ImiBhalo eNgcwele
3 Nefi 3


Isahluko 3

UGidiyani, umholi wamaGadiyantoni, ufuna ukuthi uLakonewu kanye namaNefi bazinikele kanye namazwe abo—ULakonewu ubeka uGidigidoni njengenduna enkhulu yamabutho—AmaNefi abuthana eZarahemla kanye naseNala ukuze azivikele. Cishe ngonyaka weNkosi we 16 kuya kowe 18.

1 Manje kwenzeka ukuthi ngonyaka weshumi nesithupha kusukela ekufikeni kukaKristu, uLakonewu, umbusi wezwe, wathola incwadi evela kumholi kanye nombusi waleliqembu labaphangi; futhi lawa ngamazwi ayebhaliwe, ayethi:

2 Lakonewu, ophakeme kakhulu kanye nombusi omkhulu wezwe, bheka, ngikubhalela lencwadi, futhi ngikunikeza udumo olukhulu kakhulu ngenxa yokuqina kwakho, futhi kanjalo nangokuqina kwabantu bakho, ekugcineni lokho enikuthatha ngokuthi kuyilungelo kanye nenkululeko yenu; yebo, nimile impela, sengathi nisekelwe yisandla sikankulunkulu, ekuvikeleni inkululeko yenu, kanye nempahla yenu, kanye nezwe lenu, noma lokho enikubiza kanjalo.

3 Futhi kubonakala kungidabukisa, Lakonewu ophakeme kakhulu, ukuthi ungaba yisiwula kangaka futhi uziqhayise ngokucabanga ukuthi ungamelana namadoda anesibindi amaningi kangaka akhuzwa yimi, okumanje ami ngomumo ezikhalini zawo, futhi alindele ngentshisekelo enkulu izwi elithi—Hambani nehlele kumaNefi niwabulale.

4 Futhi mina, ngokwazi isibindi sabo, sengike ngabavivinya empini, futhi ngazi ngenzondo yabo engapheliyo ngani ngenxa yokungalungile okuningi enikwenze kubo, ngakho-ke uma bengehlela ezansi bazolwa nani bayonivakashela ngokunibulala niphele nya.

5 Ngakho-ke ngibhale lencwadi, ngayivala ngesandla sami uqobo, ngoba ngikhathazekile ngenhlalakahle yenu, ngenxa yokuqina kwenu kulokho enikholwa wukuthi kulungile, kanye nobuqhawe benu empini.

6 Ngakho-ke ngiyakubhalela, ngifisa ukuthi ninikele kulaba bantu bami, amadolobha enu, izindawo zenu, kanye nalokho eninakho, kunokuthi banivakashele ngenkemba futhi nokuthi ukonakaliswa kuze kini.

7 Noma-ke ngamanye amazwi, zinikeleni kithi, bese nihlangana nathi futhi bese nazi angemisebenzi yethu efihlakele, futhi nibe ngabafowethu ukuze nani nifane nathi—hhayi izigqila zethu, kodwa abafowethu futhi sihlanganyele kukho konke esinakho.

8 Futhi bheka, angiyafunga kuwe, uma ningakwenza lokhu, ngokufunga, ngeke nibulawe; kodwa uma ningenakukwenza lokhu, ngiyafunga kini ngesifungo, ukuthi ngenyanga ezayo ngizoyala amabutho ami ukuthi ehle azolwa nani, futhi awayikusibamba esawo isandla futhi awayikushiya lutho, kodwa ayonibulala, futhi ayoyidedela inkemba iwele phezu kwenu kuze kube niyaphela nya.

9 Futhi bheka, nginguGidiyani; futhi ngingumbusi waleli aqembu eliyimfihlo likaGadiyantoni; okuyiqembu kanye nemisebenzi yalo engazi ukuthi bmihle; futhi cingeyesikhathi sasendulo futhi idluliselwe kithi.

10 Futhi ngiyakubhalela lencwadi, Lakonewu, futhi ngiyethemba ukuthi nizozinikela izindawo zenu kanye nalokho eninakho, ngaphandle kokuchitha igazi, ukuze labantu bami babuyelwe futhi ngamalungelo abo kanye nokuphatha kwabo, abahlubuke kini ngenxa yobubi benu ekubagodleleni amalungelo okuphatha kwabo, futhi ngaphandle kokuthi nenze lokhu, ngizobaphindiselela ngokoniwa kwabo. NginguGidiyani.

11 Manje kwenzeka ngesikhathi uLakonewu ethola lencwadi wethuka kakhulu, ngenxa yesibindi sikaGidiyani sokufuna ukuthi athathe izwe lamaNefi, futhi kanjalo nangokusongela abantu kanye nokufuna ukuphindisela ukoniwa kwalabo ababe ngazange boniwe, ngaphandle kokuthi ababezone bona ngokuhlubukela kulabobaphangi ababi nabanengekile.

12 Manje bheka, lo Lakonewu, umbusi, wayeyindoda elungile, futhi wayengenakwesatshiswa ngezimfuno kanye nangezinsongo azomphangi; ngakho-ke akazange ayilalele incwadi kaGidiyani, umbusi wabaphangi, kodwa wenza ukuthi abantu bakhe bakhale eNkosini bacele amandla ngesikhathi labo baphangi beyokwehla ngaso bezolwa nabo.

