ImiBhalo eNgcwele
3 Nefi 4


Isahluko 4

Amabutho amaNefi ayabehlula abaphangi baGadiyantoni—UGidiyani uyabulawa, futhi nowamlandela esikhundleni sakhe, uZeminariha, uyalengiswa—AmaNefi ayayidumisa iNkosi ngokunqoba kwawo. Cishe ngonyaka weNkosi we 19 kuya kowama 22.

1 Futhi kwenzeka ukuthi ngasekupheleni konyaka weshumi nesishiyagalombili lawo mabutho abaphangi ayesezilungiselele impi, aqala ukwehla futhi aphuma emagqumeni, kanye nasezintabeni, kanye nasehlane, kanye nasezinqabeni zawo eziqinile, kanye nase zindaweni zawo ezifihlakele, futhi aqala ukuzithathela ubunini bezindawo, ezazisezweni eliseningizimu kanye nalezo ezazisezweni elisenyakatho, futhi aqala ukuzithathela ubunini bamazwe onke aayeshiywe ngamaNefi, kanye namadolobha ayeshiywe engenamuntu.

2 Kepha bheka, kwakungekho zilwane zasendle nazinyamazane kulawo mazwe ayeshiywe ngamaNefi, futhi kwakungekho zinyamazane zabaphangi ngaphandle kwase hlane.

3 Futhi abaphangi babengenakuphila ngaphandle kokuthi babe sehlane, ngenxa yokuswela ukudla; ngokuba amaNefi ayeshiye izindawo zawo zingenalutho, futhi ayeqoqe imihlambi yezimvu zawo kanye nemihlambi yezinkomo zawo kanye nakho konke ayenakho, futhi aba yiqoqo elilodwa.

4 Ngakho-ke, kwakungekho thuba lokuthi abaphangi baphange futhi bathole ukudla, ngaphandle kokuthi baphumele obala balwe namaNefi; futhi amaNefi ngenxa yokuthi ayeyiqoqo elilodwa, futhi eyisibalo esikhulu kakhulu, futhi ezibekele imiphako, kanye namahhashi kanye nezinkomo, kanye nemihlambi enhlobonhlobo, ukuze akwazi ukuphila isikhathi esingange minyaka eyisikhombisa, ngaleso sikhathi ayenethemba lokuthi ayobe esebabulale baphela abaphangi ebusweni bezwe; futhi wedlula kanjalo-ke unyaka weshumi nesishiyagalombili.

5 Futhi kwenzeka ukuthi ngonyaka weshumi nesishiyagalolunye uGidiyani wathola ukuthi kwakudingeka ukuthi akhuphuke ayolwa namaNefi, ngokuba kwakungekho ndlela yokuthi baphile ngaphandle kokuthi baphange futhi bebe futhi babulale.

6 Futhi babengeke balokothe bagcwale ebusweni bezwe ukuze bakwazi ukuzitshalela okusanhlamvu, hleze amaNefi eze kubo futhi ababulale; ngakho-ke uGidiyani wanikeza umyalelo emabuthweni akhe wokuthi ngalowo nyaka kwakufanele bakhuphuke bayolwa namaNefi.

7 Futhi kwenzeka ukuthi nempela bakhuphuka ukuze bayolwa; futhi kwakungenyanga yesithupha; futhi bheka, lwalulukhulu futhi lwesabeka lolo suku abeza ngalo ukuzolwa; futhi babebhince ngendlela yabaphangi; futhi babenesikhumba semvu esasizungeze izinkalo zabo, futhi begcobe igazi, futhi amakhanda abo ayephuciwe, futhi bebeke izivikelo zekhanda kuwo; futhi ukubukeka kwamabutho kaGidiyani kwakwesabeka kakhulu, ngenxa yezivikelo zawo, futhi nangenxa yokuzigcoba kwawo ngegazi.

