ImiBhalo eNgcwele
3 Nefi 25


Isahluko 25

NgokuZa kwesiBili, abaziqhenyayo kanye nababi bazoshiswa njengamabibi—U-Eliya uzobuya ngaphambi kwalolo suku olukhulu nolwesabekayo—Qhathanisa noMalaki 4. Cishe ngonyaka weNkosi wama 34.

1 Ngokuba bheka, usuku luyeza aoluyovutha njengeziko; futhi bonke babaziqhenyayo, yebo, kanye nabo bonke labo abenza ububi, bayokuba ngamabibi; futhi usuku oluzayo luyobashisa, kusho iNkosi yamaBandla, futhi aliyikubashiyela mpande nagatsha.

2 Kepha kinina enilesabayo igama lami, aiNdodana yokuLunga iyovuka nokuphilisa emaphikweni ayo; futhi niyoqala bnikhule cnjengamathole esitebeleni.

3 Futhi aniyobanyathela phansi ababi; ngokuba bayokuba ngumlotha phansi kwezithende zezinyawo zenu ngosuku engiyokwenza ngalo lokhu, kusho iNkosi yamaBandla.

4 Khumbulani umthetho kaMose, inceku yami, engamyala ngawo aeHorebe ngo-Israyeli wonke, ngemithetho kanye nangezahlulelo.

5 Bhekani, ngiyothumela kini u-aEliya umphrofethi lungakafiki busuku olukhulu nolwesabekayo lweNkosi;

6 Futhi auyophendulela izinhliziyo zoyise kubantwana, kanye nezinhliziyo zabantwana, koyise, hleze ngize futhi ngishaye umhlaba ngesiqalekiso.