ImiBhalo eNgcwele
3 Nefi 16


Isahluko 16

UJesu umemezela ukuthi umthetho kaMose ugcwalisekile kuye—AmaNefi angezinye zezimvu akhuluma ngazo eJerusalema—Ngenxa yobubi, abantu beNkosi abaseJerusalema abazi ngezimvu ezihlakazekile zika-Israyeli. Cishe ngonyaka weNkosi wama 34.

1 Futhi ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini anginezinye izimvu, okungezona ezalelizwe, noma izwe laseJerusalema, noma kuziphi zezinxenye zezwe ezizungeze lapho sengike ngaya khona ngayofundisa.

2 Ngokuba labo engikhuluma ngabo yilabo abangakalizwa izwi lami; noma engingakaze nangasiphi isikhathi ngizibonakalise kubo.

3 Kepha ngithole umyalelo kuBaba wokuthi ngiyohamba ngiye akubo, futhi nokuthi bayolizwa izwi lami, futhi bayobalwa kanye nezimvu zami, ukuze kube khona isibaya esisodwa kanye nomalusi oyedwa; ngakho-ke ngiyahamba ngiyozibonakalisa kubo.

4 Futhi ngiyaniyala ukuthi nizibhale lezi azinkulumo emva kokuthi sengihambile, ukuze kuthi uma kwenzeka ukuthi abantu bami eJerusalema, labo abangibona futhi baba nami ebufundisini bami, bengaceli kuBaba egameni lami, ukuze bathole ulwazi ngani ngoMoya oyiNgcwele, futhi kanjalo nangezinye izizwana abangazazi, ukuze kuthi lezi zinkulumo eniyozibhala zigcinwe futhi zibonakaliswe kubo bngabeZizwe, ukuze kuthi ngokuphelela kwabeZizwe, insali yenzalo yabo, eyobe ihlakazeke phezu kobuso bomhlaba ngenxa yokungakholwa kwabo, iholwe, noma iholelwe colwazini lwami, uMkhululi wabo.

5 Futhi ngaleso sikhathi angiyobaqoqa emagumbini amane omhlaba; futhi ngaleso sikhathi ngiyosigcwalisa bisivumelano uBaba asenza kubo bonke abantu cbendlu ka-Israyeli.

6 Futhi babusisiwe aabeZizwe, ngenxa yokukholwa kwabo kimi, kimi kanye nango bMoya oyiNgcwele, ofakaza kubo ngami kanye nangoBaba.

7 Bhekani, ngenxa yokukholwa kwabo kimi, kusho uBaba, futhi nangenxa yokungakholwa kwenu, O ndlu ka-Israyeli, angezinsuku zokugcina iqiniso liyokuza kwabeZizwe, ukuze ukuphelela kwalezi zinto kwambulwe kubo.

8 Kepha maye, kusho uBaba, kwabangakholwa beZizwe—ngokuba naphezu kokuthi sebeze ebusweni balelizwe, futhi abahlakaza abantu bami okungabendlu ka-Israyeli; futhi abantu bami okungabendlu ka-Israyeli bbakhishelwe ngaphandle kwabo, futhi banyathelwa ngaphansi kwezinyawo yibo;

9 Futhi ngenxa yesihawu sikaBaba kwabeZizwe, futhi phezu kwalokho nezahlulelo zikaBaba kubantu bami okungabendlu ka-Israyeli, ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini, emva kwakho konke lokhu, futhi ngenze abantu bami okungabendlu ka-Israyeli ukuthi bashaywe, futhi bahlushwe, futhi ababulawe, futhi nokuthi bakhishelwe ngaphandle kwabo, futhi nokuthi bazondwe yibo, futhi babe yinhlekisa kanye nesaga phakathi kwabo—

10 Futhi uBaba ungiyale ngalamagama ukuthi ngithi kini: Ngalolo suku lapho abeZizwe beyokona ngokumelene nevangeli lami, futhi beyoliphika ivangeli elipheleleyo lami, futhi abeyoziqhenya ezinhliziyweni zabo ngaphezu kwezizwe zonke, futhi nangaphezu kwabantu bonke bomhlaba wonke, futhi beyogcwala zonke izinhlobo zamanga, kanye nezenkohliso, kanye nokuganga, kanye nazo zonke izinhlobo zokuzenzisa, kanye nezokubulala, kanye bnezobuphristi-mbumbulu, kanye nezobufebe, kanye nezinengiso eziyimfihlo; futhi uma beyokwenza zonke lezo zinto, futhi beyoliphika elipheleleyo ivangeli lami, bhekani, kusho uBaba, ngiyolithatha ivangeli lami elipheleleyo phakathi kwabo.

11 Futhi ngaleso sikhathi angiyosikhumbula isivumelwano sami engasenza kubantu bami, O ndlu ka-Israyeli, futhi ngiyoliletha ivangeli lami kubo.

12 Futhi ngiyokukhombisa, O ndlu ka-Israyeli, ukuthi abeZizwe ngeke babe namandla phezu kwakho; kepha ngiyosikhumbula isivumelano sami kuwe, O ndlu ka-Israyeli, futhi uyokuba anolwazi olupheleleyo ngevangeli lami.

13 Kepha uma abeZizwe beyophenduka futhi babuyele kimi, kusho uBaba, bhekani abayobalwa kanye nabantu bami, O ndlu ka-Israyeli.

14 Futhi ngeke ngivumele abantu bami, okungabendlu ka-Israyeli, ukuthi bahambe badabule phakathi kwabo, futhi babanyathele phansi, kusho uBaba.

15 Kepha uma bengenakuphendukela kimi, futhi balalele izwi lami, ngiyobavumela, yebo, ngiyobavumela abantu bami, O ndlu ka-Israyeli, ukuthi bahambe badabule phakathi kwabo, futhi ababanyathele phansi, futhi bayokuba njengosawoti osulahlekelwe wubusawoti bawo, kusuka ngaleso sikhathi ongasasizi ngalutho kodwa ukuthi ulahlwe ngaphandle, futhi unyathelwe ngaphansi kwezinyawo zabantu bami, O ndlu ka-Israyeli.

16 Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini, uBaba ungiyale kanjalo—ukuthi nginike labantu lendawo kube yifa labo.

17 Futhi ngaleso sikhathi aamazwi omphrofethi u-Isaya ayogcwaliseka, athi:

18 aAbalindi bbakho bayoliphakamisa izwi; ngezwi kanye kanye bayohlabelela, ngokuba bayobona iso neso ngesikhathi iNkosi iphinda ihola iSiyoni.

19 Qhumukani ngenjabulo, hlabelelani kanye kanye, nina zindawo ezichithiweyo zaseJerusalema; ngokuba iNkosi ibaduduzile abantu bayo, iyikhululile iJerusalema.

20 INkosi iyambulile ingalo yayo engcwele emehlweni ezizwe zonke; futhi yonke imikhawulo yomhlaba iyoyibona insindiso kaNkulunkulu.