ImiBhalo eNgcwele
3 Nefi 18


Isahluko 18

UJesu umisa isidlo phakathi kwamaNefi—Bayalwa ukuthi bakhuleke njalo egameni Lakhe—Labo abadla umzimba Wakhe futhi baphuze igazi Lakhe ngokungafanele bayavinjelwa—Abafundi banikwa amandla okunikeza uMoya oyiNgcwele. Cishe ngonyaka weNkosi wama 34.

1 Futhi kwenzeka ukuthi uJesu wayala abafundi bakhe ukuthi balethe kuye aisinkwa kanye newayini.

2 Futhi ngesikhathi besahambile ukuyolanda isinkwa kanye newayini, wayala isixuku ukuthi sihlale phansi.

3 Futhi ngesikhathi abafundi sebefikile anesinkwa kanye newayini, wasithatha isinkwa wasihlephula futhi wasibusisa; futhi wabanika abafundi wase ebayala ukuthi basidle.

4 Futhi ngesikhathi sebedlile futhi sebenele, wabayala ukuthi banike isixuku.

5 Futhi ngesikhathi isixuku sesidlile futhi sesenele, wathi kubafundi: Bhekani kuyoba khona oyedwa oyogcotshwa phakathi kwenu, futhi ngiyomnika amandla okuthi auyohlephula isinkwa asibusise futhi asinike abantu bebandla lami, kubo bonke labo abayokholwa futhi babhabhadiswe egameni lami.

6 Futhi lokhu niyoqaphela njalo ukukwenza, ngisho nanjengoba nami ngikwenzile, ngisho nanjengoba ngisihlephulile isinkwa ngasibusisa futhi nganinika sona.

7 Futhi lokhu niyokwenza anikhumbula umzimba wami, enginitshengise wona. Futhi lokhu kuyoba wubufakazi kuBaba bokuthi ningikhumbula njalo. Futhi uma ningikhumbula njalo uMoya wami uyokuba nani njalo.

8 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi esewashilo lamazwi, wayala abafundi bakhe ukuthi bathathe iwayini esitsheni futhi baliphuze, futhi nokuthi banike isixuku ukuze naso ngokunjalo siphuze kulo.

9 Futhi kwenzeka ukuthi benze njalo, futhi nempela baliphuza futhi benela; futhi banika isixuku, futhi naso saliphuza, futhi naso senela.

10 Futhi ngesikhathi abafundi sebekwenzile lokhu, uJesu wathi kubo: Nibusisiwe ngalento eniyenzile, ngokuba lokhu kugcwalisa imiyalelo yami, futhi lokhu kufakazisa kuBaba ukuthi nizimisele ukwenza lokho enginiyale ngakho.

11 Futhi lokhu niyokwenza njalo kulabo abaphendukayo futhi nababhabhadiswa egameni lami; futhi lokhu niyokwenza nikukhumbula igazi lami, engalichithela nina, ukuze nifakaze kuBaba ukuthi niyangikhumbula njalo. Futhi uma ningikhumbula njalo uMoya wami uyokuba nani njalo.

12 Futhi ngininika umyalelo wokuthi nizenze lezi zinto. Futhi uma niyozenza njalo lezi zinto nibusisiwe, ngokuba nakhele phezu akwedwala lami.

13 Kepha lowo phakathi kwenu oyokwenza okucishe kufane nalokhu akakhile phezu kwedwala lami, kepha wakhele esisekelweni esiyisihlabathi; futhi ngesikhathi imvula seyehla, kanye nezikhukhula sezifika, futhi imimoya isishaya, futhi isishaya phezu kwabo, abayokuwa, futhi bamasango esihogo asevele avulekile ukubemukela.

14 Ngakho-ke nibusisiwe uma niyoyigcina imiyalelo yami, uBaba angiyale ukuthi ngininike yona.

15 Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini, kufanele niqaphele futhi anikhuleke njalo, hleze nilingwe ngudeveli, futhi bese niholelwa kude ekuthunjweni nguye.

16 Futhi njengoba ngikhulekile phakathi kwenu ngisho nani ngokunjalo niyokhuleka ebandleni lami, phakathi kwabantu bami labo abaphendukayo futhi nababhabhadiswa egameni lami. Bhekani angiwukukhanya; nginenzele bisibonelo.

17 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi uJesu esewakhulumile lamazwi kubafundi bakhe, waphinda waphendukela esixukwini futhi wathi kuso:

18 Bhekani, ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini, kufanele niqaphele futhi nikhuleke njalo hleze ningene ekulingweni; ngokuba auSathane ufisa ukunibamba, ukuze anihlunge njengokolweni.

19 Ngakho-ke kufanele nikhuleke njalo kuBaba egameni lami;

20 Futhi anoma ngabe yini eniyoyicela kuBaba egameni lami, elungile, nikholwa ukuthi niyoyithola, bhekani niyonikwa yona.

