ImiBhalo eNgcwele
3 Nefi 24


Isahluko 24

Isithunywa seNkosi sizolungisa indlela yokuZa KwesiBili—UKristu uzohlala esihlalweni sokwahlulela—U-Israyeli uyalwa ukuthi akhokhe okweshumi kanye neminikelo—Incwadi yesikhumbuzo iyagcinwa—Qhathanisa noMalaki 3. Cishe ngonyaka weNkosi wama 34.

1 Futhi kwenzeka ukuthi wabayala ukuthi bawabhale lawo amazwi uBaba ayewanike uMalaki, ayezobatshela wona. Futhi kwenzeka ukuthi emva kokuthi esebhaliwe wawachaza. Futhi lawa ngamazwi abatshela wona, ethi: Washo kanje uBaba kuMalaki—Bheka, ngiyothumela aisithunywa sami, futhi siyolungisa indlela phambi kwami, futhi leyo Nkosi eniyifunayo iyoza ngokushesha ethempelini layo, ngisho isithunywa sesivumelwano, enijabulayo ngaso; bhekani, siyoza, kusho iNkosi yamaBandla.

2 Kepha ngubani aongamelana nosuku lokuza kwayo, futhi ngubani oyokuma ngesikhathi iqhamuka na? Ngokuba injengo bmlilo womcwengi, futhi nanjengensipho yomhlanzi.

3 Futhi iyohlala njengomcwengi kanye nomhlanzi wesiliva; futhi iyohlanza aamadodana kaLevi, futhi iwahlanze njengegolide nesiliva, ukuze banikele eNkosini umnikelo ngokulunga.

4 Ngaleso sikhathi umnikelo kaJuda kanye neJerusalema uyoba muhle eNkosini, njengasezinsukwini zakudala, futhi nanjengaseminyakeni edlule.

5 Futhi ngiyoza eduze kwakho ngenhloso yokwahlulela; futhi ngiyoba ngufakazi osheshayo ngokumelene nabalumbi, kanye nabaphingi, kanye nabafungi bamanga, kanye nalabo abacindezela umqashwa enkokhelweni yakhe, abafelokazi kanye anezintandane, kanye nalabo abachezukisa isihambi, futhi abangangesabi mina, kusho iNkosi yamaBandla.

6 Ngokuba ngiyiNkosi, angiguquki; ngakho-ke nina madodana kaJakobe aniqedwa.

7 Ngisho kusukela ezinsukwini zoyihlo anisukile ezimisweni zami, futhi anizigcinanga. bBuyelani kimi futhi nami ngizobuyela kini, kusho iNkosi yamaBandla. Kepha nithi: Siyobuyela kanjani na?

8 Ngabe umuntu angamphanga yini uNkulunkulu na? Nokho ningiphangile. Kepha nithi: Sikuphange kanjani na? aKokweshumi kanye bnaseminikelweni.

9 Niqalekisiwe ngesiqalekiso, ngokuba ningiphangile, ngisho nalesi sizwe sonke.

10 Lethani konke aokweshumi endlini yengcebo, ukuze kube khona inyama endlini yami; futhi ngilingeni manje ngalokhu, kusho iNkosi yamaBandla, ukuthi angiyikunivulela yini amafasitela ezulu, futhi nginithululele bisibusiso kuze kungabi bikho ndawo eyanele yokusamukela.

11 Futhi ngizomkhuza umbhubhisi ngenxa yenu, futhi akayikuzibhubhisa izithelo zomhlabathi wenu; noma umvini wenu uthele izithelo zawo ngaphambi kwesikhathi emasimini, kusho iNkosi yamaBandla.

12 Futhi zonke izizwe ziyokuthi nibusisiwe, ngokuba niyokuba yizwe elithandekayo, kusho iNkosi yamaBandla.

13 Amazwi enu abeqinile ngokumelene nami, kusho iNkosi. Nokho nithi: Sikhulumeni oluphikisana nawe na?

14 Nithe: Kuyize ukusebenzela uNkulunkulu, futhi kusiza ngani ukuthi sizigcinile izimiso zakhe kanye nokuthi sihambe ngokudabuka phambi kweNkosi yamaBandla na?

15 Manje sicabanga ukuthi abaziqhenyayo bajabule; yebo, labo abenza ububi bayaphakanyiswa; yebo, labo abalinga uNkulunkulu bayakhululwa imbala.

16 Ngaleso sikhathi labo abesaba iNkosi abakhuluma njalo omunye nomunye, futhi iNkosi yalalela futhi yezwa; futhi bincwadi yesikhumbuzo yabhalelwa bona phambi kwayo labo ababesaba iNkosi, kanye nalabo abebecabanga ngegama layo.

17 Futhi bayokuba ngabami, kusho iNkosi yamaBandla, ngalolo suku uma asengiqoqa amatshe ami ayigugu; futhi ngiyobahawukela njengendoda ihawukela indodana yayo eyisebenzelayo.

18 Ngaleso sikhathi niyobuya futhi anahlukanise phakathi kwabalungileyo kanye nababi, phakathi kwalowo osebenzela uNkulunkulu kanye nalowo ongamsebenzeli.