ImiBhalo eNgcwele
3 Nefi 9


Isahluko 9

Ebumnyameni, izwi likaKristu limemezela ukubhujiswa kwabantu abaningi kanye namadolobha ngenxa yobubi babo—Phezu kwalokho umemezela ngobunkulunkulu Bakhe, wazisa ukuthi umthetho kaMose usugcwalisekile, futhi umema abantu ukuthi beze Kuye futhi basindiswe. Cishe ngonyaka weNkosi wama 34.

1 Futhi kwenzeka ukuthi kwabakhona aizwi elezwakala kubo bonke abahlala kulendawo, kubo bonke ubuso balelizwe, limemeza lithi:

2 Maye, maye, maye kulaba bantu; amaye kwabahlala emhlabeni wonke ngaphandle kokuthi baphenduke; ngokuba udeveli buyahleka, futhi izingelosi zakhe ziyathokoza, ngenxa yokubulawa kwamadodana kanye namadodakazi amahle abantu bami, futhi kungenxa yobubi kanye nezinengiso zabo ukuthi bawile!

3 Bheka, lelo dolobha elikhulu iZarahemla ngilishise ngomlilo, kanye nabahlala kulo.

4 Futhi bheka, lelo dolobha elikhulu iMoroni ngilenze ukuthi licwile ekujuleni kolwandle, kanye nabahlala kulo ukuthi baminze.

5 Futhi bheka, lelo dolobha elikhulu iMoroniha ngilimboze ngomhlabathi, kanye nabahlala kulo, ukuze ngifihle ububi kanye nezinengiso zabo phambi kobuso bami, ukuze igazi labaphrofethi kanye nelabangcwele lingabe liseza nanini kimi ngokumelene nabo.

6 Futhi bheka, idolobha likaGiligali ngilenze ukuthi licwile, kanye nabahlala kulo ukuthi bangcwatshwe ekujuleni komhlaba;

7 Yebo, nedolobha lakwa-Oniha kanye nabahlala kulo, idolobha lakwaMokumu kanye nabahlala kulo, idolobha laseJerusalema kanye nabahlala kulo; futhi ngenze ukuthi kuvele aamanzi esikhundleni sawo, ukuze ngifihle ububi kanye nezinengiso zabo phambi kobuso bami, ukuze igazi labaphrofethi kanye nelabangcwele lingabe liseza nanini kimi ngokumelene nabo.

8 Futhi bheka, idolobha lakwaGadiyandi, kanye nedolobha lakwaGadiyomina, kanye nedolobha lakwaJakobe, kanye nedolobha lakwaGimigimino, wonke lawa ngenze ukuthi acwile, futhi ngenza aamagquma kanye nezigodi ezindaweni zawo; futhi abahlala kuwo ngibangcwabe ekujuleni komhlaba, ukuze ngifihle ububi kanye nezinengiso zabo phambi kobuso bami, ukuze igazi labaphrofethi kanye nelabangcwele lingabe liseza kimi nanini ngokumelene nabo.

9 Futhi bheka, lelo dolobha elikhulu iJakobugati, elalihlala abantu benkosi uJakobe, ngenze ukuthi lishiswe ngomlilo ngenxa yezono zabo kanye nobubi babo, obungaphezu kwabo bonke ububi bomhlaba wonke, ngenxa ayokubulala kwabo ngasese kanye namaqembu abo angasese; ngokuba kwakuyibo labo abaqeda ukuthula kwabantu bami kanye nomkhandlu owawuphethe wezwe; ngakho-ke ngenze ukuthi bashiswe, ukuze bngibabulale phambi kobuso bami, ukuze igazi labaphrofethi nelaba ngcwele lingabe liseza kimi nanini ngokumelene nabo.

