ImiBhalo eNgcwele
3 Nefi 13


Isahluko 13

UJesu ufundisa amaNefi uMkhuleko weNkosi—Kufanele babeke amagugu abo ezulwini—Abafundi abayishumi nambili ebufundisini babo bayalwa ukuthi bangacabangi ngezinto eziyizidingo—Qhathanisa noMathewu 6. Cishe ngonyaka weNkosi wama 34.

1 Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi ngifisa ukuthi nenzele abampofu aizenzo zomusa; kepha niqaphele ukuthi anizenzi izenzo zenu zomusa phambi kwabantu ukuze nibukwe yibo; ngaphandle kwalokho aninamvuzo kuYihlo osezulwini.

2 Ngakho-ke, uma nenza izenzo zenu zomusa ningashayi cilongo phambi kwenu, njengoba kwenza abazenzisi emasinagogeni kanye nasemigwaqweni, ukuze babe anodumo lwabantu. Ngiqinisile ngithi kini, bayawuthola owabo umvuzo.

3 Kepha uma wena wenza izenzo zomusa isandla sakho sokhohlo masingazi ukuthi isandla sakho sokudla senzani;

4 Ukuze izenzo zakho zomusa zibe yimfihlo; futhi uYihlo obona ekusithekeni, uyokunika umvuzo ngokusobala.

5 Futhi uma aukhuleka ungenzi njengabazenzisi, ngokuba bona bayakuthanda ukukhuleka, bemi emasinagogeni kanye nasemakhoneni emigwaqo, ukuze babonwe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini, bayawuthola owabo umvuzo.

6 Kepha wena, uma ukhuleka, ngena ekhosombeni lakho, futhi uma usuwuvalile umnyango, khuleka kuYihlo osekusithekeni; futhi uYihlo, obona ekusithekeni, uyokuvuza ngokusobala.

7 Kepha uma nikhuleka, ningasebenzisi ukuthemeleza okuyize, njengabahedeni, ngokuba bona bacabanga ukuthi bayozwakala ngokukhuluma kwabo okuningi.

8 Ngakho-ke maningafani nabo, ngokuba uYihlo auyazazi izinto enizidingayo ngaphambi kokuthi nizicele kuye.

9 Ngakho-ke kufanele ukuthi anikhuleke bngalendlela: cBaba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho.

10 Intando yakho mayenziwe emhlabeni njengoba yenziwa ezulwini.

11 Usithethelele amacala ethu, njengoba nathi sibathethelela abanamacala kithi.

12 aUngasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi.

13 Ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nobukhosi, ingunaphakade. Amen.

14 Ngokuba, uma anibathethelela abantu iziphambeko zabo uYihlo osezulwini naye uyonithethelela nani;

15 Kepha uma ningabathetheleli abantu iziphambeko zabo noYihlo akayikunithethelela iziphambeko zenu.

16 Phezu kwalokho, uma anizila ukudla ningabi njengabazenzisi, ababa nobuso obulusizi, ngokuba bona banyukubalisa ubuso babo ukuze babonakale kubantu ukuthi bazile ukudla. Ngiqinisile ngithi kini, bayawuthola owabo umvuzo.

17 Kepha wena, uma uzila ukudla, gcoba ikhanda lakho, futhi ugeze ubuso bakho;

18 Ukuze ungabonakali kubantu ukuthi uzile ukudla, kepha kuYihlo aosekusithekeni; futhi uYihlo, obona ekusithekeni, uyokuvuza ngokusobala.

19 Ningazibekeli amagugu emhlabeni, lapho inundu kanye nokugqwala kona khona, futhi nalapho amasela egqekeza khona futhi ebe;

20 Kepha zibekeleni aamagugu enu ezulwini, lapho inundu nokugqwala kungenakona khona, futhi lapho amasela engenakugqekeza khona noma ebe.

21 Ngokuba lapho kukhona igugu lakho khona, nenhliziyo yakho iyokuba lapho futhi.

22 aUkukhanya komzimba yiso; ngakho-ke uma, iso lakho lizinikele, umzimba wakho wonke uyogcwala ukukhanya.

23 Kepha uma iso lakho lilibi, umzimba wakho wonke uyogcwala ubumnyama. Ngakho-ke, uma, lokho kukhanya okukuwe kungubumnyama, bukhulu kanganani lobo bumnyama!

24 Akukho muntu aongasebenzela amakhosi amabili; ngokuba kuphakathi kokuthi uyoyizonda enye athande enye, noma uyobambelela kweyodwa ayidelele enye. Aninakusebenzela uNkulunkulu kanye noMamona.

25 Manje kwenzeka ukuthi ngesikhathi uJesu esewakhulumile lamazwi wabheka kwabayishumi nambili labo ayebakhethile, futhi wathi kubo: Khumbulani amazwi engiwakhulumile. Ngokuba bhekani, niyilabo engibakhethileyo ukuthi abafundise laba bantu. Ngakho-ke ngithi kini, bningacabangi ngempilo yenu, ukuthi niyodlani, noma niyophuzani; noma nangemizimba yenu, ukuthi niyokwembathani. Ngabe impilo ayibalulekile yini kunenyama, kanye nomzimba kunezambatho na?

26 Bhekani izinyoni zezulu, ngokuba zona azihlwanyeli, futhi azivuni noma aziqoqeli ezinqolobaneni; kepha, uYihlo osezulwini uyazondla. Ngabe nina aningcono yini kakhulu kunazo na?

27 Ngumuphi kini okungathi ngokucabanga nje anezele ubude bengalo eyodwa ebudeni bakhe na?

28 Futhi kungani nikhathazeka ngezambatho na? Bhekani ukuthi iminduze yasendle imila kanjani yona; ayikhandleki, futhi ayiphothi;

29 Kodwa ngithi kini, ngisho noSolomoni, kubo bonke ubukhosi bakhe, wayengembathile njengenye yalena.

30 Ngakho-ke, uma uNkulunkulu ebembathisa kanje utshani basendle, obukhona namuhla, bese kuthi ngakusasa sebuphoswe eziko, ngisho nani niyokwembathiswa kanje, uma ningebona abokholo oluncane.

31 Ngakho-ke ningakhathazeki, nithi, Siyodlani? noma, Siyophuzani? noma, Siyokwembathani na?

32 Ngokuba uYihlo osezulwini uyazi ukuthi niyazidinga zonke lezi zinto.

33 Kepha funani kuqala aumbuso kaNkulunkulu kanye nokulunga kwakhe, futhi zonke lezi zinto ziyokwenezelwa kini.

34 Ngakho-ke ningakhathazeki ngengomuso, ngokuba ingomuso liyozikhathalela ngezinto zalo. Izinkathazo zosuku zanele lona.