ImiBhalo eNgcwele
Alima 57


Isahluko 57

UHelamani ulanda ngokuthathwa kwe-Antipara nokunikelwa kanye nokuvikelwa kweKumeni kamuva—Izinsizwa zakhe zama-Amoni zilwa ngesibindi; zonke ziyalimala, kodwa akukho nayinye ebulawayo—UGide ubika ngokubulawa kanye nokweqa kweziboshwa zamaLamani. Kwakuphakathi kweminyaka engama 65 nengama 63 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje kwenzeka ukuthi ngathola incwadi ivela ku-Amoroni, inkosi, ithi uma ngangingaletha lezo ziboshwa zempi esasizithathile naye wayeyosinikeza idolobha lakwa-Antipara.

2 Kodwa ngathumela incwadi enkosini, ngithi sasinesiqiniseko ukuthi amabutho ethu ayenele ukuthi alithathe izwe lase-Antipara ngamandla ethu, futhi ukukhulula iziboshwa ngalelo dolobha kwakungasho ukuthi sasingahlakaniphile, futhi nokuthi sasiyozikhulula kuphela iziboshwa zethu ngokushintshisana.

3 Futhi u-Amoroni wayenqaba imibandela yencwadi yami, ngokuba wayengafuni ukushintshisana ngeziboshwa; ngakho-ke saqala ukwenza amalungiselelo okuthi siyohlasela idolobha lakwa-Antipara.

4 Kodwa abantu bakwa-Antipara nempela balishiya idolobha, futhi babalekela kwamanye amadolobha abo, okwakungawabo, ukuze bawaqinise; futhi ngaleyondlela idolobha lakwa-Antipara lawela ezandleni zethu.

5 Futhi waphela kanjalo-ke unyaka wamashumi amabili nesishiyagalombili wokubusa kwabehluleli.

6 Futhi kwenzeka ukuthi ekuqaleni konyaka wamashumi amabili nesishiyagalolunye, sathola ukudla, futhi kanjalo nokwengezelelwa ebuthweni lethu, kuphuma ezweni lakwaZarahemla, kanye nasezweni elizungeze lapho, okwaba yisibalo samadoda ayizinkulungwane eziyisithupha, ngaphandle kwamashumi ayisithupha aamadodana ama-Amoni ayefike ukuzohlanganyela nabafowabo, iqembu lami elincane lezinkulungwane ezimbili. Manje bheka, sase siqinile, yebo, futhi phezu kwalokho sabanokudla okuningi okwalethwa kithi.

7 Futhi kwenzeka ukuthi kwakuyisifiso sethu ukuthi siyiqhube impi nebutho elalibekwe ukuthi livikele idolobha iKumeni.

8 Manje bheka, ngizokukhombisa ukuthi sashesha sasifeza lesi sifiso sethu; yebo, nebutho lethu eliqinile, noma nenxenye yempi yethu eqinile, nempela salizungeza, ngobusuku, idolobha iKumeni, ngaphambi nje kancane kokuthi bathole ukudla.

9 Futhi kwenzeka ukuthi sakanisa sazungeza idolobha ubusuku obuningi; nempela salala phezu kwezinkemba zethu, futhi sabeka abaqaphi, ukuze amaLamani angezi kithi ebusuku asibulale, lokho akuzama izikhathi eziningi; kodwa ezikhathini eziningi; ekuzama lokhu igazi lawo lachithwa.

10 Ekugcineni ukudla kwawo kwafika, futhi ayesezongena edolobheni ngobusuku. Futhi thina, esikhundleni sokuba sibe ngamaLamani, sasingamaNefi; ngakho-ke, sawathatha kanye nokudla kwawo.

11 Futhi nakuba amaLamani esevinjelwe ukuthi athole ukusekelwa ngalendlela, ayesaphikelele ukuthi aligcine idolobha; ngakho-ke kwadingeka ukuthi sikuthathe lokho kudla sikuthumele kwaJudiya, kuthi iziboshwa zethu sizithumele ezweni lakwaZarahemla.

