ImiBhalo eNgcwele
3 Nefi 20


Isahluko 20

UJesu unika isinkwa kanye newayini ngokumangalisayo futhi uyaphinda ubusisela abantu isidlo—Insali kaJakobe iyofinyelela olwazini lweNkosi uNkulunkulu wayo futhi iyothola njengefa izwe laseMelika—UJesu ungumphrofethi njengoMose, futhi amaNefi angabantwana babaphrofethi—Abanye babantu beNkosi bayoqoqelwa eJerusalema. Cishe ngonyaka weNkosi wama 34.

1 Futhi kwenzeka ukuthi wayala isixuku ukuthi siyeke ukukhuleka, futhi kanjalo nabafundi bakhe. Futhi wabayala ukuthi bangayeki aukukhuleka ezinhliziyweni zabo.

2 Futhi wabayala ukuthi baphakame futhi bame ngezinyawo zabo. Futhi baphakama bema ngezinyawo zabo.

3 Futhi kwenzeka ukuthi waphinda wahlephula isinkwa futhi wasibusisa, futhi wanikeza abafundi bakhe ukuthi badle.

4 Futhi ngesikhathi sebedlile wabayala ukuthi bahlephule isinkwa, futhi basinike isixuku.

5 Futhi ngesikhathi sebesinikile isixuku waphinde wabanika iwayini ukuthi baphuze, futhi wabayala ukuthi banike isixuku.

6 Manje, kwakungekho asinkwa, noma iwayini, okwakulethwe ngabafundi, noma yisixuku;

7 Kepha ngempela awabanika isinkwa ukuze badle, futhi kanjalo newayini ukuze baphuze.

8 Futhi wathi kubo: Lowo aodla lesinkwa udla okomzimba wami emphefumulweni wakhe; futhi nalowo ophuza leliwayini uphuza okwegazi lami emphefumulweni wakhe; futhi umphefumulo wakhe awuseyikulamba noma wone, kepha uyogcwaliswa.

9 Manje, ngesikhathi isixuku sonke sesidlile futhi saphuza, bheka, sagcwaliswa ngoMoya; futhi sakhala ngazwi linye, futhi sanikeza udumo kuJesu, ababembona futhi bemuzwa.

10 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi bonke sebelunikile udumo kuJesu, wathi kubo: Bhekani manje sengiyawuqedela umyalelo uBaba angiyale ngawo mayelana nalabantu, abayinsali yendlu ka-Israyeli.

11 Niyakhumbula ukuthi ngikhulumile kini, futhi ngathi uma aamazwi ka-bIsaya esegcwaliseka—bhekani abhaliwe, ninawo phambi kwenu, ngakho-ke wacwaningeni—

12 Futhi ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini, ngesikhathi esegcwaliseka ngaleso sikhathi kuyobe sekuwukugcwaliseka akwesivumelwano uBaba asenza kubantu bakhe, O ndlu ka-Israyeli.

13 Futhi ngaleso sikhathi ainsali, eyobe bihlakazekile ezindaweni zonke phezu kobuso bomhlaba, ciyoqoqwa empumalanga kanye nase ntshonalanga, kanye naseningizimu kanye nasenyakatho; futhi iyofinyelela dolwazini lweNkosi uNkulunkulu wabo, obakhululile.

14 Futhi uBaba ungiyale ukuthi ngininike alelizwe, libe yifa lenu.

15 Futhi ngithi kini, uma abeZizwe abengaphenduki emva kwesibusiso abayosithola, emva kokuthi sebehlakaze abantu bami—

16 Ngaleso sikhathi nina, eniyinsali yendlu kaJakobe, niyohamba niye phakathi kwabo; futhi niyokuba phakathi kwalabo abayobe bebaningi; futhi niyokuba phakathi kwabo njengengonyama iphakathi kwezilwane zasehlathini, nanjenge awundlu lengonyama phakathi kwemihlambi yezimvu, okuthi uma lidabula phakathi kwazo blizinyathele phansi futhi lizidwengule zibe yizicucu, futhi kungekho namunye ongazihlenga.

