ImiBhalo eNgcwele
3 Nefi 10


Isahluko 10

Kukhona ukuthula ezweni amahora amaningi—Izwi likaKristu lithembisa ukuqoqa abantu Bakhe njengesikhukhukazi siqoqa amatshwele aso—Ingxenye enkulu yabantu abalungile ilondoloziwe. Cishe ngonyaka weNkosi wama 34 kuya kowama 35.

1 Manje bheka, kwenzeka ukuthi bonke abantu basezweni bayizwa lenkulumo, futhi bayifakazela. Futhi emva kwalezi zinkulumo kwabakhona ukuthula ezweni isikhathi esingamahora amaningi;

2 Ngokuba kwaba kukhulu kakhulu ukwethuka kwabantu kangangokuthi bayeka ukulila kanye nokuhhewula ngenxa yokulahlekelwa yizihlobo zabo ezazibulewe; ngakho-ke kwabakhona ukuthula kulo lonke izwe isikhathi esingamahora amaningi.

3 Futhi kwenzeka ukuthi kweza izwi futhi kubantu, futhi bonke abantu balizwa, futhi nempela bafakaza ngalo, lithi:

4 O nina bantu bakulama adolobha amakhulu awile, nina eningabe nzalo kaJakobe, yebo, nina eningabendlu ka-Israyeli, kukangaki nginiqoqa njengesikhukhukazi siqoqela amatshwele aso ngaphansi kwamaphiko aso, futhi bnginondla na?

5 Futhi phezu kwalokho, abekuyoba kangaki nginiqoqa njengesikhukhukazi siqoqela amatshwele aso phansi kwamaphiko aso, yebo, O nina bantu bendlu ka-Israyeli, abawile; yebo, O nina bantu bendlu ka-Israyeli, nina enihlala eJerusalema, njengoba niwile; yebo, bekuyoba kangaki nginiqoqa njengesikhukhukazi siqoqa amatshwele aso, kepha ningavumi na?

6 O nina ndlu ka-Israyeli aenginilondolozile, kuyoba kangaki nginiqoqa njengesikhukhukazi siqoqela amatshwele aso phansi kwamaphiko aso, uma ningaphenduka futhi bnibuyele kimi ngenhlonso ephelele cyenhliziyo.

7 Kepha uma ningeke, O ndlu ka-Israyeli, izindawo zenu zokuhlala ziyokuba ngezingenamuntu kuze kube yisikhathi sokugcwaliseka akwesivumelwano soyihlo.

8 Manje kwenzeka ukuthi emva kokuthi abantu sebewazwile lamazwi, bheka, baqala ukulila kanye nokuhhewula futhi ngenxa yokulahlekelwa yizihlobo zabo kanye nabangani.

9 Futhi kwenzeka ukuthi izinsuku ezintathu zadlula kanje. Futhi kwakusekuseni, futhi aubumnyama basuka ebusweni bezwe, futhi iphansi layeka ukuzamazama, futhi namadwala ayeka ukuqhekezeka, nokuquma okwesabekayo kwaphela, futhi nazo zonke iziphithiphithi zomsindo zedlula.

10 Futhi iphansi lanamathelana ndawonye futhi, ukuze liqine; futhi usizi nokukhala, kanye nokulila kwabantu ababe londoloziwe baphila kwaphela; futhi usizi lwabo lwaphenduka injabulo, futhi izililo zabo zaba yindumiso kanye nokubonga eNkosini uJesu Kristu, uMkhululi wabo.

11 Futhi imibhalo engcwele yabe aisigcwalisekile kuze kube manje eyayikhulunywe ngabaphrofethi.

12 Futhi akwakuyinxenye enkulu elungile yabantu abasindiswayo, futhi kwakuyibo labo ababemukela abaphrofethi futhi bangabakhanda ngamatshe; futhi kwakuyibo labo ababengazange balichithe igazi labangcwele, abalondolozwa—

13 Futhi balondolozwa futhi bangacwiliswa futhi bangangcwatshwa emhlabathini; futhi abazange baminziswe ekujuleni kolwandle; futhi abazange bashiswe ngomlilo, noma kuwe okuthize phezu kwabo noma bagaywe baze bafe; futhi abazange bathwalwe yizishingishane; noma banqotshwe yinkungu yentuthu kanye neyobumnyama.

14 Manje, lowo ofundayo, makaqonde; lowo onemibhalo engcwele, amakayicwaninge, futhi abone futhi aqonde abheke ukuthi ngabe konke lokhu kufa kanye nokubhujiswa ngomlilo, kanye nangentuthu, kanye nangezivunguvungu, kanye nangezishingishane, kanye bnangokuvuleka komhlabathi ukuthi ubemukele, kanye nazo zonke lezi zinto ukuthi ngabe akugcwalisi yini iziphrofetho eziningi zabaphrofethi abangcwele.

15 Bhekani, ngithi kini, Yebo, baningi abafakaza ngalezi zinto ngokuza kukaKristu, futhi ababulawa ngoba bafakaza ngalezi zinto.

16 Yebo, umphrofethi auZenoshe wafakaza ngalezi zinto, futhi kanjalo noZenoki wakhuluma mayelana nalezi zinto, ngoba bafakaza ikakhulukazi mayelana nathi, esiyinsali yenzalo yabo.

17 Bhekani, ubaba uJakobe ngokunjalo naye wafakaza mayelana anensali yenzalo kaJosefa. Futhi bhekani, ngabe asiyona yini insali yenzalo kaJosefa na? Futhi lezi zinto ezifakaza ngathi, ngabe azibhaliwe yini ezingcwepheni zethusi ubaba uLehi azithatha eJerusalema na?

18 Futhi kwenzeka ukuthi ekupheleni konyaka wamashumi amathathu nane, bhekani, ngizonikhombisa ukuthi abantu baNefi ababelondoloziwe, futhi kanjalo nalabo ababebizwa ngamaLamani, ababe londoloziwe, kwaba nezenzo zomusa omkhulu ezenzelwa bona, kanye nezibusiso ezinkulu ezathelwa emakhanda abo, kangangokuthi masinyane emva akokwenyukela kukaKristu ezulwini wazibonakalisa ngempela kubo—

19 aEkhombisa umzimba wakhe kubo, futhi ebafundisa; futhi indaba yobufundisi bakhe izonikwa emva kwalokhu. Ngakho-ke okwamanje ngenza isiphetho senkulumo yami.