi kwabo, futhi wathi kubo: Nifuna ukuthi ngininikeni na?

3 Futhi bathi kuye: Nkosi, sifuna ukuthi usitshele igama esizobiza ngalo leli bandla; ngokuba kunezimpikiswano phakathi kwabantu mayelana naloludaba.

4 INkosi yathi kubo: Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini, kungani ukuthi abantu bavungame futhi baphikisane ngenxa yalento na?

5 Abayifundanga yini imibhalo engcwele, ethi kufanele nibizwe ngegama likaKristu, okuyigama lami na? Ngokuba niyobizwa ngaleli gama ngosuku lokugcina;

6 Futhi lowo obizwa ngegama lami, futhi abekezele kuze kube sekugcineni, nguye lowo oyosindiswa ngosuku lokugcina.

7 Ngakho-ke, noma ngabe yini eniyoyenza, niyoyenza egameni lami; ngakho-ke niyolibiza ibandla ngegama lami; futhi niyobiza uBaba egameni lami ukuze alibusise ibandla ngenxa yami.

8 Futhi lingaba yibandla lami kanjani ngaphandle kokuthi libizwe ngegama lami na? Ngokuba uma ibandla lingabizwa ngegama likaMose uma kunjalo liyibandla likaMose; noma uma lingabizwa ngegama lomuntu uma kunjalo liyibandla lomuntu; kepha uma lingabizwa ngegama lami uma kunjalo liyibandla lami, uma kungukuthi bakhelwe phezu kwevangeli lami.

9 Ngiqinisile ngithi kini, nina nakhelwe phezu kwevangeli lami; ngakho-ke niyokwetha noma ngabe yini eniyethayo, ngegama lami; ngakho-ke uma nibiza uBaba, ukuze kuzuze ibandla, uma kusegameni lami uBaba uyonizwa;

10 Futhi uma kungukuthi ibandla lakhelwe phezu kwevangeli lami uma kunjalo uBaba uyokhombisa imisebenzi yakhe kulo.

11 Kepha uma lingakhelwe evangelini lami, futhi lakhelwe emisebenzini yabantu, noma emisebenzini kadeveli, ngiqinisile ngithi kini banenjabulo ngemisebenzi yabo okwesikhashana, futhi emva kwesikhashana isiphetho siyeza, futhi bagawulelwa phansi futhi baphonswe emlilweni, lapho kungasekho ukubuya.

12 Ngokuba imisebenzi yabo iyabalandela, ngokuba kungenxa yemisebenzi yabo ukuthi bagawulelwa phansi; ngakho-ke khumbulani izinto enginitshele zona.

13 Bhekani ngininikile ivangeli lami, futhi leli yivangeli engininike lona—ukuthi ngeza emhlabeni ukuzokwenza intando kaBaba, ngoba uBaba engithumile.

14 Futhi uBaba wangithuma ukuze ngiphakanyiselwe phezulu esiphambanweni; futhi emva kokuthi sengiphakanyiselwe phezulu esiphambanweni, ukuze ngidonsele bonke abantu kimi, ukuthi njengoba ngaphakanyiselwa phezulu ngabantu futhi kanjalo nabantu bayophakanyiswa nguBaba, ukuze bame phambi kwami, ukuze behlulelwe ngokwemisebenzi yabo, noma ngabe mihle noma ngabe mibi—

15 Futhi ngalesi sizathu ngiphakanyiselwe phezulu; ngakho-ke, ngokwamandla kaBaba ngiyobadonsela kimi bonke abantu, ukuze behlulelwe ngokwemisebenzi yabo.

16 Futhi kuyokwenzeka, ukuthi noma ngubani ophendukayo futhi abhabhadiswe egameni lami uyogcwaliswa; futhi uma ebekezela kuze kube sekugcineni, bheka, ngiyomthola engenacala phambi kukaBaba ngalolo suku lapho ngiyokuma ukuze ngehlulele umhlaba.

17 Futhi lowo ongabekezeli kuze kube sekugcineni, nguye kanye lowo oyogawulelwa phansi futhi aphonswe emlilweni, lapho bengasenakubuya khona nanini, ngenxa yokulunga kukaBaba.

