ImiBhalo eNgcwele
3 Nefi 30


Isahluko 30

AbeZizwe bezinsuku zokugcina bayayalwa ukuthi baphenduke, beze kuKristu, futhi babalwe kanye nendlu ka-Israyeli. Cishe ngonyaka weNkosi wama 34 kuya kowama 35.

1 Lalelani, O nina beZizwe, futhi nizwe amazwi kaJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo, aangiyale ngawo ukuthi ngiwakhulume mayelana nani, ngokuba, bhekani ungiyale ukuthi ngibhale, ngithi:

2 Buyani, nonke nina abeZizwe, ezindleleni zenu zobubi; futhi bniphenduke ezenzweni zenu ezimbi, zokuqamba amanga, kanye nezenkohliso, kanye nezobufebe benu, kanye nezezinengiso zenu eziyimfihlo, kanye nasekukhonzeni kwenu izithixo, kanye nasekubulaleni kwenu, kanye nakubo ubuphristi-mbumbulu benu, kanye nakuwo umona wenu, kanye nakuyo ingxabano yenu, futhi nakuyo yonke inkohlakalo yenu kanye nezinengiso, futhi nize kimi, futhi nibhabhadiswe egameni lami, ukuze nithole ukuthethelelwa kwezono zenu, futhi nigcwaliswe ngoMoya oNgcwele, ukuze cnibalwe kanye nabantu bami okungabendlu ka-Israyeli.