ImiBhalo eNgcwele
3 Nefi 5


Isahluko 5

AmaNefi ayaphenduka futhi ayazishiya izono zawo—UMormoni ubhala umlando wabantu bakubo futhi umemezela izwi laphakade kubo—U-Israyeli uzoqoqwa ekusakazekeni kwakhe isikhathi eside. Cishe ngonyaka weNkosi wama 22 kuya kowama 26.

1 Manje bheka, kwakungasekho namunye ophilayo phakathi kwabo bonke abantu bamaNefi owayesawangabaza ngisho nakancane amazwi abo bonke abaphrofethi abangcwele ababekhulumile; ngokuba babazi ukuthi kwakufanele ukuthi agcwaliseke.

2 Futhi babazi ukuthi kwakufanele ukuthi uKristu ufikile, ngenxa yezibonakaliso eziningi ezase zinikiwe, ngokwamazwi abaphrofethi; futhi nangenxa yezinto ezase zivele sezenzekile babazi ukuthi kwakufanele ukuthi zonke izinto zigcwaliseke njengoba kwakukhulunyiwe.

3 Ngakho-ke aziyeka zonke izono zawo, kanye nezinengiso zawo, kanye nobufebe bawo, futhi amsebenzela uNkulunkulu ngokukhuthala yonke emini nasebusuku.

4 Manje kwenzeka ukuthi ngesikhathi esebathathile bonke abaphangi baboshwa, kangangokuthi akubanga bikho namunye oweqayo kulabo ababenga bulawanga, aziphonsa etilongweni iziboshwa zawo, futhi enza ukuthi izwi likaNKulunkulu lishunyayelwe kubo; futhi ngobuningi balabo abaphendukayo ezonweni zabo futhi bangena esivumelwaneni sokuthi babengeke besabulala nanini ababekhululwa.

5 Kepha ngobuningi balabo ababengangenanga esivumelwaneni, futhi ababesaqhubeka nokuthi babe nezimfihlo zokubulala ezinhliziyweni zabo, yebo, ngobuningi balabo ababetholakala besongela abafowabo babe bekwa icala futhi bejeziswe ngokomthetho.

6 Futhi ngalendlela baziqeda zonke lezo zinhlangano ezazinobubi, futhi eziyimfihlo, futhi eziyisinengiso, okwakukhona kuzo inkohlakalo enkulu kakhulu, kanye nokubulala okuningi kakhulu.

7 Futhi waphela kanjalo-ke unyaka awamashumi amabili nambili, futhi kanjalo nonyaka wamashumi amabili nantathu, kanye nonyaka wamashumi amabili nane, kanye nonyaka wamashumi amabili nanhlanu; futhi kwase kudlule kanjalo iminyaka engamashumi amabili nanhlanu.

8 Futhi kwase kube khona izinto eziningi ezase zenzekile, emehlweni abanye, ezazingaba ngezinkulu futhi nezimangalisayo; nokho, ngeke zabhalwa zonke kulencwadi; yebo, lencwadi ngeke yakwazi ukuqukatha ngisho aingxenye nje yokwekhulu yalokho okwenziwa phakathi kwabantu abaningi kangaka esikhathini esingange minyaka engamashumi amabili nanhlanu;

9 Kepha bheka kukhona aimibhalo equkethe zonke izenzo zalabantu; futhi indatshana emfishane kodwa eyiqiniso yanikezwa nguNefi.

10 Ngakho-ke ngenze umbhalo wami ngalezi zinto ngokombhalo kaNefi, owawuqoshwe ezingcwepheni ezazibizwa ngezingcwephe zikaNefi.

11 Futhi bheka, ngenza umbhalo ezingcwepheni engizenze ngezami izandla uqobo.

12 Futhi bheka, ngibizwa ngo aMormoni, ngibizwa bngezwe lakwaMormoni, izwe u-Alima amisa kulo ibandla phakathi kwabantu, yebo, ibandla lokuqala elamiswa phakathi kwabo emva kwesiphambeko sabo.

13 Bheka, ngingumfundi kaJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu. Ngibizwe nguye ukuthi ngimemezele izwi lakhe phakathi kwabantu bakhe, ukuze babe nokuphila okuphakade.

14 Futhi kuye kwadingeka ukuthi mina, ngokwentando kaNkulunkulu, ukuze imikhuleko yalabo asebahamba phambilini, ababengcwele, ukuze igcwaliseke ngokokholo lwabo, ukuthi ngenze aumbhalo ngalezi zinto esezenzekile—

15 Yebo, umbhalo omncane walokho okwenzeka kusukela ngesikhathi uLehi esuka eJerusalema, kwehla kuze kufike kulesikhathi samanje.

16 Ngakho-ke ngenza umbhalo wami ngiwususela ezindabeni ezazinikezwe yilabo ababengaphambi kwami, kuze kufike ekuqaleni kosuku lwami;

17 Futhi emva kwalokho ngenza aumbhalo wezinto engizibone ngawami amehlo.

18 Futhi ngiyazi umbhalo engiwenzayo ukuthi ungumbhalo olungile futhi uyiqiniso; nokho kukhona izinto eziningi, ngokolimi lwethu, esingakwazi aukuzibhala.

19 Manje sengenza isiphetho senkulumo yami, okungeyami uqobo, futhi ngiqhubeka nokunikeza indaba yami ngezinto ezenzeka ngaphambi kwami.

20 NginguMormoni, futhi ngiwuzalo lwangempela lukaLehi. Nginesizathu sokumdumisa uNkulunkulu wami kanye nomSindisi wami uJesu Kristu, ukuthi wakhipha obaba bethu ezweni laseJerusalema, (futhi aakekho namunye owayazi ngaphandle kwakhe kanye nalabo abakhipha kulelozwe) futhi nokuthi unike mina kanye nabantu bakithi ulwazi oluningi kangaka ngokwanele ukuba kusindiswe imiphefumulo yethu.

21 Ngempela uyibusisile aindlu ka bJakobe, futhi waba cnesihawu kuyo inzalo kaJosefa.

22 Futhi akangangoba abantwana baLehi beyigcinile imiyalelo yakhe ubabusisile futhi wabaphumelelisa njengokwezwi lakhe.

23 Yebo, futhi ngempela ainsali yenzalo kaJosefa uyoyiholela bolwazini lweNkosi uNkulunkulu wabo.

24 Futhi ngempela njengoba iNkosi iphila, aizoyiqoqa emagumbini amane omhlaba yonke insali yenzalo kaJakobe, ehlakazeke kubo bonke ubuso bomhlaba.

25 Futhi njengoba yenze isivumelwano nayo yonke indlu kaJakobe, ngisho kanjalo nesivumelwano evumelane ngaso nendlu kaJakobe siyogcwaliseka ngesikhathi sayo esifanelekile, ngokwanele ukuba akubuyiselwe yonke indlu kaJakobe ekwazini ngesivumelwano avumelane ngaso nabo.

26 Futhi emva kwalokho abayomazi uMkhululi wabo, onguJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu; futhi emva kwalokho bayoqoqwa kuwo omane amagumbi omhlaba bayiswe emazweni abo, lapho ababekade behlakazwe kusuka khona; yebo, njengoba iNkosi iphila kuyoba njalo. Amen.