ImiBhalo eNgcwele
Mosiya 16


Isahluko 16

UNkulunkulu ukhulula abantu esimweni sabo sokulahleka kanye nesokuwa—Labo abanaka inyama basala sengathi akuzange kube khona kukhululwa—UKristu ufeza ukuvukela ekuphileni okungenakuphela noma ubuhlungu obungenakuphela. Cishe ngonyaka we 148 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje, kwenzeka ukuthi emva kokuthi u-Abinadi esekhulume lamazwi welula isandla sakhe futhi wathi: Isikhathi siyeza lapho bonke beyoyibona ainsindiso yeNkosi; lapho zonke izizwe, imindeni, izilimi, kanye nabantu beyobona iso neso futhi bbeyovuma phambi kukaNkulunkulu ukuthi izahlulelo zakhe zilungile.

2 Futhi ngaleso sikhathi ababi abayolahlwa, futhi bayokuba nesizathu sokuhhewula, bnesokukhala, nesokulila, kanye nesokugedla amazinyo abo; futhi lokhu kuyoba ngenxa yokuthi bengalilalelanga izwi leNkosi; ngakho-ke iNkosi ayibakhululi.

3 Ngokuba abanaka inyama futhi banobudeveli, futhi budeveli unamandla phezu kwabo; yebo, ngisho leyo nyoka endala ceyakhohlisa abazali bethu bokuqala, eyaba yisizathu dsokuwa kwabo; okwaba yisizathu sesintu sonke ukuthi sinake inyama, nemizwa, sibe nobudeveli, esazi okubi kokuhle, sizibeka ngaphansi kokulawulwa ngudeveli.

4 Ngalendlela sonke isintu asalahleka; futhi bheka, sasiyolahleka okokuphela ukuba kwakungekhona ukuthi uNkulunkulu wabakhulula abantu bakhe ekulahlekeni kwabo kanye nasesimweni sabo sokuwa.

5 Kodwa khumbulani ukuthi lowo ophikelelayo esimweni sakhe asemvelo yasemhlabeni, aqhubeke ezindleleni zesono futhi ahlubuke kuNkulunkulu, uhlala esesimweni sakhe sokuwa futhi udeveli uba namandla onke phezu kwakhe. Ngakho-ke kuye kuba sengathi akuzange kuze kube khona bkukhululwa okwenziwayo, eyisitha kuNkulunkulu; futhi ngokunjalo nodeveli uyisitha kuNkulunkulu.

6 Futhi ukuba uKristu ubengazange eze emhlabeni, ngikhuluma ngezinto ezisazokwenzeka asengathi sezenzekile, bekungeke kube khona ukukhululwa.

7 Futhi ukuba uKristu akazange avuke kwabafileyo, noma agqabule izibopho zokufa ukuze ithuna lingabi nakunqoba, futhi nokuthi ukufa kungabi anadosi, belungenakuba khona uvuko.

8 Kodwa lukhona auvuko, ngakho-ke ithuna alinakunqoba, futhi udosi blokufa lugwinywe kuKristu.

9 aUngukukhanya kanye nokuphila komhlaba; yebo, ukukhanya okungapheliyo, okungenakufiphaliswa nanini; yebo, futhi ngokunjalo nempilo engapheliyo, ukuze kungabe kusaba khona ukufa nanini.

10 Ngisho nalokhu okufayo kuyogqoka aukungafi; futhi nalokhu okubolayo kuyogqoka ukungaboli, futhi kuyolethwa ukuba bkume phambi kwesihlalo sikaNkulunkulu, ukuze ckwahlulelwe nguye njengokwemisebenzi yabo noma ngabe mihle noma ngabe mibi—

11 Uma imihle, ovukweni alokuphila okungapheliyo kanye nenjabulo; futhi uma imibi, ovukweni blobuhlungu obungapheliyo, benikezwe udeveli, obabeke ngaphansi kwakhe, okungubuhlungu—

12 Behambe ngokwentando yenyama kanye nezifiso zabo; bengazange bayibize nanini iNkosi ngesikhathi izingalo zomusa ziselulelwe kubo; ngokuba izingalo azomusa zazelulelwe kubo, futhi abazange bawemukele umusa; beyaliwe ngobubi babo kepha bengasukanga kubo; futhi bayalwa ukuthi baphenduke kepha abazange baphenduke.

13 Manje, ngabe akumele yini nithuthumele futhi niphenduke ezonweni zenu, futhi nikhumbule ukuthi kuphela kuye kanye nangaye uKristu ningasindiswa na?

14 Ngakho-ke, uma nifundisa aumthetho kaMose, phezu kwalokho fundisani ukuthi kuwumfanekiso walezo zinto ezizayo—

15 Bafundiseni ukuthi ukukhululwa kuza ngoKristu iNkosi, aonguBaba waPhakade uqobo. Amen.