ImiBhalo eNgcwele
Alima 46


Isahluko 46

U-Amalikiya wenza uzungu lokuba yinkosi—UMoroni uphakamisa isibonakaliso senkululeko—Uhlanganisa abantu ukuthi bavikele inkolo yabo—Abakholwa ngeqiniso babizwa ngamaKristu—Insali kaJosefa iyolondolozwa—U-Amalikiya kanye nabahlubuki babalekela ezweni lakwaNefi—Labo abangezukuyisekela imigomo yenkululeko bayabulawa. Cishe ngonyaka wama 73 kuya kowama 72 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Futhi kwenzeka ukuthi ngobuningi balabo ababengafuni ukuwalalela amazwi kaHelamani kanye nabafowabo babuthana ndawonye ngokumelene nabafowabo.

2 Manje bheka, babethukuthele kakhulu, kangangokuthi babephokophelele ukuthi bababulale.

3 Manje umholi walabo ababe thukuthelele abafowabo wayemkhulu futhi eyindoda eqinile; futhi igama lakhe kwakungu-Amalikiya.

4 Futhi u-Amalikiya wayenesifiso sokuthi abe yinkosi; nalabo bantu ababe thukuthele nabo ngokunjalo babenesifiso sokuthi abe yinkosi yabo; futhi babeyinxenye enkulu yalabo aababengabehluleli abancane bezwe, futhi ababefuna amandla.

5 Futhi babeholwe ngu-Amalikiya ngokubathopha, ngokuthi uma bengamsekela futhi bambeke ukuthi abe yinkosi yabo uyobenza babe ngababusi phezu kwabantu.

6 Ngalendlela u-Amalikiya wabaholela kude ekuhlubukeni, bangayinaka intshumayelo kaHelamani nabafowabo, yebo, naphezu kokunakekelwa kwabo okukhulu ebandleni, ngokuba babengabaphristi abakhulu ebandleni.

7 Futhi babebaningi ebandleni ababekholelwa emazwini athophayo ka-Amalikiya, ngakho-ke bahlubuka ngisho nasebandleni; futhi zaba kanjalo-ke izindaba zabantu baNefi ezazinobucayi obukhulu kanye nobungozi, naphezu akokunqoba kwabo okukhulu ababanakho kumaLamani, kanye nenjabulo enkulu ababe nayo ngenxa yokukhululwa kwabo ngesandla seNkosi.

8 Ngakho-ke siyabona ukuthi abashesha kanjani abantwana babantu ukukhohlwa yiNkosi uNkulunkulu wabo, yebo, bashesha kanjani ukuthi benze ububi, futhi bakhohliswe ngomubi.

9 Yebo, futhi phezu kwalokho siyabubona aububi obukhulu umuntu omubi kakhulu angabenza ukuthi bube khona phakathi kwabantwana babantu.

10 Yebo, siyabona ukuthi u-Amalikiya, ngenxa yokuthi wayeyindoda eyayinamacebo anobuqili futhi eyindoda enamazwi anokuthopha okuningi, ukuthi wakhohlisa izinhliziyo zabantu abaningi ukuthi benze ububi; yebo, futhi nokuthi bafune ukuliqeda ibandla likaNkulunkulu futhi baqede isisekelo asenkululeko uNkulunkulu ayebanikeze sona, noma isibusiso uNkulunkulu ayesithumele phezu kobuso bezwe bngenxa yabalungileyo.

11 Manje kwenzeka ukuthi ngesikhathi uMoroni, aowayengumkhuzi omkhulu wamabutho amaNefi, esezwile ngalokhu kuhlubuka, wamthukuthelela u-Amalikiya.

12 Futhi kwenzeka ukuthi wadabula ibhantshi lakhe; wathatha isiqephu salo; wabhala kuso ukuthi—aIsikhumbuzo sikaNkulunkulu wethu, inkolo yethu, kanye nenkululeko, kanye nokuthula kwethu, abafazi bethu, kanye nabantwana bethu—futhi wasibophela echosheni lesibonda.

13 Futhi wabophela isivikelo sekhanda sakhe, kanye nesivikelo sesifuba sakhe, kanye nezihlangu zakhe, futhi wabhinca isivikelo sakhe okhalweni lwakhe; futhi wathatha isibonda, esasinebhantshi lakhe elalidatshuliwe lachonywa kuso, (futhi wasibiza ngokuthi yisibonakaliso senkululeko) futhi waguqa phansi, wakhuleka kakhulu kuNkulunkulu wakhe ekhulekela izibusiso zenkululeko ukuthi zehlele phezu kwabafowabo, uma nje kusekhona iqembu lamaKristu elisasele ukuthi lithathe izwe—

14 Ngokuba babebizwa kanje bonke labo ababekholwa ngeqiniso kuKristu, labo okwakungabase bandleni likaNkulunkulu, yilabo ababengesibo abasebandleni.

