ImiBhalo eNgcwele
3 Nefi 8


Isahluko 8

Izivunguvungu, ukuzamazama komhlaba, imililo, izishingishane, kanye nemibheduko yemvelo ifakazela ukubethelwa kukaKristu—Abantu abaningi bayafa—Ubumnyama bumboza izwe izinsuku ezintathu—Labo abaseleyo balilela isimo sabo. Cishe ngonyaka weNkosi wama 33 kuya kowama 34.

1 Manje kwenzeka ukuthi ngokombhalo wethu, futhi siyazi ukuthi umbhalo wethu uyiqiniso, ngokuba bheka, kwakungumuntu olungile owayegcina umbhalo—ngokuba wayenza aizimangaliso eziningi begameni likaJesu; futhi kwakungekho noyedwa umuntu owayengenza isimangaliso ngegama likaJesu ngaphandle kokuthi ehlanzwe ngisho nokuncane ububi bakhe—

2 Manje kwenzeka, uma kwakungazange kube khona phutha elenziwa yilendoda ekubaleni isikhathi sethu, aunyaka wamashumi amathathu nantathu wase udlulile;

3 Futhi abantu baqala ukulindela ngentshisekelo enkulu leso sibonakaliso esasinikwe ngumphrofethi uSamuweli, umLamani, yebo, isikhathi lapho kwakuzokuba khona aubumnyama isikhathi esiyizinsuku ezintathu phezu kobuso bezwe.

4 Futhi kwaqala ukuthi kube khona ukungabaza okukhulu kanye nezimpikiswano phakathi kwabantu, naphezu akwezibonakaliso eziningi kangaka ezase zinikiwe.

5 Futhi kwenzeka ngonyaka wamashumi amathathu nane, enyangeni yokuqala, ngosuku lwesine enyangeni, kwabakhona isiphepho esikhulu, esasingakaze saziwe kulo lonke izwe.

6 Futhi phezu kwalokho kwaba khona isivunguvungu esesabeka kakhulu; futhi kwaba khona anokuduma okwesabekayo, kangangokuthi bkwanyakazisa izwe lonke kwangathi lizohlukana kabili.

7 Futhi kwaba khona imibani eshesha ngokumangalisayo, eyayingakaze yaziwe nanini ezweni lonke.

8 Futhi aidolobha lakwaZarahemla lokheleka ngomlilo.

9 Futhi idolobha lakwaMoroni lazika ekujuleni kolwandle, futhi ababehlala kulo baminza.

10 Futhi umhlabathi wathwalwa wukuzamazama komhlaba wabekwa phezu kwedolobha lakwaMoroniha, kangangokuthi esikhundleni sedolobha kwaba khona intaba enkulu.

11 Futhi kwaba khona imbubhiso enkulu futhi neyesabekayo ezweni elingaseningizimu.

12 Kodwa bheka, kwaba khona imbubhiso enkulu kakhulu futhi neyesabekayo ezweni elingasenyakatho; ngokuba bheka, ubuso bonke bezwe baguquka, ngenxa yesivunguvungu kanye nezishingishane, kanye nokuduma kanye nemibani, kanye nokuzamazama kwezwe lonke okukhulu kakhulu;

13 Futhi aimigwaqo emikhulu yabhidlika, kanye nemigwaqo eqondile yonakala, kwathi izindawo eziningi ezihlelekile zaphenduka amagebhugebhu.

14 Futhi amadolobha amaningi amakhulu futhi abalulekile aacwila, futhi amaningi ashiswa, futhi amaningi adikiza kwathi izakhiwo zawo zawela phansi, futhi abahlala kuwo babulawa, izindawo zasala zingenamuntu.

15 Futhi kwaba khona amanye amadolobha asalayo; kodwa umonakalo wawo wawumkhulu kakhulu, futhi babebaningi kuwo abubulawa.

16 Futhi kwaba khona abanye abathathwa bahamba nesishingishane; futhi ukuthi baya ngaphi akukho muntu owaziyo, ngaphandle kokuthi bona bayazi ukuthi bathathwa bayiswa kude.

17 Futhi ngalendlela ubuso besifunda sonke baguquka, ngenxa yezivunguvungu, kanye nokuduma, kanye nemibani, kanye nokuzamazama phansi.

18 Futhi bheka, aamadwala aqhephuka kabili; ahlakazeka phezu kobuso bonke besifunda, kangangokuthi atholakala eyizingcezu ezihlephukileyo, futhi eyizindonga kanye nemifantu, phezu kobuso bonke bezwe.

19 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi ukuduma, kanye nemibani kanye nesiphepho, kanye nesivunguvungu, kanye nokuzamazama phansi kuphela—ngokuba bheka, kwathatha isikhathi aesingangamahora amathathu; futhi abanye bathi lesikhathi saba ngaphezulu kwalokho; noma kunjalo, zonke lezi zinto ezinkulu kanye nezesabekayo zenzeka ngesikhathi esingangamahora amathathu—futhi emva kwalokho bheka, kwaba khona ubumnyama ebusweni bezwe.

20 Futhi kwenzeka ukuthi kwaba khona ubumnyama obukhulu ebusweni bonke bezwe, kangangokuthi ababehlala kulo ababengafanga ababeyizwa binkungu yobumnyama;

21 Futhi kwakungeke kube khona kukhanya, ngenxa yobumnyama, noma amakhandlela, noma amathoshi; noma kube khona umlilo owokhelwayo ngezinkuni zabo ezinhle nezome kakhulu, kangangoba akubanga bikho nhlobo ukukhanya;

22 Futhi akuzange kube khona ngisho ukukhanya okwakubonakala, ngisho umlilo, noma ukubenyezela, noma yilanga, noma yinyanga, noma yizinkanyezi, ngokuba zazizinkulu kakhulu izinkungu zobumnyama ezaziphezu kobuso bonke bezwe.

23 Futhi kwenzeka ukuthi kwathatha isikhathi esingange azinsuku ezintathu ukuthi kungabi bikho ukukhanya okubonwayo; futhi kwabakhona ukukhala okukhulu kanye nokuhhewula kanye nokulila phakathi kwabo bonke abantu njalo-njalo, yebo, kwakukukhulu ukuquma kwabantu, ngenxa yobumnyama kanye nokubhujiswa okukhulu okwakubehlele.

24 Futhi kwenye indawo babezwakala bekhala, bethi: O ukuba saphenduka ngaphambi kwalolusuku olukhulu futhi nolwesabekayo, futhi ukuba bekunjalo abafowethu babeyosinda, futhi bebengenakushiswa kulelo dolobha elikhulu lakwa aZarahemla.

25 Futhi kwenye indawo babezwakala bekhala futhi belila, bethi: O ukuba saphenduka ngaphambi kwalolusuku olukhulu futhi nolwesabekayo, futhi sangababulala futhi sangabakhanda ngamatshe abaphrofethi, futhi sangabaxosha; ukuba bekunjalo omama bethu kanye namadodakazi ethu amahle, kanye nezingane zethu beziyosinda, futhi ngabe abangcwatshwanga kulelo dolobha elikhulu lakwaMoroniha. Futhi kwabanjalo-ke ukuhhewula kwabantu kwakukukhulu futhi kwesabeka.