8 Futhi kwenzeka ukuthi amabutho amaNefi, ngesikhathi ebona ukubukeka kwebutho likaGidiyani, awela phansi wonke, futhi akhala eNkosini uNkulunkulu wawo, ukuthi ibalondoloze futhi ibakhulule ezandleni zezitha zabo.

9 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi amabutho kaGidiyani ekubona lokhu aqala ukumemeza ngezwi elikhulu, ngenxa yenjabulo yawo, ngokuba ayecabanga ukuthi amaNefi ayewiswe wukwesaba ngenxa yokwesaba amabutho awo.

10 Kepha aphoxeka ngalokhu, ngokuba amaNefi ayengabesabi; kepha aayesaba uNkulunkulu wawo futhi amnxusa ukuthi awavikele; ngakho-ke, ngesikhathi amabutho kaGidiyani egijima eya kubo base bezilungiselele ukuhlangabezana nawo; yebo, ngamandla eNkosi nempela babemukela.

11 Futhi impi yaqala kulenyanga yesithupha; futhi ukulwa kwaba kukhulu futhi kwaba kubi kakhulu, yebo, kwaba kukhulu futhi kwakubi kakhulu ukubulawa kwabantu kwalapho, kangangokuthi kwakungakaze kwaziwe nanini ukubulawa kwabantu okukhulu kangaka phakathi kwabo bonke abantu baLehi selokhu ashiya eJerusalema.

12 Futhi naphezu akwezinsongo kanye nezifungo uGidiyani ayezenzile, bheka, amaNefi abashaya, kangangokuthi bahlehlela emuva ngaphambi kwawo.

13 Futhi kwenzeka ukuthi auGidigidoni wayala ukuthi amabutho akhe abalandele aze ayofika eminceleni yehlane, futhi nokuthi bangashiyi namunye oyowela ezandleni zabo kuleyo ndlela; futhi ngaleyo ndlela nempela babalandela futhi baze bababulalela, emingceleni yehlane, baze bawugcina ngisho nomyalelo kaGidigidoni.

14 Futhi kwenzeka ukuthi uGidiyani, owayemi futhi elwa ngesibindi, walandelwa ngesikhathi ebaleka; futhi esekhathele ngenxa yokulwa kwakhe okukhulu wabanjwa wabulawa. Futhi kwaphela kanjalo-ke ngoGidiyani umphangi.

15 Futhi kwenzeka ukuthi amabutho amaNefi aphinda abuyela endaweni yawo yokuphepha. Futhi kwenzeka ukuthi lonyaka weshumi nesishiyagalolunye wedlula, futhi abaphangi abaphindanga babuya ukuthi bazolwa; ababuyanga futhi nangonyaka wamashumi amabili.

16 Futhi nangonyaka wamashumi amabili nanye ababuyanga ukuzolwa, kodwa beza macala onke ukuze babahaqe nxazonke abantu baNefi; ngokuba babecabanga ukuthi uma babengahle babavimbe abantu baNefi emazweni abo, futhi babazungeze macala onke, futhi uma babengabavimba kuzo zonke izenzo zabo zangaphandle, lokho kwakungabenza ukuthi bazinikele njengezifiso zabo.

17 Manje base bezibekele omunye umholi, igama lakhe okwakungu Zeminariha; ngakho-ke kwakunguZeminariha owenza ukuthi lokhu kuhaqa kwenziwe.

18 Kepha bheka, lokhu kwaba wusizo kumaNefi; ngokuba kwakulukhuni ukuthi abaphangi babavimbezele isikhathi eside ngokwanele ukuthi kube nokuzwela kumaNefi, ngenxa yomphako omningi ababewugcinile,

19 Futhi nangenxa yomphako omncane kubaphangi; ngokuba bheka, babengena lutho ngaphandle nje kwenyama yokuthi baziphilise, leyo nyama ababeyithola ehlane;

20 Futhi kwenzeka ukuthi aizinyamazane zasendle zancipha ehlane kangangokuthi abaphangi base bezobulawa yindlala.

21 Futhi amaNefi ayehamba njalo emini kanye nasebusuku, futhi ewela emabuthweni abaphangi, futhi ebabulala ngezinkulungwane kanye nangamashumi ezinkulungwane.