12 Futhi kwenzeka ukuthi kwakungakadluli izinsuku eziningi ngaphambi kokuthi amaLamani aqale ukulahla lonke ithemba lokusizwa; ngakho-ke alidedela idolobha ezandleni zethu; futhi ngalendlela sabe sesiwafezile amacebo ethu okuthola idolobha iKumeni.

13 Kodwa kwenzeka ukuthi iziboshwa zethu zaziziningi kakhulu kangangokuthi, naphezu kwesibalo sethu esikhulu, saphoqeka ukuthi sisebenzise wonke amabutho ethu ukuthi sizigcine, noma sizibulale.

14 Ngokuba bheka, ayeyodlubulundela abaleke eseyisibalo esikhulu kakhulu, futhi alwe ngamatshe, kanye nangezagila, noma nanganoma yini enye into ayengayithola, kangangokuthi nempela sabulala angaphezulu kwezinkulungwane ezimbili kuyaphezulu emuva kokuthi esezinikele ukuba yiziboshwa zempi.

15 Ngakho-ke kwadingeka, ukuthi siziqede izimpilo zawo, noma siwaqaphe, ngenkemba esandleni, siwehlise aye ezweni lakwaZarahemla; futhi phezu kwalokho nokudla kwethu kwakungabenele abantu bethu, singakubali lokho esasikuthathe kumaLamani.

16 Manje, kulezo zimo ezibucayi, kwaba wudaba olunzima kakhulu ukuthi kuthathwe isinqumo ukuthi kwenziweni ngalezi ziboshwa zempi; nokho, sanquma ukuthi sizithumele ezansi ezweni lakwaZarahemla; ngakho-ke sakhetha inxenye yamadoda ethu, sawanikeza igunya phezu kweziboshwa zethu ukuthi aye ezansi ezweni lakwaZarahemla.

17 Kodwa kwenzeka ukuthi ngakusasa abuya. Manje bheka, asiwabuzanga mayelana neziboshwa; ngokuba bheka, amaLamani ayesephezu kwethu, futhi abuya ngesikhathi ukuthi azosisindisa ukuthi singaweli ezandleni zawo. Ngokuba bheka, u-Amoroni wayesewathumele isabelo esisha sokudla futhi kanjalo namabutho amaningi amadoda.

18 Futhi kwenzeka ukuthi lawo madoda esasiwathumele neziboshwa afika ngesikhathi ukuzowamisa, njengoba ayesezosinqoba.

19 Kodwa bheka, iqembu lami elincane lezinkulungwane ezimbili kanye namashumi ayisithupha lalwa ngokuzinikela okukhulu; yebo, laliqinile phambi kwamaLamani, futhi bababulala bonke ababe bhekene nabo.

20 Futhi njengoba insalela yempi yethu yase ifuna ukuhlehla phambi kwamaLamani, bheka, lezo zinkulungwane ezimbili namashumi ayisithupha zaziqinile futhi zingadikibali.

21 Yebo, futhi zalalela futhi zaqaphela ukuthi ziwenze wonke amazwi okuyalwa ngokuyikho; yebo, futhi kwenzeka kuzo ngisho njengokokholo lwazo; futhi ngawakhumbula amazwi ezawakhuluma kimi okuthi aonina babezifundisile.

22 Manje bheka, kwakuyila madodana ami, kanye nalawo madoda ayekade ekhethiwe ukuthi ahambise iziboshwa, esibabonga ngalokhu kunqoba okukhulu; ngokuba kwakuyibo abawashaya amaLamani; ngakho-ke aqhutshwa aphindiselwa emuva edolobheni lakwaManti.

23 Futhi saligcina idolobha lethu iKumeni, futhi asibulawanga sonke ngenkemba; nokho, salahlekelwa kakhulu.

24 Futhi kwenzeka ukuthi emva kokuthi amaLamani esebalekile, ngokushesha nganikeza imiyalelo yokuthi amadoda ami ayelimele mawathathwe phakathi kwabafileyo, futhi ngenza ukuthi izilonda zabo ziboshwe.