18 Futhi yilo leli izwi alinikeza abantwana babantu. Futhi ngenxa yalesi sizathu uyawagcwalisa amazwi awanikeza, futhi akaqambi manga, kepha uwagcwalisa wonke amazwi akhe.

19 Futhi ayikho into engcolile engangena embusweni wakhe; ngakho-ke akukho nto engena ekuphumuleni kwakhe ngaphandle kwalabo abahlanze izingubo zabo egazini lami, ngenxa yokholo lwabo, kanye nokuphenduka ezonweni zabo zonke, kanye nokwethembeka kwabo kuze kube sekugcineni.

20 Manje lona ngumyalelo: Phendukani, nonke mikhawulo yomhlaba, futhi nize kimi futhi nibhabhadiswe egameni lami, ukuze ningcweliswe ngokwamukela uMoya oyiNgcwele, ukuze nime ningenasici phambi kwami ngosuku lokuphela.

21 Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini, yivangeli lami leli; futhi niyazazi izinto okufanele nizenze ebandleni lami; ngokuba imisebenzi enibone ngiyenza nani ngokunjalo niyoyenza; ngokuba lokho eningibone ngikwenza ngisho lokho nani niyokwenza;

22 Ngakhoke, uma nenza lezi zinto nibusisiwe, ngokuba niyophakanyiswa ngosuku lokuphela.

23 Zibhaleni izinto enizibonile futhi nazizwa, ngaphandle kwalezo ezingavunyelwe.

24 Yibhaleni imisebenzi yalabantu, eyokwenzeka, ngisho nanjengoba ibhaliwe, ngalokho okwenzekile.

25 Ngokuba bhekani, kulezo zincwadi ezibhaliwe, kanye nalezo eziyobhalwa, labantu bayokwahlulelwa ngazo, ngokuba ngazo imisebenzi yabo iyokwambulwa kubantu.

26 Futhi bhekani, zonke izinto zibhalwe nguBaba; ngakho-ke ngezincwadi ezisazobhalwa umhlaba uyokwahlulelwa ngazo.

27 Futhi yazini ukuthi niyokuba ngabahluleli balabantu, ngokwesahlulelo engiyoninika sona, esiyobe silungile. Ngakho-ke, kufanele nibe ngabantu abanjani na? Ngiqinisile ngithi kini, ngisho njengami.

28 Manje sengiyahamba ngiya kuBaba. Futhi ngiqinisile ngithi kini, noma ngabe yiziphi izinto eniyozicela kuBaba egameni lami niyonikwa zona.

29 Ngakho-ke, celani, futhi niyophiwa; ngqongqothani, futhi niyovulelwa; ngokuba lowo ocelayo, uyaphiwa; futhi nalowo ongqongqothayo, uyovulelwa.

30 Manje, bhekani, intokozo yami inkulu, kangangoba igcwele, ngenxa yenu, futhi kanjalo nalesi sizukulwane; yebo, futhi ngisho noBaba uyathokoza, futhi kanjalo nazo zonke izingelosi ezingcwele, ngenxa yenu kanye nalesi sizukulwane; ngokuba akekho namunye wabo olahlekile.

31 Bhekani, ngifuna ukuthi niqonde; ngokuba ngisho laba abaphilayo manje balesi sizukulwane; futhi akekho namunye wabo olahlekile; futhi ngenxa yabo ngine njabulo egcwele.

32 Kepha bhekani, ngiyadabuka ngenxa yesizukulwane sesine kusukela kulesi sizukulwane, ngokuba bona baholelwa kude ekuthunjweni nguye ngisho nanjengayo indodana yokulahlwa; ngokuba bayongithengisa ngesiliva kanye negolide, kanye nangalokho okuyoboliswa yinundu kanye nalokho amasela angafohla futhi akwebe. Futhi ngalolo suku ngiyobahambela, ngisho nangokuphendulela imisebenzi yabo phezu kwamakhanda abo.

33 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi uJesu eseqedile ukusho lezi zinkulumo wathi kubafundi bakhe: Ngenani esangweni elingumngcingo; ngokuba lincane isango, futhi ingumngcingo nendlela eholela ekuphileni, futhi bancane abayitholayo; kepha libanzi isango, futhi ivulekile indlela eholela ekufeni, futhi baningi abahamba ngayo, kuze kufike ubusuku, lapho kungeke kusasebenza muntu khona.