21 aKhulekani emindenini yenu kuBaba, njalo egameni lami, ukuze abafazi benu kanye nabantwana benu babusiswe.

22 Futhi bhekani, niyohlangana ndawonye njalo; futhi ninganqabeli namunye umuntu ukuthi eze kini uma nihlangene ndawonye, kepha bavumeleni ukuthi beze kini futhi ningabenqabeli;

23 Kepha aniyobakhulekela, futhi ningabakhipheli ngaphandle; futhi uma kungukuthi beza kini njalo niyobakhulekela kuBaba, egameni lami.

24 Ngakho-ke, phakamisani aisibani senu ukuze sikhanye emhlabeni. Bhekani ngiwuku bkhanya eniyokuphakamisa—lokho eningibone ngikwenza. Bhekani niyabona ukuthi ngithandaze kuBaba, futhi nonke nikufakazele.

25 Futhi niyabona ukuthi nginiyale ukuthi kungabi bikho anamunye wenu ohambayo, kepha esikhundleni salokho nginiyale ukuthi nize kimi, ukuze bnizwe futhi nibone; ngisho nani niyokwenza kanjalo-ke emhlabeni; futhi lowo ophula lomyalelo uzivumela ukuthi aholelwe ekulingweni.

26 Manje kwenzeka ukuthi ngesikhathi uJesu esewakhulumile lamazwi, waphinda waguqula amehlo akhe wawabhekisa kubafundi ayebakhethile, futhi wathi kubo:

27 Bhekani ngiqinisile, ngiqinsile, ngithi kini, ngininika omunye umyalelo, futhi emva kwalokho kufanele ngiye akuBaba ukuze ngigcwalise beminye imiyalelo anginike yona.

28 Manje bhekani, nanku umyalelo engininika wona, wokuthi ningavumeli namunye nibe nazi ukuthi aadle umzimba wami kanye negazi lami bngokungafanele, ngesikhathi niwubusisa.

29 Ngokuba lowo odlayo futhi aphuze umzimba wami kanye anegazi lami bngokungafanele udla futhi uphuza isiqalekiso emphefumulweni wakhe; ngakho-ke uma nazi ukuthi umuntu akafanelekile ukuthi adle futhi aphuze umzimba kanye negazi lami anibomenqabela.

30 Nokho, aningamkhipheli ngaphandle kwenu, kepha niyomfundisa futhi niyomkhulekela kuBaba, egameni lami; futhi uma kungukuthi uyaphenduka futhi ubhabhadiswa egameni lami, uma kunjalo niyomamukela, futhi niyomupha umzimba wami kanye negazi lami.

31 Kepha uma engaphenduki akanakubalwa kanye nabantu bami, ukuze angonakalisi abantu bami, ngokuba bhekani ngiyazazi aizimvu zami, futhi zibaliwe.

32 Nokho, aniyikumkhiphela ngaphandle kwamasinagoge enu, noma ezindaweni zenu zokukhonza, ngokuba kwabanjalo niyoqhubeka nokubasebenzela; ngokuba anazi ukuthi bayobuya nini futhi baphenduke, futhi beze kimi ngenhloso ephelele yenhliziyo, futhi angiyobelapha; futhi niyokuba yindlela yokuletha insindiso kubo.

33 Ngakho-ke, gcinani lezi zinto enginiyale ngazo ukuze ningangeni aekubekweni icala; ngokuba maye kulowo uBaba ambeka icala.

34 Futhi ngininika lemiyalelo ngenxa yezimpikiswano ebezikhona phakathi kwenu. Futhi nibusisiwe uma aningenazimpikiswano phakathi kwenu.

35 Manje sengiyahamba ngiya kuBaba, ngokuba kudingekile ukuthi ngihambe ngiye kuBaba angenxa yenu.

36 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi uJesu esenze isiphetho salezi zinkulumo, wathinta angesandla sakhe babafundi ayebakhethile, ngamunye ngamunye, kwaze kwaba ubathinta bonke, futhi wayekhuluma kubo ngesikhathi ebathinta.

37 Futhi isixuku asiwezwanga amazwi awakhuluma, ngakho-ke asizange sikufakazele lokho; kepha abafundi bakufakazela ukuthi wabanika aamandla okunika buMoya oyiNgcwele. Futhi ngizonikhombisa emuva kwalokhu ukuthi lombhalo uyiqiniso.

38 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi uJesu esebathintile bonke, kweza aifu futhi lamboza isixuku sangabe sisambona uJesu.

39 Futhi ngesikhathi besamboziwe wemuka kubo, futhi wenyukela ezulwini. Futhi abafundi bambona futhi bakufakazela ukuthi waphinde wenyukela ezulwini.