17 Isandla sakho siyophakanyiselwa izitha zakho, futhi zonke izitha zakho ziyobulawa.

18 Futhi angiyobabuthela ndawonye abantu bami njengomuntu ebutha izithungu zakhe phansi.

19 Ngokuba ngiyokwenza abantu bami uBaba enza isivumelwano nabo, yebo, ngiyokwenza auphondo lwakho lube yinsimbi, futhi ngenze izinselo zakho zibe yithusi. Futhi uyochoboza abantu abaningi babe yizicucu; futhi ngiyoyingcwelisa inzuzo yabo eNkosini, futhi ngiyongcwelisa nokungokwabo eNkosini yomhlaba wonke. Futhi bhekani, nginguye okwenzayo lokho.

20 Futhi kuyokwenzeka, kusho uBaba, ukuthi ainkemba yokulunga kwami iyolengela phezu kwabo ngalolo suku; futhi ngaphandle kokuthi baphenduke iyowela phezu kwabo, kusho uBaba, yebo, ngisho naphezu kwazo zonke izizwe zabeZizwe.

21 Futhi kuyokwenzeka ukuthi ngiyobamisa aabantu bami, O ndlu ka-Israyeli.

22 Futhi bhekani, labantu ngiyobabeka kulelizwe, ekugcwaliseni aisivumelwano engasenza noyihlo uJakobe; futhi liyoba yi bJerusalema Entsha. Futhi amandla asezulwini ayoba phakathi kwalabantu; yebo, ngisho nami cngiyoba phakathi kwenu.

23 Bhekani, nginguye lowo uMose akhuluma ngaye, ethi: INkosi uNkulunkulu wenu iyonivusela aumphrofethi kubafowenu, onjengami; yena niyomlalela kuzo zonke izinto ayozisho kini noma ngabe yini. Futhi kuyokwenzeka ukuthi wonke umuntu ongeyukumlalela lowo mphrofethi uyosuswa phakathi kwabantu.

24 Ngiqinisile ngithi kini, yebo, futhi abonke abaphrofethi kusukela kuSamuweli kanye nalabo abalandela kamuva, ngobuningi babo njengokukhuluma kwabo, bafakaza ngami.

25 Futhi bhekani, ningabantwana babaphrofethi; futhi ningabendlu ka-Israyeli; futhi aningabesivumelwano uBaba asenza noyihlo, ethi ku-Abrahama: Futhi bngenzalo yakho yonke imindeni yomhlaba iyobusiswa.

26 UBaba eqale ngokungivusela kini kuqala, futhi wangithuma ukuthi nginibusise angokuzoniphendula omunye nomunye wenu asuke ekoneni kwakhe; futhi lokhu ngenxa yokuthi ningabantwana besivumelwano—

27 Futhi emva kokuba senibusisiwe ngaleso sikhathi uBaba uyosigcwalisa isivumelwano asenza no-Abrahama, esithi: aNgenzalo yakho yonke imindeni yomhlaba iyobusiswa—ekutheleni uMoya oyiNgcwele ngami kwabeZizwe, okuyisibusiso bkwabeZizwe esiyobenza babe namandla ngaphezu kwakho konke, ekuhlakazeni abantu bami, O ndlu ka-Israyeli.

28 Futhi bayoba awuhlupho kubantu balelizwe. Nokho, ngesikhathi sebelamukele ivangeli lami elipheleleyo, ngaleso sikhathi uma beyoqinisa izinhliziyo zabo ngokumelene nami ngiyobubuyisela ububi babo phezu kwamakhanda abo, kusho uBaba.

29 Futhi angiyosikhumbula isivumelwano engisenze nabantu bami; futhi ngivumelane nabo ukuthi bngiyobabuthela ndawonye ngesikhathi sami esifanele, nokuthi ngiyophinda futhi ngibanike cizwe loyise libe yifa labo, okuyizwe lase dJerusalema, okuyizwe lesethembiso kubo ingunaphakade, kusho uBaba.

