ImiBhalo eNgcwele
3 Nefi 17


Isahluko 17

UJesu uyala abantu ukuthi bazindle ngamazwi Akhe futhi baku khulekele ukuwaqonda—Uphilisa abagulayo babo—Ukhulekela abantu, esebenzisa ulimi olungeke lwabhalwa—Izingelosi ziyabasebenzela futhi umlilo uzungeza abantwana babo. Cishe ngonyaka weNkosi wama 34.

1 Bheka manje kwenzeka ukuthi ngesikhathi uJesu esewakhulumile lamazwi waphinda wabheka esixukwini futhi, wathi kubo: Bhekani, aisikhathi sami sesifikile.

2 Ngiyabona ukuthi nibuthakathaka, nokuthi ngeke aniwaqonde wonke amazwi ami engiyalwe nguBaba ukuthi ngiwakhulume kini ngalesi sikhathi.

3 Ngakho-ke, hambani niye emakhaya enu, futhi anizindle ngezinto engizishilo, futhi nicele kuBaba, egameni lami, ukuze niqonde, futhi bnilungise izingqondo zenu zilungele cikusasa, futhi ngizophinda ngize kini.

4 Kepha manje asengiya kuBaba, futhi phezu kwalokho bngiyozibonakalisa cezizwazweni ezilahlekileyo zakwa-Israyeli, ngokuba azilahlekile kuBaba, ngokuba yena uyazi ukuthi waziyisa ngakuphi.

5 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi uJesu esekhulume kanjalo, waphonsa amehlo akhe futhi esixukwini, futhi bheka base bekhala, futhi babebheke kuye ngokugxilile sengathi babezomcela ukuthi ahlale nabo isikhashana eside.

6 Futhi wathi kubo: Bhekani, izibilini zami zigcwele aisihawu ngani.

7 Ninabo yini abagulayo phakathi kwenu na? Baletheni lapha. Ninabo yini abayizinyonga, noma abayizimpumputhe, noma abaxhugayo, noma abayizigoga, noma abano choko, noma labo abafe izinhlangothi, noma abayizimungulu, noma labo abezwa ubuhlungu noma ngayiphi indlela na? Baletheni lapha futhi ngizobelapha, ngokuba nginesihawu ngani; izibilini zami zigcwele umusa.

8 Ngokuba ngiyabona ukuthi nifisa ukuthi nginitshengise ukuthi ngenzani kubafowenu eJerusalema, ngokuba ngiyabona ukuthi aukholo lwenu blwenele ukuthi nginelaphe.

9 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi esekhulume kanjalo, sonke isixuku, kanye kanye, nempela saya phambili nabagulayo babo kanye nabezwa ubuhlungu, kanye nezinyonga zabo, kanye nezimpumputhe zabo, nezimungulu zabo, kanye nabo bonke ababezwa ubuhlungu noma ngayiphi indlela; futhi nempela awabelapha bonke ngamunye ngesikhathi belethwa phambili kuye.

10 Futhi bonke, labo ababelashiwe kanye nalabo ababephila, baguqa phansi ezinyaweni zakhe, futhi bamkhonza; futhi ngobuningi balabo ababeza esixukwini abamanga izinyawo zakhe, kangangokuthi bazimanzisa izinyawo zakhe ngezinyembezi zabo.

11 Futhi kwenzeka ukuthi wabayala ukuthi balethe aabantwana babo abancane.

12 Ngakho-ke babaletha abantwana babo abancane futhi babahlalisa phansi bamzungeza, futhi uJesu wema phakathi; futhi isixuku savula indlela kwaze kwaba bonke balethwa kuye.

13 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi bonke sebelethiwe, futhi uJesu esemi phakathi, wayala isixuku ukuthi asiguqe phansi.

14 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi sebeguqe phansi, uJesu wabubula ngaphakathi kwakhe, futhi wathi: Baba, angikhathazekile ngenxa yobubi babantu bendlu ka-Israyeli.

15 Futhi ngesikhathi esewashilo lamazwi, naye uqobolwakhe waguqa phansi; futhi bheka wakhuleka kuBaba, futhi izinto azikhuluma ngeke zabhalwa, futhi isixuku sakufakazela lokho labo abamuzwa.

16 Futhi bafakaza ngalendlela: aIso alikaze likubone lokhu, noma indlebe ikuzwe lokhu, ngaphambili, izinto ezinkulu futhi nezimangalisa kangaka ngesikhathi sibona futhi sizwa uJesu ezikhuluma kuBaba;

17 Futhi alukho aulimi olungazikhuluma, noma akukho muntu ongazibhala, noma akukho zinhliziyo zabantu ezingazicabanga izinto ezinkulu futhi nezimangalisa kangaka ngesikhathi sibona futhi sizwa uJesu ezikhuluma; futhi akekho noyedwa ongayicabanga intokozo eyagcwala imiphefumulo yethu ngesikhathi simuzwa esikhulekela kuBaba.

18 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi uJesu eseqedile ukukhuleka kuBaba, waphakama; kepha yayinkulu kakhulu aintokozo esixukwini kangangokuthi senganywa.

19 Futhi kwenzeka ukuthi uJesu wakhuluma kubo, futhi wabacela ukuthi baphakame.

20 Futhi baphakama, futhi wathi kubo: Nibusisiwe ngenxa yokholo lwenu. Manje bhekani, intokozo yami igcwele.

21 Futhi ngesikhathi esewashilo lamazwi, awakhala, futhi isixuku sakufakazela lokho, futhi wathatha abantwana babo abancane, ngamunye ngamunye, futhi bwababusisa, futhi wabakhulekela kuBaba.

22 Futhi ngesikhathi esekwenzile lokhu waphinda wakhala futhi;

23 Futhi wakhuluma esixukwini, wathi kuso: Bhekani abantwana benu.

24 Futhi ngesikhathi beqalaza ukuthi babone baphonsa amehlo abo ezulwini, futhi babona amazulu evuleka, futhi babona izingelosi zehla ziphuma ezulwini sengathi zaziphakathi komlilo; futhi zehlela phansi futhi azazungeza labo bantwana, futhi bazungezwa ngumlilo; futhi izingelosi zabasebenzela.

25 Futhi isixuku sabona futhi sezwa futhi sakufakazela lokhu; futhi bayazi ukuthi ubufakazi babo buyiqiniso ngokuba bonke ngamunye nempela wazibonela futhi wazizwela, wonke umuntu ngokwakhe; futhi babeyisibalo esingangezinkulungwane ezimbili kanye namakhulu amahlanu abantu; futhi kuso kwakukhona amadoda, abesifazane, kanye nabantwana.