ImiBhalo eNgcwele
3 Nefi 22


Isahluko 22

Ngezinsuku zokugcina, iSiyoni kanye nezikhonkwane zayo izomiswa, futhi u-Israyeli uzoqoqwa ngesihawu kanye nangobumnene—Bazonqoba—Qhathanisa no-Isaya 54. Cishe ngonyaka weNkosi wama 34.

1 Futhi ngaleso sikhathi lokho okubhaliweyo kuyokwenzeka: Hlabelela, O nyumba, wena ongazalanga; qhumuka auhlabelele, futhi umemeze kakhulu, wena ongabanga namihelo yomntwana; ngokuba baningi abantwana bongenamntwana kunabantwana bomfazi oshadileyo, kusho iNkosi.

2 Khulisa indawo yetende lakho, futhi yelula izindwangu zezindlu zakho; ungayeki, yelula izintambo zakho futhi uqinise aizikhonkwane zakho;

3 Ngokuba uyovela esandleni sokudla kanye nasesandleni sobunxele, futhi inzalo yakho iyobathola njengefa aabeZizwe futhi yenze amadolobha achithiweyo abe nabahlala kuwo.

4 Ungesabi, ngokuba awuyikujabha; noma ubhujiswe, ngokuba ngeke ubekwe aehlazweni; ngokuba uyokukhohlwa ukuthotshiswa kobusha bakho, futhi ngeke usalikhumbula ihlazo lobusha bakho, futhi ngeke usalikhumbula ihlazo lobufelokazi bakho nanini.

5 Ngokuba umenzi wakho, umyeni wakho, iNkosi yamaBandla yigama lakhe; futhi uMkhululi wakho, oNgcwele ka-Israyeli—uNkulunkulu womhlaba wonke uyobizwa kanjalo.

6 Ngokuba iNkosi ikubize njengowesifazane olahliweyo futhi odabukileyo emoyeni, kanye nomfazi wobusha, ngesikhathi uphikwa, kusho uNkulunkulu wakho.

7 Ngokuba isikhashana esincane ngikushiyile, kodwa ngesihawu esikhulu ngiyokuqoqa.

8 Olakeni oluncane ngabufihla ubuso bami kuwe okwesikhashana, kodwa ngobubele obungapheliyo ngiyokuba anesihawu kuwe, kusho iNkosi uMkhululi wakho.

9 Ngokuba alokhu, bkunjengamanzi kaNowa kimi, ngokuba njengoba ngifungile ukuthi amanzi kaNowa ngeke esaphinda nanini ahambe phezu komhlaba, kanjalo ngifungile ukuthi angiseyukukuthukuthelela.

10 Ngokuba aizintaba ziyokwemuka kanye namagquma asuswe, kodwa ububele bami babunakususwa kuwe, noma isivumelwano soxolo lwami sisuswe, kusho iNkosi enobubele kuwe.

11 O wena ohluphekayo, obhengulwa yisiphepho, futhi ungaduduzwa! Bheka, ngiyobeka aamatshe akho ngemibala emihle, futhi ngibeke izisekelo zakho ngamasafire.

12 Futhi ngiyokwenza amafasitela akho ngamarubi, kanye namasango akho ngamatshe akhazimulayo, kanye nayo yonke imincele yakho ngamatshe amahle.

13 Futhi abonke abantwana bakho bayofundiswa ngeNkosi; futhi kuyoba kukhulu ukuthula kwabantwana bakho.

14 Uyomiswa angokulunga; uyokuba kude nokucindezelwa ngokuba awuyikwesaba, kanye novalo ngokuba aluyikusondela eduze kwakho.

15 Bheka, bayohlangana ndawonye ngempela ngokumelene nawe, ngokuphikisana nami; lowo oyohlangana ndawonye ngokumelene nawe uyowa ngenxa yakho.

16 Bheka, ngenze umcangcathi ovuthela amalahle emlilweni, kanye nalowo okhiqiza okokusebenza kwakhe; futhi ngenze umchithi ukuthi abulale.

17 Akukho sikhali esakhelwe ukuqeda wena esiyophumelela; futhi lonke ulimi oluyokwethuka likwahlulela uyolisola. Lokhu kuyifa lezinceku zeNkosi, futhi ukulunga kwabo kuvela kimi, kusho iNkosi.