ImiBhalo eNgcwele
3 Nefi 27


Isahluko 27

UJesu ubayala ukuthi babize iBandla ngegama Lakhe—Umsebenzi kanye nomnikelo Wakhe ohlawulayo kuyivangeli Lakhe—Abantu bayalwa ukuthi baphenduke futhi babhabhadiswe ukuze bangcweliswe ngoMoya oyiNgcwele—Kufanele babe ngisho njengoJesu. Cishe ngonyaka weNkosi wama 34 kuya kowama 35.

1 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi abafundi baJesu behamba beshumayela izinto ababezizwile futhi nababezibonile, futhi bebhabhadisa egameni likaJesu, kwenzeka ukuthi abafundi babuthana ndawonye futhi abahlanganyela emkhulekweni omkhulu kanye bnasekuzileni.

2 UJesu waphinda awaziveza kubo, ngokuba babekhuleka kuBaba egameni lakhe; futhi uJesu weza wema phakathi kwabo, futhi wathi kubo: Nifuna ukuthi ngininikeni na?

3 Futhi bathi kuye: Nkosi, sifuna ukuthi usitshele igama esizobiza ngalo leli bandla; ngokuba kunezimpikiswano phakathi kwabantu mayelana naloludaba.

4 INkosi yathi kubo: Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini, kungani ukuthi abantu bavungame futhi baphikisane ngenxa yalento na?

5 Abayifundanga yini imibhalo engcwele, ethi kufanele nibizwe angegama likaKristu, okuyigama lami na? Ngokuba niyobizwa ngaleli gama ngosuku lokugcina;

6 Futhi lowo obizwa ngegama lami, futhi aabekezele kuze kube sekugcineni, nguye lowo oyosindiswa ngosuku lokugcina.

7 Ngakho-ke, noma ngabe yini eniyoyenza, niyoyenza egameni lami; ngakho-ke niyolibiza ibandla ngegama lami; futhi niyobiza uBaba egameni lami ukuze alibusise ibandla ngenxa yami.

8 Futhi lingaba ayibandla blami kanjani ngaphandle kokuthi libizwe ngegama lami na? Ngokuba uma ibandla lingabizwa ngegama likaMose uma kunjalo liyibandla likaMose; noma uma lingabizwa ngegama lomuntu uma kunjalo liyibandla lomuntu; kepha uma lingabizwa ngegama lami uma kunjalo liyibandla lami, uma kungukuthi bakhelwe phezu kwevangeli lami.

9 Ngiqinisile ngithi kini, nina nakhelwe phezu kwevangeli lami; ngakho-ke niyokwetha noma ngabe yini eniyethayo, ngegama lami; ngakho-ke uma nibiza uBaba, ukuze kuzuze ibandla, uma kusegameni lami uBaba uyonizwa;

10 Futhi uma kungukuthi ibandla lakhelwe phezu kwevangeli lami uma kunjalo uBaba uyokhombisa imisebenzi yakhe kulo.

11 Kepha uma lingakhelwe evangelini lami, futhi lakhelwe emisebenzini yabantu, noma emisebenzini kadeveli, ngiqinisile ngithi kini banenjabulo ngemisebenzi yabo okwesikhashana, futhi emva kwesikhashana isiphetho siyeza, futhi abagawulelwa phansi futhi baphonswe emlilweni, lapho kungasekho ukubuya.

12 Ngokuba imisebenzi yabo aiyabalandela, ngokuba kungenxa yemisebenzi yabo ukuthi bagawulelwa phansi; ngakho-ke khumbulani izinto enginitshele zona.

13 Bhekani ngininikile aivangeli lami, futhi leli yivangeli engininike lona—ukuthi ngeza emhlabeni ukuzokwenza bintando kaBaba, ngoba uBaba engithumile.

14 Futhi uBaba wangithuma ukuze angiphakanyiselwe phezulu esiphambanweni; futhi emva kokuthi sengiphakanyiselwe phezulu esiphambanweni, ukuze bngidonsele bonke abantu kimi, ukuthi njengoba ngaphakanyiselwa phezulu ngabantu futhi kanjalo nabantu bayophakanyiswa nguBaba, ukuze bame phambi kwami, ukuze cbehlulelwe ngokwemisebenzi yabo, noma ngabe mihle noma ngabe mibi—

15 Futhi ngalesi sizathu angiphakanyiselwe phezulu; ngakho-ke, ngokwamandla kaBaba ngiyobadonsela kimi bonke abantu, ukuze behlulelwe ngokwemisebenzi yabo.

16 Futhi kuyokwenzeka, ukuthi noma ngubani aophendukayo futhi babhabhadiswe egameni lami uyogcwaliswa; futhi uma cebekezela kuze kube sekugcineni, bheka, ngiyomthola engenacala phambi kukaBaba ngalolo suku lapho ngiyokuma ukuze ngehlulele umhlaba.