15 Futhi labo okwakungabasebandleni babethembekile; yebo, bonke labo ababekholwa ngeqiniso kuKristu bamukela, ngokuthokoza, aigama likaKristu, noma bamaKristu njengoba babebizwa kanjalo, ngenxa yokukholwa kwabo kuKristu okwakufanele eze.

16 Ngakho-ke, ngalesi sikhathi, uMoroni wakhulekela ukuthi okufunwa ngamaKristu, kanye nenkululeko yezwe sengathi kungasekelwa nguNkulunkulu.

17 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi esekhuleke ngentshisekelo kuNkulunkulu, lonke izwe elaliseningizimu yezwe walibiza nge aNcithakalo, yebo, ukuphetha, lonke izwe, elisenyakatho kanye neliseningizimu—walibiza ngelikhethekileyo, kanye nezwe lenkululeko.

18 Futhi wathi: Ngempela uNkulunkulu akanakuvuma ukuthi thina, esihlushwayo ngenxa yokuthi semukele igama likaKristu, sinyathelwe phansi futhi sibulawe, kuze kube sikuletha kithi ngeziphambeko zethu uqobo.

19 Futhi ngesikhathi uMoroni esewashilo lamazwi, wahamba waya phakathi kwabantu, ephephezelisa inxenye ayengubo yakhe eyayidatshuliwe emoyeni, ukuze bonke bawubone umbhalo ayewubhalile kuleyo nxenye eyayidatshuliwe, futhi wayememeza ngezwi elikhulu ethi:

20 Bhekani, labo abazosigcina lesi sibonakaliso kulelizwe, mabeze phambili ngamandla eNkosi, futhi bangene esivumelwaneni sokuthi bazowagcina amalungelo abo, kanye nenkolo yabo, ukuze iNkosi uNkulunkulu ibabusise.

21 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi uMoroni esewamemezele lamazwi, bheka, abantu beza begijima ndawonye nezivikelo zabo ziboshelwe ezinkalweni zabo, bedabula izingubo zabo njengophawu lokuzinikela, noma njengesivumelwano, sokuthi ngeke bayilahle iNkosi uNkulunkulu wabo; noma, ngamanye amazwi, uma bengeqa imiyalelo kaNkulunkulu, noma bawele esiphambekweni, futhi abangafisi ukubizwa nge gama likaKristu, kuyofanele ukuthi iNkosi ibadabule ngisho njengoba nabo bedabule izingubo zabo.

22 Manje lesi kwakuyisivumelwano abasenza, futhi balahla izingubo zabo ezinyaweni zikaMoroni, bethi: Sivumelana noNkulunkulu wethu, ukuthi siyobulawa, ngisho njengabafowethu abasezweni elingasenyakatho, uma siyowela esiphambekweni; yebo, angasilahla ezinyaweni zezitha zethu, ngisho njengoba nathi siphonse izingubo zethu ezinyaweni zakho ukuthi zinyathelwe phansi kwezinyawo, uma siyowela esiphambekweni.

23 UMoroni wathi kubo: Bhekani, siyinsali yenzalo kaJakobe; yebo, siyinsali ayenzalo ka bJosefa, cibhantshi lakhe eladatshulwa ngabafowabo laba yizicucu eziningi; yebo, manje bhekani, masikhumbule ukuthi siyigcine imiyalelo kaNkulunkulu, ngaphandle kwalokho izingubo zethu ziyodatshulwa ngabafowethu, futhi siphonswe etilongweni, noma sithengiswe, noma sibulawe.

24 Yebo, masiyigcine inkululeko yethu anjengensali kaJosefa; yebo, masiwakhumbule amazwi kaJakobe, ngaphambi kokufa kwakhe, ngokuba bheka, wabona ukuthi inxenye yensalela yebhantshi likaJosefa yalondolozwa futhi ayizange ibole. Futhi wathi—Ngisho njengoba le nsalela yengubo yendodana yami yalondolozwa, kanjalo bnensali yenzalo yendodana yami iyolondolozwa ngesandla sikaNkulunkulu, futhi ithathwe iyiswe kuye, ngesikhathi insali yenzalo kaJosefa ishabalala, ngisho njengensalela yengubo yakhe.

25 Manje bheka, lokhu kwenza umphefumulo wami ube nosizi; nokho, umphefumulo wami unentokozo ngendodana yami, ngenxa yaleyo nxenye yenzalo yayo eyothathwa iyiswe kuNkulunkulu.

26 Manje bheka, lawa kwakungamazwi kaJakobe.

27 Manje ngubani owaziyo ukuthi mhlawumbe insali yenzalo kaJosefa, leyo eyoshabalala njengengubo yakhe, yiyo leyo eyahlubuka kithi na? Yebo, futhi ngisho kuyoba yithi uqobo uma singami siqine okholweni lukaKristu.

