ImiBhalo eNgcwele
3 Nefi 15


Isahluko 15

UJesu umemezela ukuthi umthetho kaMose ugcwalisekile Kuye—AmaNefi angezinye zezimvu akhuluma ngazo eJerusalema—Ngenxa yobubi, abantu beNkosi abaseJerusalema abazi ngezimvu ezihlakazekile zika-Israyeli. Cishe ngonyaka weNkosi wama 34.

1 Manje kwenzeka ukuthi ngesikhathi uJesu eseqedile ukukhuluma lenkulumo waphonsa amehlo akhe esixukwini, futhi wathi kuso: Bhekani, nizizwile izinto engazifundisa ngaphambi kokuthi ngenyukele kuBaba; ngakho-ke, lowo owakhumbulayo lamazwi ami futhi aawenze, bngiyomvusa ngosuku lokugcina.

2 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi uJesu esewashilo lamazwi wabona ukuthi kwakukhona abanye phakathi kwabo abamangala, futhi becabanga ukuthi wayefuna ukuthi benzeni mayelana anomthetho kaMose; ngokuba babengawuqondi umbhalo othi izinto ezindala zase zidlulile, futhi nokuthi zonke izinto zase zizintsha.

3 Futhi wathi kubo: Ningamangali ukuthi ngithe kini izinto ezindala sezidlulile, futhi nokuthi zonke izinto sezizintsha.

4 Bhekani, ngithi kini aumthetho usugcwalisiwe owawunikezwe uMose.

5 Bhekani, anginguye lowo owanikeza umthetho, futhi nginguye lowo owenza isivumelwano nabantu bami u-Israyeli; ngakho-ke, umthetho kimi ugcwalisekile, ngokuba ngize bukuzogcwalisa umthetho; ngakho-ke usufike esiphethweni.

6 Bhekani, aangiphikisani nabaphrofethi, ngokuba njengoba okuningi kungakagcwaliseki kimi, ngiqinisile ngithi kini, konke kuyogcwaliseka.

7 Futhi ngenxa yokuthi ngithe kini izinto ezindala sezidlulile, angiphikisani nalokho okwakhulunywa mayelana nezinto ezisazokwenzeka.

8 Ngokuba bhekani, aisivumelwano engasenza nabantu bami asikakagcwaliseki sonke; kepha umthetho owawunikezwe uMose usunesiphetho kimi.

9 Bhekani, angingumthetho, kanye bnokukhanya. Bhekani kimi, futhi nibekezele kuze kube sekugcineni, futhi cniyophila; ngokuba lowo doyobekezela kuze kube sekugcineni, ngiyomnika ukuphila okuphakade.

10 Bhekani, ngininike aimiyalelo; ngakho-ke gcinani imiyalelo yami. Futhi lona ngumthetho kanye nabaphrofethi, ngokuba ngempela bbafakaza ngami.

11 Manje kwenzeka ukuthi ngesikhathi uJesu esewakhulumile lamazwi, wathi kulabo abayishumi nambili ayebakhethile:

12 Ningabafundi bami; futhi niwukukhanya kulaba bantu, abayinsali yendlu ka aJosefa.

13 Futhi bhekani, leli ayizwe eliyifa lenu; futhi uBaba uninike lona.

14 Futhi asikho nesisodwa isikhathi lapho uBaba anginika umyalelo wokuthi angibatshele lokhu abafowenu abaseJerusalema.

15 Futhi asikho nesisodwa isikhathi lapho uBaba anginika umyalelo wokuthi ngibatshele mayelana anezinye izizwana zendlu ka-Israyeli, uBaba azihola wazikhipha kulelozwe.

16 Wangiyala ngalokhu kuphela uBaba, ukuthi ngibatshele ukuthi:

17 Nginezinye izimvu okungezona ezalesi sibaya; futhi nazo ngokunjalo kufanele ngizihole, futhi nazo ziyolizwa izwi lami; futhi kuyoba khona umhlambi owodwa, kanye anomalusi oyedwa.

18 Manje, ngenxa yokuba ngontamo lukhuni kanye nokungakholwa aabaliqondanga izwi lami; ngakho-ke ngayalwa nguBaba ukuthi ngingabe ngisasho lutho mayelana nalento kubo.

19 Kepha, ngiqinisile, ngithi kini uBaba ungiyalile, futhi ngiyanitshela, ukuthi nina nehlukaniswa nabo ngenxa yobubi babo; ngakho-ke kungenxa yobubi babo ukuthi bangazi ngani.

20 Futhi ngiqinisile, ngiyaphinda ngithi kini ezinye izizwana uBaba wazisusa kubo; futhi kungenxa yobubi babo ukuthi bangazi ngazo.

21 Futhi ngiqinisile ngithi kini, niyibo labo engathi ngabo: aNginezinye izimvu okungezona ezalesi sibaya; nazo futhi kufanele ngizihole, futhi nazo ziyolizwa izwi lami; futhi kuyokuba khona umhlambi owodwa, kanye nomalusi oyedwa.

22 Futhi abazange bangiqonde, ngokuba babecabanga ukuthi akwakungabeZizwe; ngokuba babengaqondi ukuthi abeZizwe bbabezophenduka ngokushumayela kwabo.

23 Futhi abangiqondanga ngesikhathi ngithi ziyolizwa izwi lami; futhi abaqondanga uma ngithi aabeZizwe ngeke balizwe izwi lami nangasiphi isikhathi—nokuthi angiyikuzibonakalisa kubo ngaphandle kokuthi kube ngo bMoya oyiNgcwele.

24 Kepha bhekani, nina nilizwile aizwi lami, futhi nangibona; futhi niyizimvu zami, futhi nibalwa nalabo uBaba banginike bona.