17 Futhi lowo ongabekezeli kuze kube sekugcineni, nguye kanye lowo oyogawulelwa phansi futhi aphonswe emlilweni, lapho bengasenakubuya khona nanini, ngenxa ayokulunga kukaBaba.

18 Futhi yilo leli izwi alinikeza abantwana babantu. Futhi ngenxa yalesi sizathu uyawagcwalisa amazwi awanikeza, futhi akaqambi manga, kepha uwagcwalisa wonke amazwi akhe.

19 Futhi aayikho into engcolile engangena embusweni wakhe; ngakho-ke akukho nto engena bekuphumuleni kwakhe ngaphandle kwalabo cabahlanze izingubo zabo egazini lami, ngenxa yokholo lwabo, kanye nokuphenduka ezonweni zabo zonke, kanye nokwethembeka kwabo kuze kube sekugcineni.

20 Manje lona ngumyalelo: aPhendukani, nonke mikhawulo yomhlaba, futhi nize kimi futhi bnibhabhadiswe egameni lami, ukuze cningcweliswe ngokwamukela uMoya oyiNgcwele, ukuze nime dningenasici phambi kwami ngosuku lokuphela.

21 Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini, yivangeli lami leli; futhi niyazazi izinto okufanele nizenze ebandleni lami; ngokuba imisebenzi enibone ngiyenza nani ngokunjalo niyoyenza; ngokuba lokho eningibone ngikwenza ngisho lokho nani niyokwenza;

22 Ngakhoke, uma nenza lezi zinto nibusisiwe, ngokuba niyophakanyiswa ngosuku lokuphela.

23 Zibhaleni izinto enizibonile futhi nazizwa, ngaphandle kwalezo aezingavunyelwe.

24 Yibhaleni imisebenzi yalabantu, eyokwenzeka, ngisho nanjengoba ibhaliwe, ngalokho okwenzekile.

25 Ngokuba bhekani, kulezo zincwadi ezibhaliwe, kanye nalezo eziyobhalwa, labantu abayokwahlulelwa ngazo, ngokuba ngazo bimisebenzi yabo iyokwambulwa kubantu.

26 Futhi bhekani, zonke izinto azibhalwe nguBaba; ngakho-ke ngezincwadi ezisazobhalwa umhlaba uyokwahlulelwa ngazo.

27 Futhi yazini ukuthi aniyokuba ngabahluleli balabantu, ngokwesahlulelo engiyoninika sona, esiyobe silungile. Ngakho-ke, kufanele nibe bngabantu abanjani na? Ngiqinisile ngithi kini, ngisho cnjengami.

28 Manje asengiyahamba ngiya kuBaba. Futhi ngiqinisile ngithi kini, noma ngabe yiziphi izinto eniyozicela kuBaba egameni lami niyonikwa zona.

29 Ngakho-ke, acelani, futhi niyophiwa; ngqongqothani, futhi niyovulelwa; ngokuba lowo ocelayo, uyaphiwa; futhi nalowo ongqongqothayo, uyovulelwa.

30 Manje, bhekani, intokozo yami inkulu, kangangoba igcwele, ngenxa yenu, futhi kanjalo nalesi sizukulwane; yebo, futhi ngisho noBaba uyathokoza, futhi kanjalo nazo zonke izingelosi ezingcwele, ngenxa yenu kanye nalesi sizukulwane; ngokuba aakekho namunye wabo olahlekile.

31 Bhekani, ngifuna ukuthi niqonde; ngokuba ngisho laba aabaphilayo manje bbalesi sizukulwane; futhi akekho namunye wabo olahlekile; futhi ngenxa yabo ngine cnjabulo egcwele.

32 Kepha bhekani, ngiyadabuka ngenxa ayesizukulwane sesine kusukela kulesi sizukulwane, ngokuba bona baholelwa kude ekuthunjweni nguye ngisho nanjengayo indodana yokulahlwa; ngokuba bayongithengisa ngesiliva kanye negolide, kanye nangalokho okuyoboliswa byinundu kanye nalokho amasela angafohla futhi akwebe. Futhi ngalolo suku ngiyobahambela, ngisho nangokuphendulela imisebenzi yabo phezu kwamakhanda abo.

33 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi uJesu eseqedile ukusho lezi zinkulumo wathi kubafundi bakhe: Ngenani aesangweni elingumngcingo; ngokuba lincane isango, futhi ingumngcingo nendlela eholela ekuphileni, futhi bancane abayitholayo; kepha libanzi isango, futhi ivulekile indlela eholela ekufeni, futhi baningi abahamba ngayo, kuze kufike ubusuku, lapho kungeke kusasebenza muntu khona.