10 Futhi bheka, idolobha lakwaLamani, kanye nedolobha lakwaJoshi, kanye nedolobha lakwaGadi, kanye nedolobha lakwaKishikumeni, ngenze ukuthi ashiswe ngomlilo, kanye nabahlala kuwo, ngenxa yobubi babo ekuxosheni abaphrofethi, kanye nokukhanda ngamatshe labo engabathumela ukuthi bamemezele kubo ngokumelene nobubi kanye nezinengiso zabo.

11 Futhi ngenxa yokuthi babaxosha bonke baphuma, kwakungekho namunye phakathi kwabo owayelungile, ngehlisa aumlilo futhi ngaba bulala, ukuze ububi kanye nezinengiso zabo kufihleke phambi kobuso bami, ukuze igazi labaphrofethi kanye nelabangcwele engabathumela phakathi kwabo lingabe lisakhala kimi blivela emhlabathini ngokumelene nabo.

12 Futhi aukubhujiswa okuningi nokukhulu ngikwenze ukuthi kwehlele phezu kwale lizwe, kanye naphezu kwalabantu, ngenxa yobubi kanye nezinengiso zabo.

13 O nina nonke aenisindisiwe ngenxa yokuthi benilungile kakhulu kunabo, ningebuyele yini manje kimi, futhi niphenduke ezonweni zenu, futhi niguquke, ukuze bnginiphilise na?

14 Yebo, ngiqinisile ngithi kini, uma aningeza kimi niyokuba bnokuphila okuphakade. Bhekani, cingalo yami yesihawu yelulelwe kini, futhi lowo oyokuza, ngiyomemukela; futhi babusisiwe labo abeza kimi.

15 Bhekani, nginguJesu Kristu iNdodana kaNkulunkulu. aNgadala amazulu kanye nomhlaba, kanye nazo zonke izinto ezikuwo. NganginoBaba kusukela ekuqaleni. bNgikuBaba, futhi noBaba ukimi; futhi ngami uBaba ulidumisile igama lakhe.

16 Ngeza kwabami, kepha abami aabangemukelanga. Futhi imibhalo engcwele mayelana nokuza kwami isigcwalisekile.

17 Futhi ngobuningi balabo abangemukele, kubo angibanike ukuthi babe ngamadodana kaNkulunkulu; futhi ngizokwenza kanjalo nakulabo abayokholwa egameni lami, ngokuba bheka, ngami bukukhululwa kuyeza, futhi kimi cumthetho kaMose ugcwalisekile.

18 Nginguku akhanya nokuphila komhlaba. Ngingu-bAlfa no-Omega, isiqalo nesiphetho.

19 Futhi aningabe nisaletha kimi nanini ukuchithwa kwegazi; yebo, imihlatshelo yenu kanye neminikelo yokushiswa iyoyekwa, ngokuba angiyukwemukela lutho lwemihlatshelo yenu kanye neminikelo yenu yokushiswa.

20 Futhi niyonikela aumnikelo kimi wenhliziyo edabukileyo kanye nomphefumulo ophukileyo. Futhi lowo oza kimi nenhliziyo edabukileyo kanye nomphefumulo ophukileyo, bngiyombhabhadisa ngomlilo kanye nangoMoya oyiNgcwele, ngisho njenga maLamani, ngenxa yokholo lwawo kimi ngesikhathi sokuphenduka kwawo, abhabhadiswa ngomlilo kanye nangoMoya oyiNgcwele, kodwa awakwazanga lokho.

21 Bhekani, ngize emhlabeni ukuze ngilethe ukukhululwa emhlabeni, ukuze ngisindise umhlaba esonweni.

22 Ngakho-ke, lowo aophendukayo futhi eze kimi bnjengomntwana omncane, ngiyomemukela, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo. Bhekani, ngokuba cngibeke phansi impilo yami ngenxa yabanjalo, futhi ngaphinda ngayithatha futhi; ngakho-ke phendukani, futhi nize kimi nonke mikhawulo yomhlaba, futhi nisindiswe.