ImiBhalo eNgcwele
Mosiya 13


Isahluko 13

U-Abinadi uvikelwa ngamandla kaNkulunkulu—Ufundisa imiYalelo eyiShumi—Insindiso ayizi ngomthetho kaMose kuphela—UNkulunkulu uqobo Lwakhe uzokwenza inhlawulo futhi akhulule abantu Bakhe. Cishe ngonyaka we 148 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje ngesikhathi inkosi isiwazwile lamazwi, yathi kubaphristi bayo: Susani lomfokazi, nimbulale; ngokuba singenzani ngaye, ngokuba uyahlanya.

2 Futhi baphumela obala bazama ukumbamba; kodwa wamelana nabo, futhi wathi kubo:

3 Ningangithinti, ngokuba uNkulunkulu uzonishaya uma nibeka izandla zenu kimi, ngokuba angikaniniki umyalezo iNkosi engithume ukuthi ngiwulethe; futhi angikanitsheli ngalokho enicele ukuthi nginitshele khona; ngakho-ke, uNkulunkulu akanakuvuma ukuthi ngibhujiswe ngalesi sikhathi.

4 Kodwa kufanele ngigcwalise imiyalelo uNkulunkulu angiyale ngayo; futhi ngenxa yokuthi nginitshele iqiniso ningithukuthelele. Futhi phezu kwalokho, ngenxa yokuthi ngikhulume izwi likaNkulunkulu ningahlulele ngokuthi ngiyahlanya.

5 Manje kwenzeka emva kokuthi u-Abinadi esewakhulumile lamazwi abantu benkosi uNowa abalokothanga babeka izandla zabo kuye, ngokuba uMoya weNkosi wawuphezu kwakhe; futhi ubuso bakhe bakhanya ngenkazimulo enkulu, ngisho nanjengobukaMose ngesikhathi esentabeni yaseSinayi, ngesikhathi ekhuluma neNkosi.

6 Futhi wakhuluma ngamandla nangegunya elivela kuNkulunkulu; futhi waqhubeka namazwi akhe, ethi:

7 Niyabona ukuthi aninamandla okungibulala, ngakho-ke ngiyawuqedela umyalezo wami. Yebo, futhi ngiyabona ukuthi linidabula ezinhliziyweni zenu ngenxa yokuthi nginitshela iqiniso mayelana nobubi benu.

8 Yebo, futhi amazwi ami anigcwalisa ngokumangala nokwethuka, kanye nokuthukuthela.

9 Kodwa ngiyawuqedela umyalezo wami; futhi emva kwalokho akunandaba ukuthi ngiyakuphi, uma kungukuthi nje ngiyosindiswa.

10 Kodwa yilokhu enginitshela khona, lokho enikwenza kimi, emva kwalokhu, kuyokuba njengesibonakaliso kanye nomfanekiso wezinto ezizokwenzeka.

11 Manje nginifundela insalela yemiyalelo kaNkulunkulu, ngokuba ngiyabona ukuthi ayibhaliwe ezinhliziyweni zenu; ngiyabona ukuthi nifundile futhi nafundisa ububi isikhathi esiningi sezimpilo zenu.

12 Manje, niyakhumbula ukuthi ngithe kini: Ungazenzeli isithombe esibaziweyo, noma ngabe yimuphi umfanekiso wezinto ezisezulwini phezulu, noma ezisemhlabeni ngaphansi, noma ezisemanzini ngaphansi komhlaba.

13 Futhi phezu kwalokho: Ungazikhothameli, noma uzikhonze; ngokuba mina iNkosi uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi boyise kubantwana, kuso isizukulwane sesithathu kanye nesesine salabo abangizondayo;

14 Futhi ngikhombisa umusa kwabayizinkulungwane zalabo abangithandayo futhi nabagcina imiyalelo yami.

15 Ungaliphathi ngeze igama leNkosi uNkulunkulu wakho; ngokuba iNkosi ayizukumyeka ongenacala ophatha ngeze igama layo.

16 Khumbula usuku lwesabatha, ukulugcina lungcwele.

17 Izinsuku eziyisithupha uyosebenza, wenze ngazo wonke umsebenzi wakho;

18 Kodwa usuku lwesikhombisa, luyisabatha lweNkosi uNkulunkulu wakho, ungenzi namuphi umsebenzi, wena, noma yindodana yakho, noma yindodakazi yakho, nenceku yakho, noma yincekukazi yakho, noma yizinkomo zakho, noma yisihambi esingaphakathi kwamasango akho.

