ImiBhalo eNgcwele
3 Nefi 2


Isahluko 2

Ububi kanye nezinengiso kuyanda phakathi kwabantu—AmaNefi kanye namaLamani ayahlangana ukuze azivikele kubaphangi baGadiyantoni—AmaLamani aphendukile aba mhlophe futhi abizwa ngamaNefi. Cishe ngonyaka weNkosi wesi 5 kuya kowe 16.

1 Futhi kwenzeka ukuthi unyaka wamashumi ayisishiyagalolunye nanhlanu waphela ngalendlela nawo, futhi abantu baqala ukuzikhohlwa lezo zibonakaliso kanye nalezo zimangaliso ababezizwile, futhi baqala ukuthi kancane kancane bengabe besamangaliswa yisibonakaliso noma yisimangaliso esasivela ezulwini, kangangokuthi baqala ukuthi babe lukhuni ezinhliziyweni zabo, futhi babe yizimpumputhe emiqondweni yabo, futhi baqala ukungakukholwa konke lokho ababekuzwile futhi bekubonile—

2 Becabanga ezinhliziyweni zabo izinto ezithize eziyize, ukuthi zazenziwe ngabantu kanye nangamandla kadeveli, ukuze zidukise futhi azikhohlise izinhliziyo zabantu; futhi ngalendlela uSathane waphinda wazithola izinhliziyo zabantu futhi, kangangokuthi wawaphuphuthekisa amehlo abo futhi wabadukisa ukuthi bakholwe ukuthi imfundiso kaKristu yayiyinto ewubuphukuphuku futhi eyize.

3 Futhi kwenzeka ukuthi abantu baqala ukuthi bakhule baqine ebubini kanye nasezinengisweni; futhi abazange bakholwe ukuthi kwakuzophinda kube khona ezinye izibonakaliso noma izimangaliso ezazisazonikwa; futhi uSathane awayehamba ezulazula, edukisa izinhliziyo zabantu, ebalinga futhi ebenza ukuthi benze ububi obukhulu ezweni.

4 Futhi waphela kanjalo-ke unyaka wamashumi ayisishiyagalolunye nesithupha; futhi kanjalo nonyaka wamashumi ayisishiyagalolunye nesikhombisa; futhi kanjalo nonyaka wamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalombili; futhi kanjalo nonyaka wamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye;

5 Futhi kanjalo neminyaka eyikhulu yabe isidlulile kusukela ezinsukwini zika aMosiya, owayeyiNkosi kubantu bamaNefi.

6 Futhi iminyaka engamakhulu ayisithupha nesishiyagalolunye yabe isidlulile kusukela uLehi ahamba eJerusalema.

7 Futhi iminyaka eyisishiyagalolunye yabe isidlulile kusukela esikhathini isibonakaliso esasinikezwe ngaso, okwakukhulunywe ngaso ngabaphrofethi, sokuthi uKristu wayezofika emhlabeni.

8 Manje amaNefi aqala ukubala isikhathi sawo kusukela ngalesi sikhathi okwakunikezwe ngaso isibonakaliso, noma kusukela ngokufika kukaKristu; ngakho-ke, iminyaka eyisishiyagalolunye yabe isidlulile.

9 Futhi uNefi, owayenguyise kaNefi, owayegcine imibhalo, aakazange esabuyela ezweni lakwaZarahemla, futhi akazange atholakale ndawo kulo lonke izwe.

10 Futhi kwenzeka ukuthi abantu baqhubeka nokuhlala ebubinia, naphezu kokushumayela kanye nokuphrofetha okuningi okwakuthunyelwe phakathi kwabo; futhi ngalendlela wedlula kanjalo-ke nonyaka weshumi, futhi kanjalo nonyaka weshumi nanye wedlula ngalendlela ebubini.

11 Futhi kwenzeka ngonyaka weshumi nantathu kwaqala ukuthi kube khona izimpi kanye nemibango kulo lonke izwe; ngokuba abaphangi baGadiyantoni base bebaningi kakhulu, futhi base bebulele abantu abaningi kakhulu, futhi bachitha namadolobha amaningi kakhulu, futhi bandisa nokufa okuningi kakhulu kanye nokubulawa kwabantu okuningi kulo lonke izwe, kangangokuthi kwadingeka ukuthi bonke abantu, amaNefi kanye namaLamani, bathathe izikhali bayolwa nabo.

12 Ngakho-ke, wonke amaLamani ayephendukele eNkosini ahlangana nabafowabo, amaNefi, futhi aphoqeka, ukuthi avikele izimpilo zawo kanye nabesifazane babo kanye nabantwana babo, ukuthi athathe izikhali alwe nalabo baphangi baGadiyantoni, yebo, futhi kanjalo nokuthi agcine amalungelo awo, kanye nezinzuzo zebandla lawo kanye nokukhonza kwawo, kanye anamandla awo okuzenzela, kanye bnenkululeko yawo.

13 Futhi kwenzeka ukuthi ngaphambi kokuthi lo nyaka weshumi nantathu udlule amaNefi asatshiswa ngokubhujiswa nya ngenxa yalempi, eyaba yimbi kakhulu.

14 Futhi kwenzeka ukuthi lawo maLamani ayehlangene namaNefi abalwa kanye namaNefi;

15 Futhi aisiqalekiso sawo sasuswa kuwo, futhi isikhumba sawo sase siba bmhlophe njengesamaNefi;

16 Futhi izinsizwa zabo kanye namadodakazi abo aba mahle kakhulu, futhi abalwa kanye namaNefi, futhi abizwa ngamaNefi. Futhi waphela kanjalo-ke unyaka weshumi nantathu.

17 Futhi kwenzeka ekuqaleni konyaka weshumi nane, impi phakathi kwabaphangi kanye nabantu baNefi yaqhubeka futhi yaba yimbi kakhulu; nokho, abantu baNefi bake bathi ukuthola ukubahlula abaphangi, kangangokuthi babaphoqa ukuba babaleke baphindele emuva babakhipha emazweni abo babayisa ezintabeni kanye nasezindaweni zabo ezifihlekile.

18 Futhi waphela kanjalo-ke unyaka weshumi nane. Futhi ngonyaka weshumi nanhlanu baphuma bazolwa nabantu baNefi; futhi ngenxa yobubi babantu baNefi, kanye nemibango yabo eminingi kanye neziyaluyalu, abaphangi baGadiyantoni bathola ukubahlula kakhulu.

19 Futhi waphela kanjalo-ke unyaka weshumi nanhlanu, futhi ngalendlela abantu babe sesimweni sezinhlupheko eziningi; futhi ainkemba yokubhujiswa yayisi lengela kubo, kangangokuthi base bezoshaywa yiyo, futhi lokhu ngenxa yobubi babo.