ImiBhalo eNgcwele
3 Nefi 23


Isahluko 23

UJesu uyawavuma amazwi ka-Isaya—Uyala abantu ukuthi babacwaninge abaphrofethi—Amazwi kaSamuweli umLamani mayelana noVuko ahlanganiswa nemibhalo yabo. Cishe ngonyaka weNkosi wama 34.

1 Manje, bhekani, ngithi kini, kufanele anizicwaninge lezi zinto. Yebo, ngininika umyalelo wokuthi nizicwaninge lezi zinto ngenkuthalo; ngokuba makhulu amazwi ka-bIsaya.

2 Ngokuba ngempela wakhuluma ngokuphathelene nazo zonke lezi zinto mayelana nabantu bami okungabendlu ka-Israyeli; ngakho-ke kufanele ukuthi akhulume futhi kanjalo nakwabeZizwe.

3 Futhi zonke izinto azikhulumayo zenzeka futhi azisazokwenzeka, ngisho nanjengamazwi awakhulumayo.

4 Ngakho-ke lalelani amazwi ami; bhalani izinto enginitshele zona; futhi ngokwesikhathi kanye nangokwentando kaBaba ziyokwaziswa kwabeZizwe.

5 Futhi lowo oyowalalela amazwi ami futhi aphenduke futhi abhabhadiswe, nguye lowo oyosindiswa. Bacwaningeni aabaphrofethi, ngokuba baningi abafakaza ngalezi zinto.

6 Manje kwenzeka ukuthi ngesikhathi uJesu esewashilo lamazwi waphinda futhi wathi kubo, emva kokuthi eseyichazile yonke imibhalo engcwele ababeyitholile, wathi kubo: Bhekani, kuneminye imibhalo engcwele engifuna ukuthi niyibhale, eningenayo.

7 Futhi kwenzeka ukuthi wathi kuNefi: Letha lapha umbhalo owugcinile.

8 Futhi ngesikhathi uNefi eseyilethile imibhalo, futhi wayendlala phambi kwakhe, wayibuka wase ethi:

9 Ngiqinisile ngithi kini, ngayala auSamuweli, umLamani, inceku yami ukuthi afakaze kulaba bantu, ukuthi ngosuku lapho uBaba eyodumisa igama lakhe kimi kuyoba khona babaningi cabangcwele dabayovuka ekufeni, futhi bayovela kwabaningi, futhi bayobasebenzela. Futhi wathi kubo: Kwakungenjalo njalo na?

10 Abafundi bakhe bamphendula bathi: Yebo, Nkosi, uSamuweli nempela waphrofetha njengokwamazwi akho, futhi wonke agcwaliseka.

11 UJesu wathi kubo: Pho kungani ningayibhalanga lento, ukuthi abaningi abangcwele nempela bavuka futhi bavela kwabaningi futhi babasebenzela na?

12 Futhi kwenzeka ukuthi uNefi wakhumbula ukuthi lento ayizange ibhalwe.

13 Futhi kwenzeka ukuthi uJesu wayala ukuthi ibhalwe; ngakho-ke yabhalwa njengoba ayeyalile.

14 Manje kwenzeka ukuthi ngesikhathi uJesu aeseyichazile yonke imibhalo engcwele, ababeyibhalile, wabayala ukuthi bazifundise lezi zinto ayezichazile kubo.