19 Ngokuba ngezinsuku eziyisithupha iNkosi yenza izulu nomhlaba, nolwandle, kanye nakho konke okukukho; ngalokho-ke iNkosi yalubusisa usuku lwesabatha, futhi yalungcwelisa.

20 Hlonipha uyihlo nonyoko, ukuze izinsuku zakho zande ezweni iNkosi uNkulunkulu wakho ekunike lona.

21 Ungabulali.

22 Ungaphingi. Ungebi.

23 Ungafakazi ngamanga ngomakhelwane wakho.

24 Ungafisi indlu kamakhelwane wakho, ungamfisi umfazi kamakhelwane wakho, noma inceku yakhe, noma incekukazi yakhe, noma inkabi yakhe, noma imbongolo yakhe, noma yini engekamakhelwane wakho.

25 Futhi kwenzeka ukuthi emva kokuthi u-Abinadi eseyiqedile lenkulumo wathi kubo: Ngabe nibafundisile yini laba bantu ukuthi baqaphele ukwenza zonke lezi zinto ukuze bayigcine lemiyalelo na?

26 Ngithi kini, Cha; ngokuba ukuba nikwenzile lokho, iNkosi ibingenakungenza ukuthi ngize lapha futhi ngiphrofethe ngobubi mayelana nalaba bantu.

27 Manje nithe insindiso iza ngomthetho kaMose. Ngithi kini kudingekile ukuthi niwugcine umthetho kaMose okwamanje; kodwa ngithi kini, isikhathi siyofika lapho kuyobe kungasadingekile nanini ukugcina umthetho kaMose.

28 Futhi ngaphezu kwalokho, ngithi kini, insindiso ayizi ngomthetho kaMose kuphela; futhi ukuba kwakungave kungenxa yenhlawulo, uNkulunkulu uqobo lwakhe ayoyenza ngenxa yezono kanye nobubi babantu bakhe, kufanele babhubhe ngokungavimbeleki, nakuba kukhona umthetho kaMose.

29 Manje ngithi kini kwakudingekile ukuthi kube khona umthetho onikezwa abantwana bakwa-Israyeli, yebo, ngisho umthetho oqine kakhulu; ngokuba babengabantu abangontamolukhuni, beshesha ukwenza ububi, futhi bephuza ukukhumbula iNkosi uNkulunkulu wabo;

30 Ngakho-ke kwakukhona umthetho ababenikwe wona, yebo, umthetho wezenzo kanye nezimiso, umthetho ababezowuqaphela ngobuqotho usuku nosuku, ukuze bagcinwe ekumkhumbuleni uNkulunkulu kanye nomsebenzi wabo kuye.

31 Kodwa bhekani, ngithi kini, zonke lezi zinto zaziyizibonakaliso sezinto ezazizokwenzeka.

32 Manje, ngabe bawuqonda yini umthetho na? Ngithi kini, Cha, abawuqondanga bonke umthetho; futhi lokhu kungenxa yobulukhuni bezinhliziyo zabo; ngokuba abaqondanga ukuthi akunakuba khona namunye umuntu osindiswayo ngaphandle kokuthi kube ngokukhululwa nguNkulunkulu.

33 Ngokuba bhekani, ngabe uMose akaphrofethanga yini kubo mayelana nokuza kukaMesiya, kanye nokuthi uNkulunkulu uyokhulula abantu bakhe na? Yebo, futhi ngisho bonke abaphrofethi abaphrofetha kusukela ekudabukeni komhlaba—abakhulumanga yini ngalokho okuthi akufane nalezi zinto na?

34 Abashongo yini ukuthi uNkulunkulu uqobo lwakhe uyokuza phansi phakathi kwabantwana babantu, athathe isimo somuntu, futhi ahambe ngamandla amakhulu phezu kobuso bomhlaba na?

35 Yebo, futhi abashongo yini ukuthi uyokwenza kube khona ukuvuka kwabafileyo, nokuthi yena, uqobo lwakhe, uyocindezelwa futhi ahlushwe na?