28 Manje kwenzeka ukuthi ngesikhathi uMoroni esewashilo lamazwi waqhubekela phambili, futhi wabuye wathumela ezinxenyeni zonke zezwe lapho kwakukhona ukuhlubuka, futhi waqoqela ndawonye bonke abantu ababenesifiso sokugcina inkululeko yabo, ukuthi bamelane no-Amalikiya kanye nalabo ababehlubukile, ababebizwa ngokuthi ngama-Amalikiya.

29 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi u-Amalikiya ebona ukuthi abantu baMoroni babebaningi kakhulu kunama-Amalikiya—futhi phezu kwalokho wabona ukuthi abantu bakhe babenqikaza mayelana nokulunga kwaleyo ndlela ababeyithathile—ngakho-ke, enokwesaba ukuthi hleze angazuzi lutho, wathatha labo bantu bakhe ababefuna bemuka baya ezweni likaNefi.

30 Manje uMoroni wacabanga ukuthi kwakungafanele ukuthi amaLamani abe namanye amandla angaphezulu; ngakho-ke wacabanga ukuthi abavimbele abantu ba-Amalikiya, noma abathathe ababuyisele emuva, bese ebulala u-Amalikiya; yebo, ngokuba wayazi ukuthi wayezowaphehla amaLamani ukuthi abathukuthelele, futhi awenze ukuthi eze azolwa nabo; futhi lokhu wayekwazi ukuthi u-Amalikiya wayengakwenza ukuze afeze izinhloso zakhe.

31 Ngakho-ke uMoroni wacabanga ukuthi kwakufanele ukuthi athathe amabutho akhe, ayekade ebuthene ndawonye, futhi azihlomisa, futhi angena esivumelwaneni sokugcina ukuthula—futhi kwenzeka ukuthi wathatha impi yakhe wahamba waphuma namatende akhe waya ehlane, ukuze ayovimba indlela ka-Amalikiya ehlane.

32 Futhi kwenzeka ukuthi nempela wenza njengokwezifiso zakhe, futhi waqhubekela phambili ehlane, wawanqanda amabutho ka-Amalikiya.

33 Futhi kwenzeka ukuthi u-Amalikiya wabaleka nedlanzana elincane labantu bakhe, kwathi insalela yanikwa uMoroni futhi bathathwa babuyiselwa ezweni lakwaZarahemla.

34 Manje, uMoroni eyindoda aeyayibekwe ngabehluleli abakhulu kanye nangezwi labantu, ngakho-ke wayenamandla ngokwentando yakhe ngokuphathelene namabutho amaNefi, ukuthi amise futhi asebenzise igunya phezu kwawo.

35 Futhi kwenzeka ukuthi lowo wama-Amalikiya owayengenakungena esivumelwaneni sokuthi asekele indlela yenkululeko, ukuthi bagcine umkhandlu ophethe okhululekile, wenza ukuthi abulawe; futhi babekhona kodwa bembalwa abasenqaba isivumelwano senkululeko.

36 Futhi kwaphinde kwenzeka, ukuthi wenza isibonakaliso senkululeko sibekwe kuyo yonke imibhoshongo eyayikhona kulo lonke izwe, okwakungelamaNefi; futhi ngalendlela uMoroni wasitshala isibonakaliso senkululeko phakathi kwamaNefi.

37 Futhi baqala ukuthi babe nokuthula futhi ezweni; futhi ngalendlela nempela bakugcina ukuthula ezweni kwaze kwaba cishe ngasekupheleni konyaka weshumi nesishiyagalolunye wokubusa kwabehluleli.

38 Futhi uHelamani kanye anabaphristi abakhulu nempela bakugcina ukuhleleka ebandleni; yebo, kwaze kwaba yisikhathi esiyiminyaka emine benokuthula okukhulu futhi kanye nokuthokoza ebandleni.

39 Futhi kwenzeka ukuthi babebaningi abafayo, begxilile aekukholweni ukuthi imiphefumulo yabo yayikhululiwe yiNkosi uJesu Kristu; ngakho-ke bahamba emhlabeni bethokozile.

40 Futhi kwakukhona abanye abafa bebulawa yimikhuhlane, okwakuthi ngezinye izikhathi ezithile zonyaka ivame kakhulu ezweni—kodwa hhayi kakhulu kangako ngemikhuhlane, ngenxa yamakhambi amahle kakhulu aezitshalo eziningi kanye nezimpande uNkulunkulu ayezilungiselele ukuthi zisuse imbangela yezifo, abantu ababenazo ngenxa yesimo sezulu—

41 Kodwa babebaningi abafa ngenxa yobudala; futhi labo abafela okholweni lukaKristu abathokozile kuye, njengoba nathi kufanele sicabange kanjalo.