22 Futhi ngalendlela kwaba yisifiso sabantu baZeminariha ukuthi baliyeke isu labo, ngenxa yokubhujiswa okukhulu okwakubehlela ebusuku nasemini.

23 Futhi kwenzeka ukuthi uZeminariha wanika umyalelo kubantu bakhe wokuthi bakuyeke ukuvimbezela, futhi bahambe baye ezinxenyeni ezingaphandle kakhulu zezwe elingasenyakatho.

24 Manje, uGidigidoni elazi isu labo, futhi azi ngobuthakathaka babo ngenxa yokufuna ukudla, kanye nokubulawa okukhulu okwakwenzekile phakathi kwabo, ngakho-ke wathumela amabutho akhe ngesikhathi sasebusuku, futhi wayivala indlela yabo yokubaleka futhi wabeka amabutho akhe endleleni yabo yokubaleka.

25 Futhi lokhu amabutho akwenza ngesikhathi sasebusuku, futhi ahamba ayovimba ngaphambili kwabaphangi, kwathi ngakusasa, ngesikhathi abaphangi sebeqala uhambo lwabo, bahlangana namabutho amaNefi ndawo zombili ngaphambili nangasemuva.

26 Futhi nalabo baphangi ababeseningizimu nabo ngokunjalo bavinjezelwa ezindaweni zabo zokubaleka. Futhi zonke lezi zinto zenziwa ngokuyalelwa nguGidigidoni.

27 Futhi kwaba khona izinkulungwane eziningi ezazinikela ukuthi zibe yiziboshwa zamaNefi, kwathi insalela yabo yabulawa.

28 Futhi umholi wabo, uZeminariha, wathathwa futhi walengiswa esihlahleni, yebo, ngisho phezulu kuso waze wafa. Futhi emva kokuthi sebemlengisile waze wafa basigawulela phansi isihlahla, futhi base bekhala ngezwi elikhulu, bethi:

29 Sengathi iNkosi ingabalondoloza abantu bayo ekulungeni kanye nasebungcweleni benhliziyo, ukuze benze ukuthi babathele phansi bonke labo abayofuna ukubabulala ngenxa yamandla kanye namaqembu ayimfihlo, ngisho nanjenga le ndoda ethelwe phansi.

30 Futhi bathokoza futhi bakhala ngezwi elilodwa, bethi: Sengathi auNkulunkulu ka-Abrahama, kanye noNkulunkulu ka-Isaka, kanye noNkulunkulu kaJakobe, angabavikela labantu bahlale ekulungeni inqobo nje uma bbeyobiza igama likaNkulunkulu wabo ukuthi abavikele.

31 Futhi kwenzeka ukuthi baqhumuka, bonke kanyekanye, behlabelela, futhi abedumisa uNkulunkulu wabo ngento enkulu kangaka abenzele yona, ekubalondolozeni ukuthi bangaweli ezandleni zezitha zabo.

32 Yebo, bakhala bethi: aHosana kuNkulunkulu oPhakeme kaKhulu. Futhi bakhala bethi: Libusisiwe igama leNkosi uNkulunkulu buMninimandla Onke, uNkulunkulu oPhakeme kakhulu.

33 Futhi izinhliziyo zabo zakhukhumala ngenxa yenjabulo, kwaze kwaba khona nokuphuma kwezinyembezi okuningi, ngenxa yobuhle obukhulu bukaNkulunkulu ekubakhululeni ezandleni zezitha zabo; futhi babazi ukuthi kwakungenxa yokuphenduka kwabo kanye nokuzithoba kwabo okwenze ukuthi bakhululwe ekebhujisweni kwaphakade.