25 Futhi kwenzeka ukuthi kwakukhona abangamakhulu amabili, kulabo abayizinkulungwane ezimbili namashumi ayisithupha bami, ababequleke ngenxa yokulahlekelwa yigazi; nokho, ngenxa yobuhle bukaNkulunkulu, futhi nangokumangala kwethu okukhulu, futhi nokwabangela injabulo yamabutho ethu onke, kwakungekho anamunye wabo owafayo; yebo, futhi kwakungekho namunye phakathi kwabo owayengawatholanga amanxeba amaningi.

26 Manje, ukulondolozeka kwabo kwakumangalisa ebuthweni lethu lonke, yebo, ukuthi balondolozeke kube kukhona inkulungwane yabafowethu ababe bulewe. Futhi ngokufanele sikubona kungenxa ayamandla amangalisayo kaNkulunkulu, ngenxa byokholo lwabo olukhulu kulokho ababefundiswe khona ukuthi bakukholwe—ukuthi kwakukhona uNkulunkulu olungile, futhi nokuthi lowo owayengangabazi, wayeyolondolozwa ngamandla akhe amangalisayo.

27 Manje lolu kwakuwukholo lwalabo engikhulume ngabo; bancane, futhi imiqondo yabo igxilile, futhi babeka ithemba labo kuNkulunkulu njalo-njalo.

28 Manje kwenzeka ukuthi emva kokuthi sesiba nakekele abantu bethu abalimele, futhi sesiba ngcwabile abethu ababefile futhi kanjalo nabafileyo bamaLamani, ababe baningi, bheka, nempela sabuza kuGide mayelana nalezo ziboshwa ezaziqale ukuhamba zehla zaya ezweni lakwaZarahemla naye.

29 Manje uGide kwakuyinduna enkulu yeqembu eyayibekwe ukuthi iziqaphe ngesikhathi zehla ziya kulelozwe.

30 Manje, lawa ngamazwi uGide awakhuluma kimi: Bheka, siqalile ukuhamba sehlela ezansi ezweni lakwaZarahemla neziboshwa zethu. Futhi kwenzeka ukuthi sahlangana nezinhloli zamabutho ethu, ezazithunyelwe ukuthi ziyobheka inkambi yamaLamani.

31 Futhi zasimemeza, zithi—Bhekani, amabutho amaLamani ahamba aqonde ngasedolobheni iKumeni; futhi bhekani, azobahlasela, yebo, futhi azobabulala abantu bethu.

32 Futhi kwenzeka ukuthi iziboshwa zethu nempela zakuzwa ukukhala kwazo, okwenza ukuthi zibe nesibindi; futhi zaqala ukusivukela.

33 Futhi kwenzeka ngenxa yokusivukela kwazo nempela senza ukuthi izinkemba zethu ziwele phezu kwazo. Futhi kwenzeka ukuthi zaya ziyiqembu zagijimela ezinkembeni zethu, okwenza ukuthi, isibalo esikhulu sazo sibulawe; kwase kuthi insalela yazo yeqa futhi yasibalekela.

34 Futhi bheka, ngesikhathi sezibalekile asikwazanga ukuzifica, sathatha uhambo lwethu ngejubane saqonda ngasedolobheni iKumeni; futhi bheka, nempela safika ngesikhathi ukuthi sisize abafowethu ekugcineni idolobha.

35 Futhi bheka, sesiphinde sakhululwa saphuma ezandleni zezitha zethu. Futhi libusisiwe igama likaNkulunkulu wethu; ngokuba bheka, nguye osikhululile; yebo, osenzele lento enkulu kangaka.

36 Manje kwenzeka ukuthi ngesikhathi mina, Helamani, sengiwazwile lamazwi kaGide, ngagcwala injabulo enkulu ngenxa yobuhle bukaNkulunkulu ekusilondolozeni, ukuze sonke singafi; yebo, futhi ngiyethemba ukuthi imiphefumulo yalaba ababulawayo aisingene ekuphumuleni kukaNkulunkulu wabo.