ImiBhalo eNgcwele
3 Nefi 14


Isahluko 14

UJesu uyala ukuthi: Ningehluleli; celani kuNkulunkulu; qaphelani abaphrofethi bamanga—Wethembisa insindiso kulabo abenza intando kaBaba—Qhathanisa noMathewu 7. Cishe ngonyaka weNkosi wama 34.

1 Manje kwenzeka ukuthi ngesikhathi uJesu esewakhulumile lamazwi waphendukela esixukwini futhi, waphinda wavula umlomo wakhe kuso, ethi: Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini, aNingehluleli, ukuze nani ningehlulelwa.

2 aNgokuba ngalokho kwahlulela enahlulela ngakho, nani niyokwahlulelwa ngakho; futhi nangaleso silinganiso enilinganisa ngaso, nani niyonikwa sona futhi.

3 Futhi ubhekelani ucezwana olusesweni lomfowenu, kepha ube ungaluboni ugongolo olusesweni lakho na?

4 Noma ungasho kanjani kumfowenu ukuthi: Ngivumele ngikhiphe ucezwana olusesweni lakho—kodwa bheka, ugongolo lusesweni lakho na?

5 Wena mzenzisi, khipha kuqala augongolo olusesweni lakho; futhi emva kwalokho uzobona kahle ukuze ukhiphe ucezwana olusesweni lomfowenu.

6 Ningaziniki izinja lokho aokungcwele, noma niphonse amagugu enu phambi kwezingulube, hleze ziwanyathele ngaphansi kwezinyawo zazo, bese ziphendukela kini ziniklebhule.

7 aCelani, futhi niyophiwa; funani, futhi niyofumana; ngqongqothani, futhi niyovulelwa.

8 Ngokuba yilowo nalowo ocelayo, uyonikwa; futhi nalowo ofunayo, uyafumana; futhi nalowo ongqongqothayo, uyovulelwa.

9 Yimuphi umuntu kini, okuthi uma indodana yakhe icela isinkwa, ayinike itshe na?

10 Noma uma icela inhlanzi, ngabe uzoyinika inyoka na?

11 Uma-ke nina, enibabi, nikwazi ukupha abantwana benu izipho ezinhle, angabanika kangakanani izinto ezinhle uYihlo osezulwini labo abacela kuye na?

12 Ngakho-ke, noma ngabe yini eniyothanda ukuthi abantu bayenze kini, ayenzeni nani ngokunjalo kubo, ngokuba lokhu kungumthetho kanye nabaphrofethi.

13 Ngenani angesango elingumngcingo, ngokuba blibanzi isango, futhi nendlela ibanzi, eholela ekonakalisweni, futhi baningi abayohamba ngayo;

14 Ngokuba lingumngcingo aisango, futhi bnendlela incane, eholela ekuphileni, futhi cbayingcosana abayoyifumana.

15 Baqapheleni aabaphrofethi bamanga, abeza kini bembethe izingubo zezimvu, kepha ngaphakathi beyizimpisi eziphangayo.

16 Niyobazi ngezithelo zabo. Ngabe abantu bayawubutha yini umvini wameva, noma amakhiwane ekhakhasi na?

17 Ngisho kanjalo yilowo nalowo muthi omuhle uthela izithelo ezinhle; kepha umuthi omubi uthela izithelo ezimbi.

18 Umuthi omuhle awunakuthela izithelo ezimbi, noma umuthi omubi uthele izithelo ezinhle.

19 Yilowo nalowo muthi aongatheli izithelo ezinhle uyagawulwa, futhi uphonswe emlilweni.

20 Ngalokho-ke, niyobazi angezithelo zabo.

21 Akusibo bonke abathi kimi, Nkosi, Nkosi, abayongena embusweni wezulu; kepha kuphela lowo owenza intando kaBaba osezulwini.

22 Abaningi abayokuthi kimi ngalolo suku: Nkosi, Nkosi, asiphrofethanga yini ngegama lakho, futhi ngegama lakho sakhipha odeveli, futhi ngegama lakho senza imisebenzi eminingi emangalisayo na?

23 Futhi emva kwalokho ngiyothi kubo: Angikaze anginazi; bsukani kimi, nina benzi bobubi.

24 Ngakho-ke, noma ngubani ozwa lamazwi ami futhi awenze, ngizomfanisa nendoda ehlakaniphileyo, eyakha indlu yayo phezu akwedwala

25 Futhi yehla aimvula, futhi zafika nezikhukhula, wavunguza nomoya, washaya phezu kwaleyondlu; kepha bayiwanga, ngokuba yayakhelwe phezu kwedwala.

26 Futhi yilowo nalowo ozwa lamazwi ami kodwa angawenzi uzofaniswa nendoda eyisiwula, eyakha indlu yayo phezu akwesihlabathi

27 Futhi yehla imvula, futhi zafika nezikhukhula, wavunguza nomoya, washaya phezu kwaleyondlu; futhi yawa, futhi kwaba kukhulu ukuwa kwayo.