30 Futhi kuyokwenzeka ukuthi isikhathi sifike, lapho ivangeli lami elipheleleyo liyoshunyayelwa kubo;

31 Futhi abayokholwa kimi, ukuthi nginguJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu, futhi bayokhuleka kuBaba egameni lami.

32 Ngaleso sikhathi aabalindi babo bayophakamisa amazwi abo, futhi ngazwi linye bayohlabelela; ngokuba bayobona iso ngeso.

33 Ngaleso sikhathi uBaba uyobabuthela ndawonye futhi, futhi abanike iJerusalema kube yizwe eliyifa labo.

34 Ngaleso sikhathi bayoqhumuka ngentokozo bethi—aHlabelelani kanye kanye, nina zindawo ezichithiweyo zaseJerusalema; ngokuba uBaba ubaduduzile abantu bakhe, uyikhululile iJerusalema.

35 UBaba uyambulile ingalo yakhe engcwele emehlweni ezizwe zonke; futhi yonke imikhawulo yomhlaba iyoyibona insindiso kaBaba; futhi uBaba kanye nami simunye.

36 Futhi ngaleso sikhathi kuyokwenzeka lokho okubhaliwe: aVuka, vuka futhi, futhi ugqoke amandla akho, O Siyoni; gqoka izembatho zakho ezinhle, O Jerusalema, dolobha elingcwele, ngokuba kusuka manje akasekho oyoza kuwe ongasokile futhi nongahlanzekile.

37 Zithintithe othulini; vuka, uhlale phansi, O Jerusalema; zikhulule kuzo izibopho zentamo yakho, O ndodakazi ethunjiweyo yaseSiyoni.

38 Ngokuba isho kanje iNkosi: Nizithengise ngeze, futhi niyokhululwa ngaphandle kwemali.

39 Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini, abantu bami bayolazi igama lami; yebo, ngalolo suku bayokwazi ukuthi nginguye lowo okhulumayo.

40 Futhi ngaleso sikhathi bayothi: aZinhle kangakanani izinyawo phezu kwezintaba zalowo oletha izindaba ezimnandi kubo, bomemezela ukuthula; oletha izindaba ezimnandi kubo zokulunga, omemezela insindiso; othi eSiyoni: UNkulunkulu wakho uyabusa!

41 Futhi ngaleso sikhathi isimemezelo siyozwakala sithi: aMukani, mukani, hambani niphume lapha, ningakuthinti lokho bokungahlanzekile; hambani niphume phakathi kwakhe; chlanzekani nina eniphethe izitsha zeNkosi.

42 Ngokuba aaniyikuphuma ngokushesha noma nihambe ngokubaleka; ngokuba iNkosi iyohamba phambi kwenu, futhi uNkulunkulu ka-Israyeli uyoba semva kwenu.

43 Bhekani, inceku yami iyokwenza ngokuhlakanipha; iyokhuliswa futhi ibatshazwe futhi iphakanyiswe kakhulu.

44 Njengokuba abaningi bamangala ngawe—ubuso bayo babonakele kakhulu, ngaphezu kwabo bonke abantu, futhi nesimo sayo ngaphezu kwamadodana abantu—

45 Ngakho-ke aiyochela izizwe eziningi; amakhosi ayovala imilomo yawo ngenxa yayo, ngokuba lokho abangazange batshelwe kona bayokubona; futhi nalokho abangazange bakuzwe bayokuqonda.

46 Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini, zonke lezi zinto ziyokwenzeka ngempela, ngisho nanjengoba uBaba engiyalile. Ngaleso sikhathi lesi sivumelwano uBaba avumelene ngaso nabantu bakhe siyogcwaliseka; futhi ngaleso sikhathi aiJerusalema iyophinde futhi ibe nabantu bami, futhi iyoba yizwe eliyifa labo.