13 Yebo, wathumela isimemezelo kubo bonke abantu, ukuthi baqoqele ndawonye abesifazane babo, kanye nabantwana babo, imihlambi yezimvu zabo kanye nemihlambi yezinkomo zabo, kanye nakho konke okwabo, ngaphandle kwezwe labo, endaweni eyodwa.

14 Futhi wenza ukuthi kwakhiwe izinqaba zibazungeze, futhi ukuqina kwazo kube kukhulu kakhulu. Futhi wenza ukuthi amabutho, amaNefi kanye nawaLamani, noma abo bonke labo ababebalwa kanye namaNefi, ukuthi abekwe njengabaqaphi azungeze nokuthi abagade, futhi nokuthi abavikele kubaphangi emini nasebusuku.

15 Yebo, wathi kubo: Njengoba iNkosi iphila, ngaphandle kokuthi niphenduke kubo bonke ububi benu, futhi nikhale eNkosini, anisoze nanini nikhululwe ezandleni zalabo baphangi baGadiyantoni.

16 Futhi ayemakhulu futhi emangalisa amazwi kanye neziphrofetho zikaLakonewu kangangokuthi zadala ukwesaba kubo bonke abantu; futhi nempela bazinikela ngamandla abo ukuthi benze njengokwamazwi kaLakonewu.

17 Futhi kwenzeka ukuthi uLakonewu wabeka izinduna ezinkulu kuwo wonke amabutho amaNefi, ukuthi ziwakhuze ngesikhathi labo baphangi beyokwehla ngaso bephuma ehlane bezolwa nabo.

18 Manje induna enkulu kakhulu ngaphezu kwazo zonke izinduna ezinkulu kanye nomkhuzi omkhulu wamabutho onke amaNefi wabekwa, futhi igama lakhe kwakungu aGidigidoni.

19 Manje kwakuyisiko phakathi kwawo wonke amaNefi ukuthi kubekwe owezinduna zawo ezinkulu, (ngaphandle kwangezikhathi zabo zobubi) owayenomoya wokwambulelwa futhi kanjalo anowokuphrofetha; ngakho-ke, lo Gidigidoni wayengumphrofethi omkhulu phakathi kwabo, futhi phezu kwalokho engumahluleli omkhulu.

20 Manje abantu bathi kuGidigidoni: Khuleka eNkosini, bese usivumela ukuthi sihambe sikhuphukele ezintabeni siye ehlane, ukuze siwele phezu kwalabaphangi futhi sibabulalele emazweni abo uqobo.

21 Kepha uGidigidoni wathi kubo: INkosi aiyenqaba; ngokuba uma sikhuphuka siyolwa nabo iNkosi bizosinikela ezandleni zabo; ngakho-ke sizozilungiselela enkabeni yamazwe ethu, futhi sizobuthela ndawonye wonke amabutho ethu, futhi ngeke siye siyolwa nabo, kodwa sizobalinda baze beze bazolwa nathi; ngakho-ke njengoba iNkosi iphila, uma sikwenza lokhu izobanikela ezandleni zethu.

22 Futhi kwenzeka ngonyaka weshumi nesikhombisa, ngasekupheleni kwalowo nyaka, isimemezelo sikaLakonewu sase sikhishiwe kubo bonke ubuso bezwe, futhi base bethathe amahhashi abo, kanye nezinqola zabo, kanye nezinkomo zabo, kanye nayo yonke imihlambi yezimvu zabo, kanye nemihlambi yezinkomo zabo, kanye nokusanhlamvu kwabo, kanye nakho konke ababenakho, futhi bahamba ngezinkulungwane kanye nangamashumi ezinkulungwane, kwaze kwathi bonke bahamba baya kuleyo ndawo eyayibekiwe ukuthi babezohlanganela kuyo, ukuze bazivikele ezitheni zabo.

23 Futhi izwe elalibekiwe kwakuyizwe lakwaZarahemla, futhi kwakuyizwe elaliphakathi kwezwe lakwaZarahemla kanye nezwe iNala, yebo, emnceleni owawuphakathi kwezwe iNala kanye nezwe iNcithakalo.

24 Futhi kwabakhona izinkulungwane eziningi kakhulu zabantu ababebizwa ngamaNefi, ababuthana ndawonye kulelizwe. Manje uLakonewu wenza ukuthi babuthane ndawonye ezweni elalingaseningizimu, ngenxa yesiqalekiso esikhulu esasise azweni elingasenyakatho.

25 Futhi baziqinisa ngokumelene nezitha zabo; futhi bahlala ezweni elilodwa, futhi beyiqoqo elilodwa; futhi bawesaba amazwi ayekhulunywe nguLakonewu, kangangokuthi nempela baphenduka ezonweni zabo zonke; futhi imikhuleko yabo bayiphakamisela eNkosini uNkulunkulu wabo, ukuthi aabakhulule ngaleso sikhathi izitha zabo zehla zizolwa nabo.

26 Futhi baba nosizi olukhulu kakhulu ngenxa yezitha zabo. Futhi uGidigidoni wenza ukuthi benze aizikhali zempi ezinhlobonhlobo, futhi ziqine zibe nezivikelo, kanye nezihlangu, kanye nezihlangu ezincane, ngendlela ayebafundise ngayo.