ImiBhalo eNgcwele
3 Nefi 26


Isahluko 26

UJesu uchaza zonke izinto kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni—Abantwana nezingane zikhuluma izinto ezimangalisayo ezingena kubhalwa—Labo abaseBandleni likaKristu banezinto zonke ngokufanayo phakathi kwabo. Cishe ngonyaka weNkosi wama 34.

1 Manje kwenzeka ukuthi ngesikhathi uJesu esezishilo lezi zinto wasichazela isixuku; futhi wabachazela zonke izinto, ezinkulu nezincane.

2 Futhi wathi: aLemibhalo engcwele, ebeningenayo, uBaba ungiyalile ukuthi ngininike yona; ngokuba kwakuwukuhlakanipha kwakhe ukuthi inikwe izizukulwane ezizayo.

3 Futhi wazichaza zonke izinto, ngisho kusukela ekuqaleni kuze kube yisikhathi lapho eyoza angenkazimulo yakhe—yebo, ngisho nazo zonke izinto eziyokwenzeka ebusweni bomhlaba, ngisho kuze kube yilapho bkonke kuyoncibilikiswa wukushisa okuvuthayo, futhi nomhlaba cugoqwe ndawonye njengomqulu, futhi amazulu kanye nomhlaba kudlule;

4 Futhi ngisho kuze kube angosuku olukhulu kanye nolokuphela, lapho bonke abantu, kanye nemindeni yonke, kanye nezizwe zonke, kanye nezilimi bziyoma phambi kukaNkulunkulu, ukuze zehlulelwe ngemisebenzi yazo, noma ngabe mihle noma ngabe mibi—

5 Uma imihle, abavukele ekuphileni kwaphakade; futhi uma imibi, bavukele osizini; njengoba kulinganisene, okunye kolunye uhlangothi nokunye kolunye uhlangothi, ngokwesihawu, kanye bnokulunga, kanye nobungcwele obukuKristu, owayekhona cngaphambi kokuthi umhlaba ubekhona.

6 Manje akunakubhalwa kulencwadi ngisho anengxenye eyodwa yokwekhulu yezinto uJesu azifundisa ngempela kubantu;

7 Kepha bheka aizingcwephe zikaNefi ziqukethe ingxenye eningi yezinto azifundisa abantu.

8 Futhi lezi zinto ngizibhalile, eziyingxenyana encane yezinto azifundisa abantu; futhi ngizibhale ngenhloso yokuthi zibuye ziphindwe zilethwe kulaba bantu, azivela kwabeZizwe, njengokwamazwi uJesu awakhulumayo.

9 Futhi uma sebekutholile lokhu, okudingekile ukuthi babe nakho kuqala, ukuvivinya ukholo lwabo, futhi uma kuyokwenzeka ukuthi bazikholwe lezi zinto uma kunjalo aizinto ezinkulu ziyokwembulwa kubo.

10 Futhi uma kwenzeka ukuthi bangazikholwa lezi zinto, uma kunjalo izinto ezinkulu aziyogodlwa kubo, kangangoba bayobekwa icala.

11 Bheka, ngase ngizozibhala lezi zinto, konke okwakuqoshwe ezingcwepheni zikaNefi, kepha iNkosi yakwenqaba lokho, ithi: aNgizoluvivinya ukholo lwabantu bami.

12 Ngakho-ke mina, Mormoni, sengibhala izinto engiyalwe ngazo yiNkosi. Manje mina, Mormoni, sengenza isiphetho senkulumo yami, futhi sengiyaqhubeka nokubhala izinto engiyalwe ngazo.

13 Ngakho-ke, ngifuna ukuthi nibone ukuthi iNkosi ngempela yabafundisa abantu, isikhathi esiyizinsuku ezintathu; futhi emva kwalokho ayaziveza kubo njalo, futhi yahlephula bisinkwa kaningi, futhi yasibusisa, futhi yabanikeza.

14 Futhi kwenzeka ukuthi yabafundisa futhi yabasebenzela aabantwana besixuku osekukhulunywe ngaso, futhi byaluqaqa ulimi lwabo, futhi bakhuluma koyise izinto ezinkulu nezimangalisayo, ezinkulu ngisho nangaphezu kwalokho eyayikade ikwambulele abantu; futhi yaluqaqa ulimi lwabo kangangokuthi babengakwazi ukukhuluma.

15 Futhi kwenzeka ukuthi emva kokuthi isinyukele ezulwini—okwesibili ukuthi izibonakalise kubo, futhi isihambile yaya kuBaba, emva kokuthi aisibaphilise bonke abagulayo babo, kanye nabaxhugayo babo, futhi isivule amehlo alabo ababengaboni babo futhi yavula izindlebe zezithuli, futhi seyenze yonke inhlobo yokwelapha phakathi kwabo, futhi yavusa nendoda ekufeni, futhi isiwatshengisile amandla ayo kubo, futhi isinyukele kuBaba—

16 Bheka, kwenzeka ngakusasa ukuthi isixuku sabuthana ndawonye, futhi bonke bazibona futhi bazizwa lezi zingane; yebo, ngisho aabantwana bayivula imilomo yabo futhi bakhuluma izinto ezimangalisayo; futhi izinto ezazikhulumayo akuvunyelwanga ukuthi kube khona namunye umuntu ozibhalayo.

17 Futhi kwenzeka ukuthi aabafundi uJesu ayebakhethile baqala kusukela ngaleso sikhathi kuya phambili bukubhabhadisa kanye nokufundisa ngobuningi balabo abeza kubo; futhi ngobuningi balabo ababebhabhadiswa egameni likaJesu bagcwaliswa ngoMoya oyiNgcwele.

18 Futhi abaningi babo babona futhi bezwa izinto ezazingakhulumeki, aezingavunyelwe ukuthi zibhalwe.

19 Futhi bafundisa, futhi basebenzelana omunye nomunye; futhi babane azinto zonke bngokufanayo phakathi kwabo, wonke umuntu enza ngokulunga, komunye nomunye.

20 Futhi kwenzeka ukuthi benza zonke izinto ngisho nanjengoba uJesu ayebayalile.

21 Futhi labo ababhabhadiswa egameni likaJesu babizwa angebandla likaKristu.